IMihlangano Yenkonzo Ka-November
Isonto Eliqala Ngo-November 1
INgoma 156
10 imiz: Izaziso zebandla. IZaziso ezikhethwe kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso. Bukeza esithi “Bona Amandla EBhayibheli!” Khumbuza labo abangakayilethi imibiko yabo yenkonzo ukuba bayilethe namuhla ngaphambi kokuba umbiko webandla uthunyelwe eNhlanganweni.
15 imiz: “Ukushumayela Kusenza Sihluke.” Isethulo singeqi emzuzwini, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo. Usebenzisa incwadi Ulwazi, ikhasi 173, isigaba 8, landisa kafushane lokho esingase sikusho ukuze sikhuthaze umuntu esifunda naye iBhayibheli ukuba athuthukele ekuhlanganyeleni enkonzweni.
20 imiz: “Ubani Ongase Asivume Isifundo SeBhayibheli?” Inkulumo nemiboniso. Ngokuvumelana nesigaba 4, sikisela izindlela ezihlukahlukene zokuvusa isithakazelo sokufunda lokho okuqukethwe yizincwadi zethu. Makube nemiboniso emibili emifushane ebonisa ukuthi lokho kungenziwa kanjani. Cela izilaleli zilandise ngendlela eziye zaphumelela ngayo ekuqaleni izifundo.
INgoma 198 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-November 8
INgoma 204
10 imiz: Izaziso zebandla. Umbiko wezimali. Khumbuza abazalwane ukuba balungiselele ingxoxo yangesonto elizayo yezigaba ezingu-18 zokuqala zesenezelo sika-November.
15 imiz: IBhokisi Lemibuzo. Inkulumo. Chaza amalungiselelo ebandla okugcina iHholo LoMbuso lihlanzekile futhi lisesimweni esihle.
20 imiz: “Yini Ongayisho KumMuslim?” Imibuzo nezimpendulo. Qokomisa isidingo sokubonisa ukuhlakanipha lapho sixoxa nabantu bamanye amasiko. Makube nomboniso wentshumayelo elungiselelwe kahle. Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe ngobu-Islam, bheka isenezelo se-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-February 1998; incwadi Ukubonisana, amakhasi 23-4 nethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu, isahluko 12.
INgoma 208 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-November 15
INgoma 211
8 imiz: Izaziso zebandla.
25 imiz: “Ukusebenzisa I-Internet—Qaphela Izingozi!” Ingxoxo yemibuzo nezimpendulo yezigaba 1-18. Funda izigaba 4-7, 12, 16, 17. Bakhuthaze bonke ukuba balungiselele kahle ingxoxo yangesonto elizayo yezigaba 19-36.
12 imiz: Bazali—Niyasiqhuba Isifundo Somkhaya Sasikhathi Sonke? Inkulumo nengxoxo nezilaleli. Chaza ukuthi kungani imikhaya kufanele itadishe ndawonye. (Bheka Incwadi Yokuchasisa Isikole, amakhasi 36-8.) Khuluma ngalezi zinto ezilandelayo eziphazamisa isifundo somkhaya: (1) umuzwa wokuthi izingane zisencane kakhulu ukuba zizuze, (2) ukucabanga ukuthi ukuya emihlanganweni yebandla kwanele, (3) ukukhathala ngenxa yesimiso esimatasa (4) nokuphazanyiswa ukubukela ithelevishini. (Bheka INqabayokulinda ka-May 15, 1994, amakhasi 11-12.) Cela izinhloko zemikhaya ukuba zilandise ukuthi zizinqoba kanjani iziphazamiso zokulondoloza isimiso esihle sesifundo somkhaya. Gcizelela ukuthi lokhu kudinga umzamo, ukuzimisela nokubambisana.
INgoma 217 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-November 22
INgoma 158
10 imiz: Izaziso zebandla. Xoxani ngombiko womsebenzi owenziwe ensimini engabelwe bese ulandisa noma ikuphi okuhlangenwe nakho okuthakazelisayo.
10 imiz: Uzibheka Kanjani Izabelo? Inkulumo enikezwa umdala. Kunohide olude lwemisebenzi ebalulekile okudingeka yenziwe ukuze ibandla liqhubeke: ukulungiselela izabelo zesimiso; ukulanda abantu abeza emihlanganweni noma ukuya nabo enkonzweni; ukusiza asebekhulile; kanye nokuhlanza, ukulungisa nokunakekela iHholo LoMbuso, kuhlanganise nokunakekela utshani. Usabela kanjani uma ucelwa ukuba usize? Abanye bangase benqabe, bavume ngokungathandisisi, noma bangawenzi wonke umsebenzi uze uphele. Xoxani ngokuthi kungani ukwamukela nokufeza izabelo kuyilungelo elijabulisayo. Bakhuthaze bonke ebandleni ukuba babonise umoya ovumayo.—IHu. 110:3, umbhalo waphansi we-NW; Isaya 6:8.
25 imiz: “Ukusebenzisa I-Internet—Qaphela Izingozi!” Ingxoxo yemibuzo nezimpendulo yezigaba 19-36. Funda izigaba 23-5 no-34-6.
INgoma 223 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-November 29
INgoma 215
10 imiz: Izaziso zebandla. Khumbuza abamemezeli ukuba bafake imibiko yenkonzo yasensimini ka-November.
15 imiz: Khuthaza Abasanda Kuhlanganyela Ukuba Babe Khona Emihlanganweni. Ingxoxo phakathi komdala nenceku ekhonzayo eyodwa noma ezimbili, esekelwe encwajaneni engangomagazini ethi OFakazi BakaJehova—Ngobunye Benza Intando KaNkulunkulu, amakhasi 14-15. Hlaziya ukuthi kungani kubalulekile ukuba abasanda kuhlanganyela beze emihlanganweni. Emihlanganweni bathola ingxenye enkulu yokufundiswa, ukukhuthazwa nokusizwa. Yisho imihlangano emihlanu yamasonto onke, uchaze izinzuzo zomhlangano ngamunye. Bonisa indlela imihlangano ethuthukisa ngayo ukuziphatha kokuhlonipha uNkulunkulu, yakhe ingokomoya, isidonsele enhlanganweni, isisize sakhe ubuhlobo obuseduze nabanye futhi isisize ukuba siqonde injongo yenkonzo yethu. Khuthaza ukuba izilaleli zisebenzise le ncwadi ukuba zikhuthaze abasanda kuhlanganyela ukuba beze emihlanganweni.
20 imiz: Sikhetha I-New World Translation. Inkulumo nemiboniso. Ezinhlanganweni zenkolo, eyethu ingevelele ngoba sishicilela, sisebenzise futhi sisakaze inguqulo yeBhayibheli ekhiqizwa abakhulekeli bakaJehova abagcotshiwe. Akukhona ukuthi sifuna ukuzuza ngokwezentengiselwano noma ukusakaza izinkolelo zehlelo. Kunalokho, sishukunyiswa isifiso sokudumisa igama likaNkulunkulu nokusiza abanye ukuba bamazi kangcono. Ezinye izinguqulo ngokuvamile zihumusha iZwi likaNkulunkulu ngendlela okunzima ukuyiqonda, ngakho bukeza izinzuzo ezikhethekile ze-New World Translation. (Bheka incwadi ethi “Yonke ImiBhalo,” amakhasi 327-31. Phawula ukukhulumela okusesigabeni 3, bonisa izibonelo zokuhunyushwa kwamagama okuthuthukisiwe esigabeni 6, bese uqokomisa izinzuzo ezihlanganiswe ezigabeni 22-3.) Makube nemiboniso emibili emifushane ebonisa indlela esingaphendula ngayo lapho abanye bethi, “Nina nineBhayibheli lenu.”—Bheka incwadi Ukubonisana, ikhasi 94.
INgoma 205 nomthandazo wokuphetha.