ISimiso SoMhlangano Wenkonzo
Isonto Eliqala Ngo-August 14
INgoma 114
12 imiz: Izaziso zebandla. IZaziso ezikhethiwe kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso. Khulumela umbiko webandla wenkonzo yasensimini ka-July. Kusele izimpelasonto ezimbili kuphela ku-August, ngakho bakhuthaze bonke ukuba bahlanganyele enkonzweni ngaphambi kokuphela kwenyanga. Bukeza isimiso sangempelasonto semihlangano yenkonzo yasensimini.
15 imiz: “Yilwa Ukulwa Okuhle Kokholo.” Isethulo sibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo. Thola okunye ukukhulumela encwadini ethi Ukuhlelelwa, amakhasi 44-5, ngendlela abaqhubi beZifundo Zencwadi Zebandla abahlela ngayo umsebenzi wenkonzo yasensimini wamaqembu abo futhi banakekele noma yibaphi abadinga usizo lomuntu siqu lokuhlanganyela nokubika njalo inkonzo yabo.
18 imiz: Indlela Ongazuza Ngayo Ngokufunda Esikoleni. Ubaba uxoxa nezingane zakhe ukuze azisize ziqaphele ukuthi kungani imfundo yezwe iyinzuzo. (Bheka incwadi Intsha Iyabuza, amakhasi 133-9.) Intsha eningi inomuzwa wokuthi ukufunda kuyinselele ngempela emphakathini wanamuhla ongalawuleki. Izizwa icikeka, iphethe ngokuthi ekufundayo ngeke kuyizuzise ngempela ekuphileni. Ubaba ubukeza izimiso ezingokomBhalo nezizathu ezinengqondo zokuthi kungani kuhlakaniphile ukuba nemfundo yezwe eyanele. Ukhuthaza izingane zakhe ukuba zitadishe kahle futhi zilalelisise ekilasini.
INgoma 127 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-August 21
INgoma 143
12 imiz: Izaziso zebandla. Umbiko wezimali. Makube nomboniso olungiselelwe kahle wenkonzo yasensimini obonisa indlela yokuphendula umbuzo othi: “Kungani uNkulunkulu wothando engavumela ukuhlupheka kuqhubeke isikhathi eside kangaka?” (Bheka incwadi Ukubonisana, amakhasi 286-7.) Bakhuthaze bonke ukuba bahlanganyele enkonzweni kule mpelasonto.
8 imiz: “Isimiso Esisha Somhlangano Okhethekile Wosuku Olulodwa.” Inkulumo. Memezela usuku lomhlangano okhethekile olandelayo, uma selwaziwa, futhi ubakhuthaze bonke ukuba babe khona lonke usuku. Khuthaza abamemezeli ukuba bameme abathakazelayo kanye nabantu abafunda nabo iBhayibheli.
25 imiz: “Ingabe Uyazuza?” Imibuzo nezimpendulo.
INgoma 152 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-August 28
INgoma 165
10 imiz: Izaziso zebandla. Bakhumbuze bonke ukuba bafake imibiko yenkonzo yasensimini ka-August. Abaqhubi beZifundo Zencwadi Zebandla kufanele baqiniseke ukuthi wonke umuntu oseqenjini labo uwulethile ukuze yonke imibiko ibe isihlanganisiwe ngo-September 6. Xoxani ngamaphuzu afanele encwadini yeNhlangano ka-June 1, 2000 eyayibhalelwe wonke amabandla ngokuphathelene nokubika. Nikeza umbiko ngentuthuko eyenzeka ensimini engabelwe. Yazisa ibandla ngamalungiselelo ka-September. Xoxa noyedwa noma ababili ngempumelelo esifinyelelwe kuze kube manje.
15 imiz: Izidingo zebandla.
20 imiz: “Imihlangano Iyayizuzisa Intsha.” Ingxoxo yemibuzo nezimpendulo eqhutshwa umdala. Lapho nixoxa ngesigaba 8, cabangelani izinto eziwusizo ezithuthukisa ukugxilisa ingqondo nokulalelisisa emihlanganweni. (Bheka i-Phaphama! ka-September 22, 1998, amakhasi 19-20.) Khuthaza abazali ukuba baqinise isandla ekwenzeni izingane zabo zibe khona njalo kuyo yonke imihlangano.—Bheka okuhlangenwe nakho kuyi-Nqabayokulinda ka-September 1, 1997, ikhasi 25.
INgoma 176 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-September 4
INgoma 196
15 imiz: Izaziso zebandla. IBhokisi Lemibuzo. Abamemezeli mabalandise okuhlangenwe nakho abaye bakuthola lapho befakaza ngokwethukela.
10 imiz: Isikhathi Sethu Sikhethekile. Inkulumo enikezwa umdala esekelwe kuyi-Nqabayokulinda ka-November 15, 1996, amakhasi 22-3.
20 imiz: “Ingabe Uyakhuthazela?” Inkulumo nengxoxo nezilaleli. Bakhuthaze bonke ukuba bacabange ngempumelelo yabo siqu ekuboniseni ukukhuthazela enkonzweni yobuKristu. Uma kubonakala kunobuthakathaka, kunesidingo sokuba siziqinise ngokomoya. Hlanganisa nokukhulumela okukuyi-Nqabayokulinda ka-October 1, 1999, amakhasi 20-1, izigaba 17-21. Cela abamemezeli ababili noma abathathu abaye bakhuthazela ngokwethembeka iminyaka eminingi, ukuba balandise ukuthi yini abayenzayo ukuze baphikelele.
INgoma 206 nomthandazo wokuphetha.