Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 9/98 k. 1
  • Bazi Abafowenu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Bazi Abafowenu
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Bazi Kahle Abafowenu
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1994
  • Kungani Kufanele Sihlangane Ndawonye Ukuze Sikhulekele?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2016 (Efundwayo)
  • Obani Abangabafowethu Nodadewethu?
    Funda KuMfundisi Omkhulu
  • Ingxoxo Eyakhayo
    Incwadi Yokuchasisa Isikole Senkonzo EsingokwaseZulwini
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
km 9/98 k. 1

Bazi Abafowenu

1 IBhayibheli lichaza umngane weqiniso ngokuthi umuntu onamathela kakhulu kunomfowenu, ohlala enothando nokwethembeka nosiza umngane wakhe ngesikhathi sosizi. (IzAga 17:17; 18:24) Ngeke sibaswele abangane abanjalo ebandleni uma senza umzamo wokwazana nokuthandana.—Joh. 13:35.

2 Siba namathuba amahle okujwayelana nabafowethu ngaphambi nangemva kwemihlangano. Kungani ungafiki ngaphambi kwesikhathi futhi uhlale isikhashana ngemva kwemihlangano ukuze ujabulele ubudlelwane obufudumele nobunempilo? Zama ukuxoxa nabazalwane abahlukahlukene, kuhlanganise nasebekhulile, abanokuhlangenwe nakho nabasha noma abanamahloni.

3 Qala Izingxoxo: Yenza okungaphezu kokumane ubabingelele udlula abafowenu. Ungaqala ingxoxo ngokulandisa okuhlangenwe nakho kwasenkonzweni yasensimini, iphuzu elithakazelisayo olithole kumagazini wamuva, noma uphawule ngomhlangano osanda kuphela. Ungafunda okuningi ngabafowenu ngokuba isilaleli esihle, ubakhuthaze ukuba bakhulume ngokuhlangenwe nakho kwabo nezinto abazifundayo. Ukubuza nje ukuthi umuntu wamazi kanjani uJehova kungase kwembule okuningi. Abanye baye babhekana nezenzakalo eziqinisa ukholo ekuphileni kwabo, kuyilapho abanye manje bekhuthazelela izimo okungase kube nzima ngabanye ukucabanga ngazo. Ukuqaphela lokhu kuyosisiza, njengabangane beqiniso, ukuba sibe abazwelayo nabasabelayo ezidingweni zabanye.

4 Yibani Nobungane Komunye Nomunye: Ngemva kokushonelwa ingane yakhe, udade othile wakuthola kunzima ukuhlabelela izingoma zoMbuso ezikhuluma ngovuko. Uyakhumbula: “Ngesinye isikhathi, udade owayehleli ezihlalweni ezingakolunye uhlangothi wangibona ngikhala. Weza wangigaxa, futhi wahlabelela ingxenye esele yengoma kanye nami. Ngazizwa ngigcwele uthando ngabafowethu nodadewethu futhi ngijabule kakhulu ngokuthi seza emihlanganweni, ngiqaphela ukuthi yilapho lapho siluthola khona usizo, eHholo LoMbuso.” Kufanele sibe nobungane kubafowethu ngokubaduduza lapho kudingekile futhi sibakhuthaze ngazo zonke izikhathi.—Heb. 10:24, 25.

5 Njengoba leli lizwe elidala liya licindezela ngokwengeziwe, masizimisele ukubazi kangcono abafowethu. Lokhu kukhuthazana okuqotho kuyoba isibusiso kubo bonke.—Roma 1:11, 12.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela