Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 4/01 kk. 5-6
  • Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2001
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2001
km 4/01 kk. 5-6

Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini

Ukubukeza izincwadi zivaliwe ukwaziswa okwahlanganiswa ezabelweni zeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini zesonto lika-January 1 kuya ku-April 23, 2001. Sebenzisa iphepha elihlukile ekubhaleni izimpendulo zemibuzo eminingi ngangokunokwenzeka ngesikhathi esinikeziwe.

[Phawula: Phakathi nokubukeza okulotshwayo, iBhayibheli kuphela elingase lisetshenziswe ekuphenduleni noma imuphi umbuzo. Izikhombo ezilandela imibuzo ezokuba uzicwaningele wena siqu. Izinombolo zamakhasi nezigaba zingase zingaveli kuzo zonke izikhombo ze-Nqabayokulinda.]

Phendula ngayinye yezinkulumo ezilandelayo ngokuthi Iqiniso noma Amanga:

1. Nakuba kungafanele nanini sivumele uzwela ukuba lusenze singakuboni ukona okungathi sína, singalingisa isibonelo sikaJosefa sokumthethelela ngomusa umuntu osephendukile oye wasona. (Gen. 42:21; 45:4, 5) [w99-ZU 1/1 k. 31 izig. 2-3]

2. Ngaphandle kokuba nezinhlu zozalo, eyoku-1 IziKronike imane nje iwukuphindwa kwendaba esezincwadini zikaSamuweli nezamaKhosi. [si-ZU k. 75 isig. 1]

3. Munye kuphela “umphik’ ukristu” iBhayibheli elibhekisela kuye, ozovela esikhathini esithile esizayo. [rs-ZU k. 383].

4. UJesu wabonisa ukuthobeka kwakhe ngokwamukela isabelo esiyingqayizivele sokuza emhlabeni evela ezulwini futhi abe umuntu ophansi, ephansi kunanezingelosi. (Fil. 2:5-8; Heb. 2:7) [w99-ZU 2/1 k. 6 isig. 3]

5. Ukuvubukula kuyakuqinisekisa ukuhlasela kukaShishaki uJuda nokuphanga “ingcebo yendlu kaJehova nengcebo yendlu yenkosi.” (2 IziKr. 12:9) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w88-ZU 2/1 k. 26 isig. 4.] 6. AmaKristu ekhulu lokuqala ayengazibhapathizi izinsana? [rs-ZU k. 224]

7. Umuntu akufanele akhonze uNkulunkulu ngoba elindele ukuthola umvuzo. [w99-ZU 4/15 k. 16 isig. 1]

8. Lapho ebhekisela ‘emisebenzini’ kaJehova, njengoba kulotshwe kumaHubo 103:2, uDavide wayecabanga ngendalo kaJehova ebonakalayo. [w99-ZU 5/15 k. 21 izig. 5-6]

9. Amathempeli akhiwa uSolomoni, uZerubabele noHerode kanye netabernakele elakhiwa uMose, wonke afanekisela into efanayo. [si-ZU k. 87 isig. 16]

10. Izinhlu zozalo ezitholakala kweyoku-1 IziKronike azilizuzisanga ngalutho ibandla lokuqala lobuKristu. [si-ZU k. 78 isig. 23]

Phendula imibuzo elandelayo:

11. Kungani indlu ka-Ahabi yathola isahlulelo sikaJehova esinzima? (1 AmaKh. 16:31; 2 Amakh. 9:7, 26) [si-ZU k. 74 isig. 34]

12. Njengoba kuboniswe kuMathewu 24:45-51, babonakala ngaziphi izimpawu labo ababa yizihlubuki? [rs-ZU k. 281] 13. Yisiphi isifundo esisangulukisayo ngokuphathelene namakhono esingasifunda endabeni yeNkosi YakwaJuda u-Uziya? (2 IziKr. 26:15-21) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w99-ZU 12/1 k. 26 izig. 1-2.]

14. Kunokuba amise inkambiso, isiphi isifundo esinamandla uJesu asinikeza sona ngokugeza izinyawo zabaphostoli bakhe? (Joh. 13:4, 5) [w99-ZU 3/1 k. 31 isig. 1]

15. Kungani ukulandisa okukweyoku-1 IziKronike 14:8-17 kwakuthakazelisa osukwini luka-Isaya, futhi kungani kufanele kuthakazelise kweLobukholwa namuhla? (Isaya 28:21) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w91-ZU 6/1 k. 21 izig. 2-3.]

16. Isiphi isici sokukhulekela uBali esakwenza kwakhanga kuma-Israyeli amaningi? [w99-ZU 4/1 k. 29 izig. 3-6] 17. Yisiphi isifundo esiwusizo esingasifunda emsebenzini kaHezekeli wokuvikela nokwandisa amanzi aseJerusalema? (2 IziKr. 32:3, 4) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w96-ZU 8/15 k. 6 izig. 1-2.]

18. Isibonelo sikaJosiya singabakhuthaza kanjani abasebasha namuhla ukuba bakhonze uNkulunkulu futhi bame beqinile ngokumelene nokukhulekela kwamanga? (2 IziKr. 34:3, 8, 33) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w90-ZU 8/1 k. 5 isig. 2.]

19. Ingabe wonke amaJuda asala eBabiloni ayengathembekile, futhi isiphi isifundo esiwusizo esingasifunda kulokhu? (Ezra 1:3-6) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w86-ZU 1/15 k. 8 izig. 4, 7.]

