IMihlangano Yenkonzo Ka-October
Isonto Eliqala Ngo-October 5
INgoma 199
10 imiz:Izaziso zebandla. IZaziso ezikhethiwe ezikuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso.
15 imiz: “Yini Oyihlelele Isikhathi Sasehlobo?” Umdala uxoxa nabamemezeli ababili noma abathathu ngamalungiselelo abawenzele izinyanga ezizayo zasehlobo. Babukeza amalungiselelo abo okuya emhlanganweni, omsebenzi wabo owandisiwe wenkonzo yasensimini, okuya eholidini nawokuvakashela abangane nezihlobo. Bonke bayavuma ukuthi ngeke basidebeselele isifundo somuntu siqu, imihlangano, noma inkonzo yasensimini bese bechaza ukuthi bahlela ukusilondoloza kanjani isimiso esihle sezinto ezingokwasezulwini.
20 imiz:“‘Ukuhlwanyela Imbewu YoMbuso’ Emizileni Kamagazini.” Ingxoxo nezilaleli. Makube nabathile abalandisa indlela abaqala futhi balandelela ngayo umzila kamagazini. Bese kuba nomboniso wokuhambisa umagazini, kwenziwe amalungiselelo okuba kulethwe omagazini abalandelayo.
INgoma 133 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-October 12
INgoma 42
5 imiz:Izaziso zebandla. Umbiko wezimali.
10 imiz:“Ababonisi Bayahola—Unobhala.” Inkulumo enikezwa unobhala webandla, ebukeza imisebenzi ayabelwe. Ugcizelela ukuthi bonke bangabambisana nonobhala ngokufaka imibiko yenkonzo yasensimini ngesikhathi.
10 imiz: Banomoya Wentshiseko Wokuphayona. Inkulumo ekhuthazayo esekelwe e-Ncwadini Yonyaka Ka-1998, amakhasi 104-7. Chaza ukuthi kungani kunamaphayona amaningi kangaka eJapane, yini eyenza amakhosikazi emizi akwazi ukunikeza izithakazelo ezingokomoya indawo yokuqala, yini eshukumisa umuntu ngamunye ofaka isicelo sokuphayona, futhi obani abakha inani elikhulu lamaphayona. Bonisa indlela abazali abaphayonayo abanethonya elihle ngayo. Qokomisa ukuthi yikuphi ukuqiniseka okufanele umuntu abe nakho ukuze akwazi ukwenza ukulungisa okudingekayo ekuphileni kwakhe ukuze aphayone. Bakhuthaze bonke ukuba baphinde bakucabangele ngokungathi sína nangomthandazo ukuthi abanakukwazi yini ukuphayona.
20 imiz:“Ingabe Uyabafunda Omagazini?” Imibuzo nezimpendulo. Bukeza ukusikisela okuwusizo kokuhlela isikhathi sokubafunda, okutholakala e-Ncwadini Yokuchasisa ISikole, isifundo 4, izigaba 5-6.
INgoma 107 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-October 19
INgoma 16
10 imiz:Izaziso zebandla. Bukeza amaphuzu okukhulunyelwa akomagazini bamuva. Landisa okuhlangenwe nakho okuse-Ncwadini Yonyaka Ka-1997, ikhasi 45 nokukuyi-Phaphama! ka-October 22, 1996, ikhasi 32. Bakhuthaze bonke ukuba bahlanganyele ekusakazeni omagazini kule mpelasonto.
20 imiz: “IMihlangano Yezigodi Neyezizwe ‘Yendlela KaNkulunkulu Yokuphila’ Ka-1998.” (Izigaba 1-17) Imibuzo nezimpendulo. Funda izigaba 11 no-12. Gcizelela ukubaluleka okungokomBhalo kokuzilungisa nokuziphatha okunesizotha kobuKristu kanye nokuqondisa kahle izingane zethu.
