Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 10/00 k. 10
  • Lalelisisa Amazwi Angcwele

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lalelisisa Amazwi Angcwele
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2000
  • Indaba Ethi Ayifane
  • ‘Lalela, Wamukele Imfundo Eyengeziwe’
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2001
  • Lalela Futhi Ufunde
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2013
  • Hlela Kusemanje Ukuba Khona Emhlanganweni Wesigodi “Wabathandi Benkululeko” Ka-1991
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1991
  • UMhlangano Wesigodi “Wokwesaba UNkulunkulu” Ka-1994
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1994
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2000
km 10/00 k. 10

Lalelisisa Amazwi Angcwele

1 Akukhona konke okukhulunywa umuntu okudinga ukulalelisiswa. Kodwa lapho kukhuluma uNkulunkulu, kunesizathu esibalulekile sokulalela. (Dut. 28:1, 2) Siyabonga ngokuthi abalobi abaphefumulelwe babhala “amazwi angcwele kaNkulunkulu” ukuze sizuze. (Roma 3:2) Umhlangano wesigodi ozayo uzosinikeza amathuba ayigugu okuzwa la mazwi lapho efundwa futhi kuxoxwa ngawo. Ungakwazi kanjani ukulalelisisa ngokukhethekile?

2 Fika Ngaphambi Kwesikhathi Njalo Ekuseni: Cabanga ngenjabulo ama-Israyeli aba nayo lapho etshelwa ukuba ayohlangana noJehova eNtabeni yaseSinayi ukuze ezwe uMthetho wakhe! (Eks. 19:10, 11, 16-19) Uma unesimo sengqondo esifanayo ngokwamukela ukufundiswa uJehova emhlanganweni wesigodi, uyokwenza amalungiselelo okufika ngaphambi kwesikhathi usuku ngalunye. Ngeke sikwazi ukusilalela sonke isimiso uma sifika sekwephuzile futhi siphazamise abanye lapho sizama ukuthola izindawo zokuhlala. Amasango endawo yomhlangano ayovulwa ngo-7:00 ekuseni, futhi isimiso siyoqala ngo-9:00 ekuseni usuku ngalunye.

3 Ngisho nalabo abasuke befike ngaphambi kwesikhathi basuke bengekho ezindaweni zabo zokuhlala lapho isimiso siqala. Kungani kunjalo? Baxoxa nabangane babo kuze kube yilapho usihlalo ethula ingoma yokuvula bese beya ezindaweni zabo zokuhlala. Kufanele siqaphele ukuthi usihlalo uyobe esehleli epulatifomu lapho kudlalwa umculo wezingoma zoMbuso wokwandulela, kusasele imizuzu embalwa ngaphambi kwengoma yokuqala ingxenye ngayinye yesimiso. Lolu kusuke kuwuphawu lokuthi kufanele sihlale phansi! Ngakho, lapho kwethulwa ingoma yokuvula, siyobe sesikulungele ukuhlanganyela ekuhlabeleleni izindumiso zikaJehova.

4 Lalelani Njengomkhaya Onobunye: Lapho ama-Israyeli abuthene, imikhaya kuhlanganise “nabantwana,” efundelwa amazwi angcwele, kwakufanele alalele futhi afunde. (Dut. 31:12) Emihlanganweni yethu yesigodi, izingane akufanele ‘ziyekwe.’ (IzAga 29:15) Bazali, hlelani ukuba umkhaya wenu wonke uhlale ndawonye—kuhlanganise nentsha. Abanye abazali balinda kuze kube yingoma yokuvula ngaphambi kokuba bayise izingane zabo ezindlini zangasese. Nokho, lokhu ngeke neze kuzifundise izingane ukubaluleka kwezingoma nemithandazo ekukhulekeleni kwethu. Yeka ukuthi kungcono kanjani ukuya ezindlini zangasese ngaphambi kokuba kuqale ingxenye ngayinye yesimiso uma kunokwenzeka!

5 Kuyosisiza ukuba sikwazi ukulalela uma siphumula ngokwanele ubusuku ngabunye futhi sigwema ukudla kakhulu phakathi nosuku. Gxilisa ingqondo kulokho isikhulumi esikushoyo. Ungayivumeli ingqondo izule. Hambisana naso eBhayibhelini lakho lapho sifunda imibhalo. Bhala amaphuzu kafushane. Njengoba kunikezwa inkulumo ngayinye, bukeza engqondweni yakho lokho okushiwo yisikhulumi, bese ucabanga ukuthi uzokusebenzisa kanjani. Ekupheleni kosuku, xoxani ngesimiso njengomkhaya. Yimaphi amaphuzu ngamunye awajabulele? Umkhaya wakho ungakusebenzisa kanjani ngokunenzuzo lokhu kwaziswa?

6 Bonisa Inhlonipho NgeZwi LikaNkulunkulu: Imihlangano yesigodi isinikeza ithuba elihle lokuxoxa nabangane nokujabulela ubudlelwane obakhayo. Ngokufika ngaphambi kwesikhathi, siyoba nesikhathi sokuxoxa ngaphambi kokuba isimiso siqale. Nokho, abanye bayaxoxa phakathi nesimiso, benza iphutha lokucabanga ukuthi lokhu akuphazamisi kangako ehholo elikhulu. Ngisho nalapho imihlangano isezindaweni ezinkulu, kusuke kuyisikhathi sokulalela, njengalapho nje sisuke sisesifundweni eHholo LoMbuso. Ama-cellular phone, ama-pager, ama-camcorder namakhamera akufanele kuvunyelwe kuphazamise phakathi nesimiso.

7 Lapho uMose amukela uMthetho kuJehova, “kadlanga lutho, kaphuzanga manzi.” (Eks. 34:28) Ngokufanayo, kungaba okungafanele ukudla noma ukuphuza lapho kusaqhubeka izingxenye zesimiso somhlangano. Ngaphandle kwalapho kunezimo zempilo ezingathi sína ezihilelekile, linda kuze kube ‘yisikhathi sako.’—UmSh. 3:1.

8 Kweminye imihlangano, kuyaqhubeka kunenkinga yabazalwane nodade ngisho nezingane ezehla zenyuka emaphaseji phakathi nesimiso. Abalindi bazotshelwa ukuba bacele abantu abanjalo ukuba baphindele ezihlalweni zabo. Izisebenzi zokuzithandela ezisebenza eminyangweni ehlukahlukene kufanele zihlale nezilaleli ngokushesha nje lapho seziwuqedile umsebenzi wazo. Ngaphandle kwalapho izisebenzi zokuzithandela zabelwe ukwenza umsebenzi obalulekile phakathi nesimiso, kufanele zihlale phansi, zilalele isimiso. Akufanele zihlale nje eminyango ezisebenza kuyo, zivakashelane kuyilapho isimiso siqhubeka. Abazali akufanele bavumele izingane zabo ezisencane zizulazule phakathi nesimiso zicosha udoti. Abalindi bayozicela ngomusa ukuba zibuyele kubazali bazo.

9 Asifuni neze ukuba ‘buthuntu ekuzweni kwethu’ lapho silalele iZwi likaNkulunkulu. (Heb. 5:11) Ngakho-ke masizimisele ukubonisa inhlonipho efanele ngokulalelisisa lapho kukhulunywa ngamazwi angcwele avela kuJehova emhlanganweni wethu wesigodi ozayo.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela