Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 3/01 k. 2
  • ISimiso SoMhlangano Wenkonzo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • ISimiso SoMhlangano Wenkonzo
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2001
  • Izihlokwana
  • Isonto Eliqala Ngo-March 12
  • Isonto Eliqala Ngo-March 19
  • Isonto Eliqala Ngo-March 26
  • Isonto Eliqala Ngo-April 2
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2001
km 3/01 k. 2

ISimiso SoMhlangano Wenkonzo

Isonto Eliqala Ngo-March 12

INgoma 112

10 imiz: Izaziso zebandla. IZaziso ezikhethiwe ezikuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso.

15 imiz: Izidingo zebandla.

20 imiz: “U-April—Isikhathi ‘Sokusebenza Kanzima Nesokuzikhandla.’” (Izigaba 1-13) Kumelwe isingathwe umbonisi owengamele. Ingxoxo eshukumisayo yalokho esifisa ukukufeza ngo-April. Bakhuthaze bonke ebandleni ukuba benze ingxenye yabo ukuze sifinyelele umgomo wokuba wonke umuntu ahlanganyele enkonzweni ngaleyo nyanga.

INgoma 147 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-March 19

INgoma 166

8 imiz: Izaziso zebandla. Umbiko wezimali.

15 imiz: “Siza Abanye Ukuba Babe Khona Emihlanganweni.”a Isenezelo se-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-June 1996, izigaba 14-16, sinokusikisela okwengeziwe kokuqondisa abafundi beBhayibheli enhlanganweni. Bonisa indlela incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? (isifundo 5, isigaba 7) nencwadi Ulwazi (isahluko 5, isigaba 22) ezingase zisetshenziswe ngayo zisuka nje ekunikezeni isikhuthazo sokuba khona emhlanganweni. Ukuze ubonise lokhu, makube nomboniso olungiselelwe kahle ummemezeli onekhono ekhuthaza ngemfudumalo umfundi ukuba acabange ngokungathi sína ngokuza emihlanganweni.

22 imiz: “U-April—Isikhathi ‘Sokusebenza Kanzima Nesokuzikhandla.’” (Izigaba 14-30) Kumelwe isingathwe umbonisi wenkonzo. Inkulumo enezingxenye ezikhethiwe zemibuzo nezimpendulo. Wonke umuntu kufanele enze isimiso esisebenzisekayo sokuhlanganyela ngangokunokwenzeka enkonzweni phakathi no-April. Xoxa ngaso sonke isimiso semihlangano yenkonzo yasensimini esihlelelwe le nyanga. Khuthaza bonke abangase bakwazi ukuba amaphayona asizayo ukuba bathole amafomu ngemva komhlangano.

INgoma 188 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-March 26

INgoma 204

10 imiz: Izaziso zebandla. Chaza ukuthi akukephuzi kakhulu ukuba bafake izicelo zokuba amaphayona asizayo ngo-April. Bakhuthaze bonke ukuba bahambisane nesimiso sokufundwa kweBhayibheli kweSikhumbuzo esihlelelwe u-April 3-8, njengoba kuvezwe encwajaneni ethi Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke—2001. Memezela ukuthi iSifundo Se-Nqabayokulinda sangesonto leSikhumbuzo siyoqhutshwa nini. Ningakhohlwa yinkulumo yeningi ekhethekile ngeSonto, ngo-April 1, enesihloko esithi “Ubani Ongasindiswa?” Banxuse bonke ukuba bahlanganyele enkonzweni ngalolo suku, benze isiqalo esihle ngo-April.

20 imiz: “Masidumise UJehova NeNdodana Yakhe.” Inkulumo eshukumisayo engokomBhalo enikezwa umdala. Bakhuthaze bonke ukuba bahlanganyele ngokugcwele ngangokunokwenzeka emkhankasweni okhethekile ohlelelwe u-April futhi benze umzamo othé xaxa wokumemela abantu eSikhumbuzweni.

15 imiz: Ukulungiselela Izintshumayelo Zethu Zokuhambisa Umagazini. Phakathi no-April sizohambisa INqabayokulinda ne-Phaphama! Bukeza ikhasi 8, isigaba 3 no-10 kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-October 1996. Qokomisa (1) isihloko, (2) iphuzu elifanelekile lokukhulunyelwa, (3) umbuzo wokuvusa isithakazelo (4) nombhalo ofanelekayo ongase uwusebenzise ngokuphumelelayo lapho uhambisa umagazini wamuva. Zama ukusebenzisa incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? noma incwadi Ulwazi ukuze uqale izifundo zeBhayibheli nabantu abathakazelayo. Phetha ngomboniso olungiselelwe kahle obonisa indlela lokhu okungase kwenziwe ngayo ekuhambeleni kokuqala.

INgoma 207 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-April 2

INgoma 220

9 imiz: Izaziso zebandla. Khumbuza abamemezeli ukuba bafake imibiko yabo yenkonzo yasensimini ka-March. Bukeza esithi “Esikukhunjuzwayo NgeSikhumbuzo.”

18 imiz: “Uthando Lusishukumisela Ukuba Sishumayele.”b Qokomisa imibhalo esesihlokweni. Hlanganisa namaphuzu atholakala kuyi-Insight, Umqulu 2, ikhasi 673, isigaba 1. Cela ummemezeli oseneminyaka eminingi eshumayela ukuba alandise indlela uthando lukaNkulunkulu olumshukumisa ngayo ukuba aphikelele emsebenzini wokushumayela. Nxusa bonke abamemezeli ukuba bahlanganyele emsebenzini wokufakaza phakathi no-April nakuzo zonke izinyanga ngemva kwalokho.

18 imiz: Yisebenzise Kahle INcwadi Yonyaka Ka-2001. Inkulumo nengxoxo nezilaleli. Bukeza “IZingqikithi Zika-2000,” ekhasini 31. Xoxa ‘ngeNcwadi Evela Endikimbeni Ebusayo,’ emakhasini 3-5. Cela abathile ezilalelini balandise ngombiko noma okuhlangenwe nakho okuse-Ncwadini Yonyaka entsha ikakhulukazi okuye kwabakhuthaza futhi kwaqinisa ukholo lwabo. Khuthaza imikhaya ukuba iyifunde ndawonye yonke INcwadi Yonyaka, njengoba nje kwenza umkhaya waseBethel womhlaba wonke phakathi nonyaka. Qokomisa imibuzo esekhasini 255, engase isetshenziselwe ukubukeza enikufundile. Cela ukusikisela ngendlela yokusebenzisa INcwadi Yonyaka ekusizeni abafundi beBhayibheli ukuba bayazise kangcono inhlangano kaJehova nelungelo lokuba ingxenye yayo.

INgoma 47 nomthandazo wokuphetha.

[Imibhalo yaphansi]

a Isethulo masibe ngaphansi komzuzu bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.

b Isethulo masibe ngaphansi komzuzu bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela