Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 4/01 k. 7
  • IZaziso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IZaziso
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2001
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2001
km 4/01 k. 7

IZaziso

◼ Isipho sencwadi ngo-April no-May: Omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! Hambisani incwadi Ulwazi noma incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo?, ngomgomo wokuqala izifundo zeBhayibheli zasekhaya. Ngo-June: Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? noma Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade. Gxilani ekuqaleni izifundo zeBhayibheli zasekhaya. Ngo-July: Kungase kusetshenziswe noma iyiphi incwajana enamakhasi angu-32 kulezi ezilandelayo: “Bheka, Ngenza Konke Kube-Kusha,” IGama LaPheZulu Eliyohlala Phakade, Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu?, Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?, Iyini Injongo Yokuphila—Ungayithola Kanjani?, Jabulela Ukuphila Phakade Emhlabeni!, Kwenzekani Kithi Lapho Sifa?, Lapho Ufelwa Othandekayo nethi UHulumeni Oyoletha IPharadesi. Lapho kufaneleka khona kungase kuhanjiswe izincwajana ezilandelayo, Imimoya Yabafileyo Ingakusiza Noma Ingakulimaza? Ingabe Ikhona Ngempela?, Incwadi Yabo Bonke Abantu, Our Problems—Who Will Help Us Solve Them? nethi Will There Ever Be a World Without War?

◼ Inkulumo No. 3 no-4 ‘Esimisweni Sesikole Senkonzo Esingokwasezulwini Sika-2001’ zivela emakhasini nezigaba ezikhonjiwe encwadini Ukubonisana. Lapho nibala izigaba encwadini, balani kuphela lezo ezibhalwe zangena ekhasini.

◼ Kubalulekile ukuba iNhlangano ibe nombhalo onayo yonke imininingwane yamuva yamakheli nezinombolo zocingo zabo bonke ababonisi abengamele nonobhala. Uma kuba khona ushintsho nganoma isiphi isikhathi, unobhala kufanele agcwalise ifomu elithi Ushintsho Lwekheli Lombonisi Owengamele/Unobhala (S-29) futhi alithumele eNhlanganweni ngokushesha. Lokhu kuhlanganisa nanoma yiluphi ushintsho lwenombolo yeposi yendawo.

◼ Onobhala bamabandla kufanele babe nesitokwe esanele samafomu eSicelo Senkonzo Yamaphayona Avamile (S-205) naweSicelo Senkonzo Yamaphayona Asizayo (S-205b). Lawa anga-odwa nge-Literature Request Form (S-14). Okungenani yibani nesitokwe esingathatha unyaka. Bukezani wonke amafomu esicelo senkonzo yamaphayona avamile ukuze niqiniseke ukuthi agcwaliswe kahle. Uma abenza isicelo bengalukhumbuli ngokuthé ngqo usuku ababhapathizwa ngalo, kufanele bacabangele usuku bese lugcinwa.

◼ Amabandla kufanele aqale uku-oda imiqulu ye-Watchtower neye-Awake! ka-2000. Imiqulu izotholakala ngesiJalimane, isiNgisi nesiPutukezi. Kuze kube yilapho le miqulu isitholakala futhi yathunyelwa, kuyobhalwa ukuthi “Kusazothunyelwa” ohlwini lwezincwadi ezithunyelwe. Imiqulu iyizinto ezi-odwa ngokukhethekile.

◼ Kusukela ngesonto lika-July 30, 2001, sizofunda incwadi ethi ISiprofetho Sika-Isaya—Ukukhanya Kuso Sonke Isintu I eSifundweni Sencwadi Sebandla.

◼ Noma nini lapho uhlelo lokuvakasha komuntu siqu luhlanganisa ukuya emihlanganweni yebandla, imihlangano yesifunda noma imihlangano yesigodi yakwelinye izwe, isicelo sakho mayelana nezinsuku, izikhathi nendawo yale mihlangano kufanele siqondiswe ehhovisi legatsha elinakekela umsebenzi kulelo zwe. Amakheli amahhovisi egatsha atholakala ekhasini lokugcina le-Ncwadi Yonyaka entsha.

◼ Kusukela kweka-April 1, 2001, INqabayokulinda yesiPutukezi izotholakala nangamakhasethi.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela