Izindaba Ezingokwasezulwini
EMarshall Islands: Ngo-February kwaba khona ingqikithi yabamemezeli abangu-203—ukwanda okungamaphesenti amane ngaphezu konyaka odlule!
ENorway: Ngo-February 1999, amaphayona asizayo anda ngamaphesenti angu-72 ngaphezu kwawango-February 1998; amaphayona avamile aba ngamaphesenti ayisishiyagalolunye; izimpindelo, amaphesenti amane; izifundo zeBhayibheli, amaphesenti ayisithupha. Izincwadi nezincwajana ezingangomagazini ezihanjisiwe nazo ziye zanda.
ERomania: Kwaba khona ukwanda okuhle emsebenzini wamaphayona nasenanini lezifundo zeBhayibheli ezaqhutshwa, kwaba nenani eliphakeme labamemezeli abangu-37 502 ensimini phakathi no-February.
ENingizimu Afrika: Inani lamaHholo OMbuso anikezelwe kulo nyaka liye lafinyelela kwangu-11 ngenxa yalawa amathathu anikezelwe: i-Eersterivier (eWestern Cape), iRookdale (eBergville), neBloemfontein North. I- Eersterivier iyihholo elakhiwe ngokushesha, elingelesibili kuleya ndawo. IRookdale inabamemezeli abangu-12 kuphela, kodwa yakhe ihholo elihle elingahlalisa abangu-80. Ngosizo lwabazalwane baseGauteng, kwakhiwa elinye ihholo elakhiwa ngokushesha eBloemfontein.