Isimiso Esisha SoMhlangano Okhethekile Wosuku Olulodwa
Isimiso somhlangano okhethekile wosuku olulodwa esiqala ngo-September 1999 sinalesi sihloko: “Ukuhlola Izinto Ezijulile ZikaNkulunkulu.” (1 Kor. 2:10) Yiziphi izinto eziwusizo esiyozifunda?
Lapho befuna ulwazi, abantu abaningi akubaqabuli lokho abakutholayo. IBhayibheli lisipha umdlandla, njengoba kuyoboniswa umbonisi wesifunda enkulumweni yakhe enesihloko esithi “Ukuhlola IZwi LikaNkulunkulu Kuletha Ukuqabuleka.” Isikhulumi esivakashile siyobonisa ukuthi kuhlangana kanjani ukuhlola izinto ezijulile zikaNkulunkulu nokushumayela izindaba ezinhle lapho siphendula umbuzo othi “Ukubheka Kanjani Ukushumayela NgoMbuso?”
Abazali bangazisiza kanjani izingane zabo ukuba zimbe zijule eZwini likaNkulunkulu? Kuyonikezwa ukusikisela okuwusizo enkulumweni ethi “Gxilisa IZwi LikaNkulunkulu Ezinganeni Zakho.” Intsha engamaKristu ithola ithonya elihle ngokuba nobudlelwane nabantu abavuthiwe ngokomoya ebandleni. Izibonelo zokuthi bathonyeka kahle kanjani ziyovezwa enkulumweni ethi “Intsha Efunda Kubantu Abadala.”
Kungani kufanele siwafune ngenkuthalo amagugu angokomoya afihlekile kulesi sikhathi? UJehova unguMambuli wezimfihlo. Isikhulumi esivakashile siyochaza ukuthi yini uJehova aye wayembula ezikhathini zasendulo nezanamuhla enkulumweni ethi “UJehova Wembula Izinto Ezijulile Ngokuqhubekayo.” Lokhu kuyoqinisa ukuzimisela kwethu ukuqhubeka “sihlola izinto ezijulile zikaNkulunkulu.”
Hlela manje ukuba ube khona. Labo abafisa ukubonakalisa ukuzinikezela kwabo kuJehova ngobhapathizo kufanele batshele umbonisi owengamele ngokushesha ngangokunokwenzeka. Lokho esiyokuzwa kuyokhulisa isifiso sethu esiqotho sokucwaningisisa eZwini likaNkulunkulu. Ngakho ungaphuthelwa yilolu suku olukhethekile lokufundiswa okungokomoya!