IZaziso
◼ Isipho sencwadi sango-July no-August: Noma iyiphi kulezi zincwajana ezingangomagazini ezinamakhasi angu-32 ingase ihanjiswe ngomnikelo ka-R1,20 iyinye: Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu?, Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?, Iyini Injongo Yokuphila—Ungayithola Kanjani?, Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade!, Kwenzekani Kithina Lapho Sifa?, Lapho Ufelwa Othandekayo nethi UHulumeni Oyoletha IPharadesi. Lapho kufaneleka khona, kungase kuhanjiswe incwajana ethi Imimoya Yabafileyo—Ingakusiza Noma Ingakulimaza? Ingabe Ikhona Ngempela?, Incwadi Yabo Bonke Abantu, Our Problems—Who Will Help Us Solve Them? nethi Will There Ever Be a World Without War? Ngo-September: Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade ngomnikelo ka-R5,00 enoqwembe oluqinile, ngo-R3,75 enoqwembe oluthambile. Ngo-October: Omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama!
◼ Kusukela ngo-September, ababonisi besifunda bayonikeza inkulumo yeningi enesihloko esithi “UJehova ‘Uyinqaba’ Yabantu Bakhe.”
◼ Amabandla kufanele aqale uku-oda amafomu anele onyaka wenkonzo ka-2000 e-odeni lawo lezincwadi lango-July. Sicela niwasebenzise kahle la mafomu. Kufanele asetshenziselwe injongo enzelwe yona kuphela.
◼ SIZANI NIPHAWULE: Lushintshiwe usuku lomhlangano wesigodi olandelayo:
December 17-19:
ELebowakgomo