Singenza Imisebenzi Emikhulu Kuneyakhe
1 Inkonzo kaJesu Kristu yayihlanganisa imisebenzi emikhulu ngokuphawulekayo. Wondla izinkulungwane ngokuyisimangaliso, welapha abaningi futhi wavusa abathile ekufeni. (Math. 8:1-17; 14:14-21; Joh. 11:38-44) Umsebenzi wakhe wakhanga isizwe sonke. Nokho, ngobusuku bokugcina ngaphambi kokufa kwakhe, watshela abalandeli bakhe abathembekile: “Obonisa ukholo kimi, lowo futhi uyokwenza imisebenzi engiyenzayo; futhi uyokwenza imisebenzi emikhulu kunalena.” (Joh. 14:12) Singayenza kanjani imisebenzi ‘emikhulu kunalena’?
2 Ngokuhlanganisa Insimu Eyengeziwe: UJesu wasebenza ePalestine kuphela, kanti abafundi bakhe bokuqala batshelwa ukuba bafakaze “ezingxenyeni eziqhele kakhulu zomhlaba,” indawo enkulu kakhulu kunaleyo uJesu ngokwakhe ashumayela kuyo. (IzE. 1:8) Umsebenzi wokushumayela awuqala manje wenziwa embulungeni yonke, uhlanganisa amazwe angu-232. (Math. 24:14) Ingabe unengxenye egcwele ekusebenzeni insimu eyabelwe ibandla lenu?
3 Ngokufinyelela Abantu Abengeziwe: UJesu washiya abafundi abambalwa ukuba baqhubeke nomsebenzi wokushumayela. Nokho, ngenxa yokufakaza kwabo ngentshiseko ngePhentekoste lika-33 C.E., labo abamukela iqiniso futhi babhapathizwa ngalolo suku babengaba izinkulungwane ezintathu. (IzE. 2:1-11, 37-41) Ukuqoqwa kwalabo ‘abathambekele ngokufanele ekuphileni okumi phakade’ kuye kwaqhubekela esikhathini sethu, lapho sesibhapathiza khona isilinganiso sabangaphezu kwenkulungwane ngosuku. (IzE. 13:48) Ingabe wenza konke ongakwenza ukuze ufinyelele abantu abanhliziyo ziqotho noma kuphi lapho bengatholakala khona futhi ulandelele isithakazelo ngokushesha ngangokunokwenzeka?
4 Ngokushumayela Isikhathi Eside Kakhulu: Inkonzo kaJesu yasemhlabeni yathatha iminyaka emithathu nengxenye kuphela. Iningi lethu selishumayele isikhathi eside kunaleso. Kungakhathaliseki ukuthi siyovunyelwa ukuba siqhubeke isikhathi eside kangakanani nalo msebenzi, siyakujabulela ukusiza umfundi ngamunye omusha ukuba aqale ukuhamba endleleni eya ekuphileni. (Math. 7:14) Ingabe uba nokuningi kokukwenza inyanga ngayinye emsebenzini weNkosi?—1 Kor. 15:58.
5 Singahlala siqiniseka ukuthi ngokusekelwa uJesu, sisazokwenza imisebenzi emikhulu kunalena njengabafundi bakhe beqiniso.—Math. 28:19, 20.