Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 12/97 k. 7
  • ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini Sika-1998

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini Sika-1998
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1997
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isikole Esiphumelelayo Esisemhlabeni Wonke
    I-Phaphama!—1995
  • ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini Sika-2000
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1999
  • Isikole Senkonzo esingokwaseZulwini Siveza Izinzuzo
    Incwadi Yokuchasisa Isikole Senkonzo EsingokwaseZulwini
  • ISikole Esisihlomisela Ukwenza Izinto Ezibaluleke Kakhulu
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2002
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1997
km 12/97 k. 7

ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini Sika-1998

Ukufundiswa kusho “ukugxiliswa kolwazi noma ikhono elithile engqondweni.” NgeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini, siqeqeshwa ngokuqhubekayo olwazini lukaNkulunkulu. Futhi, ukuba kwethu nengxenye kulesi sikole kusenza sithuthukise amakhono ethu okukhuluma nawokufundisa. Isimiso sesikole sika-1998 sizosinika amathuba amaningi okuthuthuka ngokwengeziwe ngokomoya.

Lapho uhlola isimiso sesikole sangonyaka ozayo, uzoqaphela ukuthi iSabelo No. 3 ngezikhathi ezithile sizosekelwa kwethi Izihloko Zengxoxo. Ngaphezu kwalokho, incwadi ethi Injabulo Yomkhaya iye yenezelwa ezifundweni zika-1998, futhi iSabelo No. 3 no-No. 4 sizoyihlanganisa ngokuqhubekayo. Njalo lapho iSabelo No. 4 sisekelwe kwethi Injabulo Yomkhaya, umzalwane owabelwe sona kufanele asisingathe njengenkulumo ebhekiswe ebandleni. Futhi, niyakhunjuzwa ukuthi esimisweni sesikole akekho okufanele eqe isikhathi esimisiwe.

Isici Esisha: Ukuze sizuze ngabanye, kufakwe “Isimiso Sokufunda IBhayibheli Esiseceleni” kubakaki ngemva nje kwenombolo yengoma yesonto ngalinye. Nakuba ingekho ingxenye yesimiso sesikole samasonto onke esekelwe kuso, zenzele umgomo wokuhambisana naso. Lokhu kuzokusiza ukuba ukwenze umkhuba ukufunda iBhayibheli nsuku zonke uma ungakakwenzi.

Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe ngezabelo, iseluleko nokubukeza okulotshwayo, siza uzifunde ngokucophelela iziqondiso ezitholakala ‘eSimisweni SeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini Sika-1998,’ kanye nasekhasini 5 le-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-October 1996.

Uma ungakabhalisi eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini, sikumema ukuba ubhalise manje. Lesi sikole esiyingqayizivele siyaqhubeka sinendima ebalulekile ekuqeqesheni izinceku zikaJehova ezithobekile nezizinikele ukuze zikufanelekele kangcono ukuba izikhonzi zakhe.—1 Thim. 4:13-16.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela