ISimiso SoMhlangano Wenkonzo
PHAWULA: INkonzo Yethu YoMbuso izohlela uMhlangano Wenkonzo wesonto ngalinye phakathi kuka-November no-December. Amabandla angase enze ushintsho oludingekile ukuze akwazi ukuba khona eMhlanganweni Wesigodi “Wabenzi Bezwi LikaNkulunkulu” futhi kuyobukezwa amaphuzu esimiso ayinhloko ngemizuzu engu-30 eMhlanganweni Wenkonzo olandela Isonto lomhlangano. Ukubukezwa kwesimiso somhlangano sosuku ngalunye kufanele kwabiwe kusengaphambili, kwabelwe abazalwane abathathu abafanelekayo abayogxila emaphuzwini ayinhloko. Lokhu kubukeza okulungiselelwe kahle kufanele kusize amalungu ebandla ukuba akhumbule amaphuzu ayisihluthulelo ukuze awasebenzise ngokomuntu siqu nasensimini. Noma yiziphi izimpendulo zezilaleli, kuhlanganise nokuhlangenwe nakho, kufanele kube kufushane futhi kushaye emhloleni.
Isonto Eliqala Ngo-November 13
INgoma 4
10 imiz: Izaziso zebandla. IZaziso ezikhethiwe kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso. IZindaba Ezingokwasezulwini.
13 imiz: IBhokisi Lemibuzo. Inkulumo enikezwa umdala.
22 imiz: “Ukuhlakulela Isithakazelo Esivuswé Yi-Kingdom News No. 36.” Ingxoxo yemibuzo nezimpendulo yezigaba 1-5. Chaza amalungiselelo ebandla okuhlanganisa noma iyiphi insimu engakasetshenzwa. Bukeza izintshumayelo zokwenza izimpindelo ezigabeni 7 no-8, futhi kube nomboniso wentshumayelo ngayinye. Gcizelela ukubaluleka kokulandelela sonke isithakazelo nokulwela ukuqala izifundo zeBhayibheli. Phetha ngokuxoxa ngesigaba 9 nemibhalo ekhonjiwe.
INgoma 63 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-November 20
INgoma 111
10 imiz: Izaziso zebandla. Umbiko wezimali.
15 imiz: Okuhlangenwe Nakho Kokuhambisa I-Kingdom News No. 36. Nikeza umbiko ngempumelelo eyenziwe yokuhlanganisa insimu. Ingabe bakhona ebandleni abebeqala ngqá ukuhlanganyela enkonzweni? Landisa ngokukhulumela okuhle okuye kwenziwa abaninikhaya. Ingabe bakhona abamemezeli abaye bakwazi ukuqala izifundo zeBhayibheli? Uma kunjalo, bacele bachaze noma babonise ukuthi bakwenze kanjani. Bakhumbuze bonke ukuba bahlakulele isithakazelo esitholakele.
20 imiz: “Qhubeka Ushumayela!” Inkulumo nengxoxo nothile. Abanye baye bazihlanganisa nenhlangano kaJehova futhi baphikelela beshumayela kukho konke ukuphila kwabo. Ngokuba nesimo sengqondo esihle baye bathola injabulo ngokwenza kanjalo. (Bheka incwadi Ulwazi, ikhasi 179, isigaba 20 ne-Nqabayokulinda ka-May 1, 1992, amakhasi 21-2, izigaba 14-15.) Cela ummemezeli oseneminyaka eminingi eshumayela ukuba alandise izizathu eziye zamenza waphikelela kulo msebenzi wokushumayela.
INgoma 141 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-November 27
INgoma 153
10 imiz: Izaziso zebandla. Khumbuza abamemezeli ukuba bafake imibiko yabo yenkonzo yasensimini ka-November. Isipho sencwadi ngo-December yincwadi ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade ne-Nguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki. Chaza indima ebalulekile eye yafezwa oFakazi BakaJehova ekukhiqizeni iBhayibheli ngezilimi eziningi.—Bheka INqabayokulinda ka-October 15, 1997, amakhasi 11-12.
20 imiz: Yisebenzise Kahle Incwadi Ukubonisana. Ingxoxo yemibuzo nezimpendulo ngamakhasi 7-8. Bonisa indlela le ncwadi ehlelwe ngayo ukuze isisize silungiselele ukuhlanganyela ngendlela ephumelela ngokwengeziwe enkonzweni. Chaza indlela le ncwadi engasetshenziswa ngayo lapho ufakaza ngocingo. Bonisa indlela yokuthola ukwaziswa okuwusizo ukuze uphendule umbuzo. Banxuse bonke ukuba bajwayelane nale ncwadi, bayigcine ezikhwameni zabo zokushumayela futhi bayisebenzise njalo.
15 imiz: Ngingayilawula Kanjani Imikhuba Yami Yokubukela I-TV? Umdala uxoxa nomzalwane osemusha ochitha amahora amaningana ngosuku ebukela i-TV. Ekuqaleni lo mzalwane uma kwelokuthi akunangozi. Uthi kumane nje kuyindlela yokuphumula futhi akumlimazi. Umdala ubukeza amaphuzu ayinhloko encwadini ethi Intsha Iyabuza isahluko 36. Uyachaza ukuthi ukubukela i-TV ngokweqile kudla isikhathi esiyigugu ebesingase sisetshenziselwe isifundo somuntu siqu, ukuya enkonzweni noma ukusiza ngezidingo zebandla. Umzalwane osemusha ubonisa ukwazisa ngeseluleko futhi athi ukuze azuze ngokomoya, uzoyishintsha imikhuba yakhe yokubukela i-TV.
INgoma 175 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-December 4
INgoma 189
10 imiz: Izaziso zebandla. Tusa bonke abaye bahlanganyela emkhankasweni wensimu engabelwe. Xoxa ngombiko womsebenzi oye wenziwa, ulandise nganoma ikuphi okuhlangenwe nakho okuthakazelisayo.
15 imiz: Izidingo zebandla.
20 imiz: “Izwi Elikhulunywa Ngesikhathi Esiyiso.” Ingxoxo nezilaleli nemiboniso. Abaningi bazizwa bengafaneleki lapho bezama ukuqala ingxoxo, becabanga ngokuyiphutha ukuthi badinga ikhono elikhethekile ukuze bathole imiphumela. Chaza ukuthi sonke, kuhlanganise nabamemezeli abasanda kuhlanganyela nabasebasha, singayiqala kanjani ingxoxo ngomzamo olingene. Bukeza izintshumayelo ezisikiselwe, uqokomise ubulula bazo, bese abamemezeli ababili noma abathathu benza umboniso wazo. Bhekisela kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-March 1998, ikhasi 8, ukuze uthole izintshumayelo ezengeziwe ezingase zisetshenziswe. Banxuse bonke ukuba babe nombono oqondile ukuze bathole injabulo eyengeziwe enkonzweni yabo.
INgoma 218 nomthandazo wokuphetha.