20. Ekulandiseni okusencwadini yesi-2 IziKronike 5:13, 14, yini ebonisa ukuthi uJehova wayelalele umculo wokudumisa kwabantu bakhe nokuthi wayewujabulela? [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w94-ZU 5/1 k. 10 isig. 7.]

Nikeza igama (amagama) noma umusho odingekayo ukuze uqedele ngayinye yalezi zinkulumo ezilandelayo:

21. Onikeza umKristu akanye naye iseluleko kufanele aqiniseke ukuthi lokho akushoyo kusekelwe ․․․․․․․․, kokuhlonipha uNkulunkulu, hhayi ․․․․․․․․ noma ․․․․․․․․ abantu. (Kol. 2:8) [w99-ZU 1/15 k. 22 isig. 1]

22. Ngeke kwenzeke ukuba ․․․․․․․․ empini ․․․․․․․․. (Math. 12:30; 2 Thes. 1:8) [rs-ZU k. 53]

23. Njengameva angavimbela izithombo ekubeni zikhule zize zithele, kanjalo ․․․․․․․․ okungalawuliwe namandla ․․․․․․․․ akhohlisayo kungasivimbela ekubeni sithuthukele ekuvuthweni okungokomoya. (Math. 13:19, 22) [w99-ZU 3/15 k. 22 isig. 5]

24. ‘Ukubhapathizelwa abafileyo,’ njengoba uPawulu asho kweyoku-1 Korinte 15:29, kusho ukucwiliselwa endleleni yokuphila eyoholela ․․․․․․․․ njengokukaKristu bese ․․․․․․․․ ekuphileni komoya njengaye. [rs-ZU k. 226]

25. Ukuze umKristu weqiniso aphumelele kulokho uSolomoni ahluleka kukho, kumelwe abekele eceleni konke ukungabi ․․․․․․․․ noma ukuba ․․․․․․․․ ekukhulekeleni kwakhe futhi avumelane namazwi kaJesu okuba ‘athande uJehova uNkulunkulu wakhe ngenhliziyo yakhe yonke.’ (Math. 22:37; 1 IziKr. 28:9) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w86-ZU 6/1 k. 19 izig. 17-18.]

Khetha impendulo eqondile ezinkulumweni ezilandelayo:

26. Ukulandisa kweyesi-2 AmaKhosi 17:5, 6 kuchaza indlela (uThigilathi-Phileseri; ․․․․․․․․; u-Esari-Hadoni) ahlasela ngayo umbuso wasenyakatho wezizwe eziyishumi zakwa-Israyeli futhi waqala ukuvimbezela iSamariya iminyaka emithathu, ekugcineni elawela kuma-Asiriya ngo-(740; 607; 537) B.C.E. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w88-ZU 2/15 k. 27 isig. 1.]

27. Ngokulandisa ngezenzakalo ezenzeka eJerusalema ngemva kokuba ukudingiselwa kwesizwe eBabiloni kuqalile, eyesi-2 AmaKhosi isahluko 25 ngandlela-thile ibonisa (uDaniyeli; uHezekiya; uJeremiya) njengomlobi wale ncwadi futhi ibonisa ukuthi ukulotshwa kwayo kwaphela cishe ngo-(580; 537; 455) B.C.E. (2 AmaKh. 25:27) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-si-ZU k. 64 isig. 3.]

28. Njengoba u-Eksodusi 4:11 ebonisa, uJehova uNkulunkulu ‘owenza isimungulu, nesithulu, obonayo nempumputhe’ ngalokho (kufanele asolwe ngokukhubazeka okungokomzimba abantu abanakho; ukhetha abathile ukuze bathole amalungelo enkonzo; uye wavumela ukukhubazeka okungokomzimba ukuba kubonakaliswe kubantu). [w99-ZU 5/1 k. 28 isig. 2]

29. Inkathi eyiminyaka engu-70 okukhulunywa ngayo kweyesi-2 IziKronike 36:17-23 yaphela ngo-(537; 607; 677) B.C.E. [si-ZU k. 84 isig. 35]

30. Ukuphela kwezindawo ezimbili eBhayibhelini ezikhuluma ngokugujwa kwezinsuku zokuzalwa (zikubeka esimweni esihle; zikhuluma kabi ngakho; azichazi lutho ngokugujwa kwezinsuku zokuzalwa). (Gen. 40:20-22; Math. 14:6-10) [rs-ZU k. 406]

Qondanisa imibhalo elandelayo nezinkulumo ezihlelwe ngezansi:

Eks. 21:22, 23; IzAga 25:11; Roma 12:2; 2 Pet. 3:15, 16; IsAm. 16:13, 14

31. Kudingeka umzamo ukuguqula ukucabanga kwethu futhi sigcwalise imiqondo yethu ngeqiniso laphezulu. [w99-ZU 4/1 k. 22 isig. 2]

32. Lapho sinikeza iseluleko, kubalulekile ukukhetha amazwi afanelekayo. [w99-ZU 1/15 k. 23 isig. 1]

33. UJehova uye wabonisa ukuthi umuntu uyolandisa ngokulimala kosana olungakazalwa. [rs-ZU k. 296]

34. Ithonya likaSathane uDeveli liholela izizwe esimweni sezwe esiyoholela empini yokulwa noNkulunkulu. [rs-ZU k. 50]

35. Ukusonta imiBhalo ukuze ifanelane nemibono yethu kungaphumela ekulimaleni kwaphakade. [rs-ZU k. 66]

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela