Ingabe Uyathutha?
Uma impendulo kulowo mbuzo inguyebo, kunezinto eziningi wena nabanye okufanele niqale ukuzenza. Ngokulandela izinyathelo eziyisisekelo ezichazwe ngezansi, uyosheshe uzinze ebandleni elisha.
(1) Lapho nje sewazi ukuthi uthuthela kuphi, unobhala webandla okulo manje angase akwazi ukuthola ikheli leHholo LoMbuso lebandla oya kulo. Lapho ufika kuleyo ndawo, sheshe uthole ihholo bese uqiniseka ngezikhathi zemihlangano. Uma kunamabandla angaphezu kwelilodwa asebenzisa iHholo LoMbuso, cela abadala ukuba bakutshele ukuthi indawo ohlala kuyo ingaphansi kwensimu yaliphi ibandla. Sheshe uye emihlanganweni futhi ujwayelane nabadala bebandla.
(2) Unobhala webandla okulo nowebandla oya kulo bayobambisana ekuthumeleni ikhadi lakho namakhadi omkhaya wakho eRekhodi Lommemezeli Lebandla. Abadala bebandla elisha bayothunyelelwa nencwadi yokunethula. (Bheka iBhokisi Lemibuzo le-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-February 1991.) IKomiti Yenkonzo Yebandla yalelo bandla kufanele itshele umqhubi wesifundo sencwadi ofanele ngokufika kwenu ukuze akwazi ukuthintana nani futhi anisize nithole iqembu lesifundo sencwadi enizohlanganyela kulo.—Roma 15:7.
(3) Bonke abamemezeli bebandla elisha banengxenye ejabulisayo okufanele bayifeze—yokujwayelana nani nokunenza nizizwe namukelekile. (Qhathanisa neyesi-3 Johane 8.) Yiqiniso, lokhu kusho ukuthi kufanele nibe khona emihlanganweni ukuze nijabulele ukukhuthazana nokwakhana nabafowenu nodadewenu.
(4) Akufanele nilinde kuze kube yilapho usuphothuliwe umsebenzi ohilelekile wokuthutha kwenu ngaphambi kokuba nihlanganyele enkonzweni yasensimini nebandla lenu elisha. Njengoba nibeka izithakazelo zoMbuso kuqala, ezinye izinto ziyonakekelwa futhi niyozizwa ninethezekile endaweni entsha enihlala kuyo. (Math. 6:33) Lapho senizinzile emzini wenu omusha, cishe niyofuna ukumema abanye ebandleni ukuba banivakashele futhi nijwayelane kangcono.—Roma 12:13b.
Ukuthutha kuwumsebenzi omkhulu. Nokho, uma wonke umuntu ohilelekile enza okufunekayo, ngeke kube khona ukuhlehlela emuva ngokomoya. Bonke bayohlabeka umxhwele ngobuzalwane bethu bobuKristu nobothando.