IMihlangano Yenkonzo Ka-June
Isonto Eliqala Ngo-June 1
INgoma 223
8 imiz: Izaziso zebandla. IZaziso ezikhethiwe ezikuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso. IZindaba Ezingokwasezulwini. Khumbuza abamemezeli ukuba bayibike ngokushesha inkonzo yabo yasensimini yango-May. Unobhala kanye nabaqhubi bezifundo zencwadi kufanele baqikelele ukuba ifakwe yonke imibiko yenkonzo yasensimini yezinyanga ezidlule ebingakafakwa.
15 imiz: “Ukuyihlomela Ngokuphelele Yonke Imisebenzi Emihle.” Imibuzo nezimpendulo. Khulumela kafushane INqabayokulinda ka-February 15, 1989, amakhasi 22-4.
22 imiz: “Ukufakaza Kuzo ‘Zonke Izinhlobo Zabantu.’” Umdala kanye neqembu labamemezeli abanokuhlangenwe nakho baxoxa ngezintshumayelo ezisikiselwe. Bukeza kafushane izinkolo ezikhona endaweni, bese uchaza ukuthi kungani kufanele sibe nokuthile engqondweni esingaqala ngakho ingxoxo esimweni ngasinye. Makube nomboniso owodwa noma emibili emifushane.
INgoma 112 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-June 8
INgoma 209
10 imiz: Izaziso zebandla. Umbiko wezimali.
15 imiz: “Ukunakekela OkungokweNkosi.” Inkulumo enikezwa umdala, ehlanganisa ukwaziswa okusesenezelweni.
20 imiz: “Sonke Siyadingeka Ukuze Sifeze Umsebenzi.” Imibuzo nezimpendulo. Chaza ukuthi kungani abadala bethembela ezisebenzini eziningi zokuzithandela ukuze kwenziwe izinto ezibalulekile. Bukeza izidingo zebandla, ezinjengokuhlanza iHholo LoMbuso kanye nokulinakekela, ukusiza abagulayo nasebekhulile kanye nokuhlanganiswa kwensimu. Cela abadala ukuba bakhulumele indlela abalwazisa ngayo usizo abamemezeli abaningi abalunikeza ngokuzithandela. Gcizelela ukuthi umzamo womuntu ngamunye udingeka kangakanani.
INgoma 153 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-June 15
INgoma 7
10 imiz: Izaziso zebandla.
20 imiz: “Phikelelani.” Inkulumo esekelwe kuyi-Nqabayokulinda ka-January 15, 1986, amakhasi 10-14. Xoxani ngokubaluleka kwenkonzo yamaphayona avamile, ukhuthaze ukubhalisa ngo-September 1.
15 imiz: “Ukufakaza Ngokuziphatha Okuhle.” Imibuzo nezimpendulo. Xoxa nentsha ethile eyisibonelo. Ilandisa ngendlela ukuziphatha kwayo kobuKristu okuye kwabahlaba ngayo umxhwele abanye. Landisa okuhlangenwe nakho okukodwa noma okubili okukuyi-Nqabayokulinda ka-January 1, 1995, amakhasi 24-5.
INgoma 170 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-June 22
INgoma 61
10 imiz: Izaziso zebandla. Yisho ukuthi ukubalwa kwezimali zebandla kwenziwe nini.
15 imiz: Indlela Yokuqala Umzila Kamagazini. Chaza okudingekayo: bhala bonke abantu obahambisele okuthile, buyela engakapheli amasonto amabili, yisho amaphuzu amasha akomagazini bamuva ukuze ugcine isithakazelo sikhona. Sikisela ukuthi umzila kamagazini ungahlanganisa nomakhelwane, osebenza nabo, omabhalane basezitolo, izisebenzi zasegalaji, njalonjalo. Cela ummemezeli oyedwa noma ababili ukuba balandise okuhlangenwe nakho okuhle ngemizila kamagazini.
20 imiz: Amaphayona Asiza Abanye. Inkulumo enikezwa umbonisi wenkonzo, ebukeza ilungiselelo lokuba amaphayona asize abanye ngokoqobo. Chaza indlela izimiso zokusiza abanye ezaqala ngayo esikhathini esidlule. (jv-ZU 100; km-ZU 8/79 1, 3) Abantu abangaphezu kwesigidi ababhapathizwe kule minyaka emithathu edlule badinga ukuqeqeshwa. Isimiso esibizwa ngokuthi “Amaphayona Asiza Abanye” sisebenzisa okuhlangenwe nakho kanye nokuqeqeshwa kwamaphayona avamile nakhethekile aseyile eSikoleni Senkonzo Samaphayona. Umgomo uwukuba iphayona ngalinye lisize abamemezeli ababili ngonyaka ukuba babe nekhono ngokwengeziwe enkonzweni futhi bahlanganyele kakhudlwana enkonzweni. Labo abasizwayo akufanele neze bazizwe benexhala; kugxilwe kakhulu ekunikezeni isikhuthazo sothando nesomusa.
INgoma 207 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-June 29
INgoma 114
10 imiz: Izaziso. Khumbuza bonke ukuba bafake imibiko yenkonzo yasensimini ka-June. Xoxani ngesipho sencwadi sango-July.
15 imiz: Izidingo zebandla noma esithi Ingabe Sengilinciphisile Ijubane? Inkulumo enikezwa umdala esekelwe kuyi-Nqabayokulinda ka-December 15, l987, amakhasi 18-19, izigaba 14-16. Khuthaza labo asebeneminyaka eminingi beshiseka ukuba bacabange ngesilinganiso nezinga lenkonzo yabo engcwele.
20 imiz: Sonke Singafakaza Ngokwethukela. Inkulumo kanye nengxoxo nezilaleli esekelwe kuyi-Nqabayokulinda ka-October 15, 1987, amakhasi 22-7. Bonisa indlela labo abamatasa ngenxa yemithwalo yemfanelo yomsebenzi wokuziphilisa, yomkhaya, noma yomuntu siqu abangawathola ngayo amathuba amaningi nsuku zonke okuhlanganyela izindaba ezinhle nabanye. Hlanganisa nokuhlangenwe nakho okuthile kwasebandleni.
INgoma 76 nomthandazo wokuphetha.