15 imiz:Indlela Yokulungiselela ISifundo Se-Nqabayokulinda. Ingxoxo nezilaleli eqhutshwa umqhubi weSifundo Se-Nqabayokulinda, esekelwe kuyi-Nqabayokulinda ka-May 15, 1986, amakhasi 19-20, izigaba 16-18 nase-Ncwadini Yokuchasisa ISikole, isifundo 7, isigaba 11, nesifundo 18, izigaba 4-6. Cela ukukhulumela emibuzweni elandelayo: (1) Kungani kubalulekile ukuba sizuze ngokugcwele kumagazini ngamunye we-Nqabayokulinda? (2) Yini okufanele siyenze lapho sithola umagazini omusha? (3) Iyiphi indlela enhle yokulungiselela iSifundo Se-Nqabayokulinda? (4) Yikuphi ukunakekela okufanele kunikezwe imibhalo ekhonjiwe? (5) Singakubukeza kanjani esikufundile? (6) Yimaphi amaphuzu ayinhloko okufanele sizindle ngawo lapho siqeda isifundo somuntu siqu salesi sifundo? (7) Singayilungiselela kanjani impendulo? (8) Izimpendulo ezihlukahlukene zinganikezwa kanjani embuzweni owodwa? Makube nabathile abalandisayo ukuthi yini bona abaye bayenza ukuze bazuze kakhulu eSifundweni Se-Nqabayokulinda.—Bheka nencwadi ethi Ukuhlelelwa Ukufeza Inkonzo Yethu, amakhasi 65-7.
INgoma 95 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-October 26
INgoma 98
10 imiz:Izaziso zebandla. Njengoba kunamaholide ezayo ngo-December nango-January, lesi kuzoba isikhathi esihle sokuba intsha ebhapathiziwe kanye nabanye bacabangele ukuba amaphayona asizayo. Bakhumbuze bonke ukuba bafake imibiko yabo yenkonzo yasensimini.
20 imiz:“IMihlangano Yezigodi Neyezizwe ‘Yendlela KaNkulunkulu Yokuphila’ Ka-1998.” (Izigaba 18-23) Imibuzo nezimpendulo. Funda isigaba 18 nombhalo okhonjiwe. Gcizelela isidingo sokuhleleka nesokucabangela abanye, ikakhulukazi endabeni yezihlalo. Phetha ngokubukeza kafushane esithi “Esikukhunjuzwa Ngomhlangano Wesigodi.”
15 imiz:Ukufika Emihlanganweni Ngesikhathi. Ingxoxo phakathi kwabaqhubi beSifundo Sencwadi Sebandla ababili noma abathathu noma nezinceku ezikhonzayo ngokuphathelene nenkinga yokufika sekwephuzile emihlanganweni. Bayavuma ukuthi izimo ezingavamile, ezihlanganisa izimo eziphuthumayo, izimo zezulu, ukuminyana kwemigwaqo, nokunye, kungenza ukuba umuntu ephuze ukufika. Nokho, kwabanye sekwaba umkhuba ukufika sekwephuzile. Ngendlela eyakhayo, leli qembu lixoxa futhi libonise ukuthi yini edingekayo ukuze umuntu afike ngesikhathi: (1) ukulazisa ngenhliziyo yonke ilungelo lokuba khona emihlanganweni nokudla okungokomoya kanye nobudlelwane obutholakala kuyona, (2) ukuhlela kahle kusengaphambili nokuhleleka komuntu siqu, (3) ukubambisana ngokuzimisela kwamalungu omkhaya, (4) ukushesha ukusuka nokuba nesikhathi esanele uma kwenzeka kuphakama izinkinga ezingalindelwe, (5) nokukukhathalela ngobuqotho ukungabaphazamisi abanye abakhona. Bonke bayavumelana ukuthi inkinga yokungafiki ngesikhathi ingalungiswa ngokwenza umzamo oqhubekayo wokuthuthukisa isimo.
INgoma 86 nomthandazo wokuphetha.