Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
Ukubukezwa izincwadi zivaliwe kokwaziswa okwahlanganiswa ezabelweni zeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini zesonto lika-September 1 kuya ku-December 22, 1997. Sebenzisa iphepha elihlukile ozobhalela kulo izimpendulo zemibuzo ongase ukwazi ukuyiphendula ngesikhathi esinikeziwe.
[Phawula: Phakathi nokubukeza okulotshwayo, iBhayibheli kuphela elingase lisetshenziswe ekuphenduleni noma yimuphi umbuzo. Izikhombo ezilandela imibuzo ezokuba uzicwaningele wena siqu. Izinombolo zamakhasi nezigaba zingase zingaveli kuzo zonke izikhombo ze-Nqabayokulinda.]
Phendula ngayinye yezinkulumo ezilandelayo ngokuthi Iqiniso noma Amanga:
1. Ngabe abukho ububi ukube uNkulunkulu akazinikanga izidalwa ezihlakaniphile ilungelo lokuzikhethela. [rs-ZU k. 227 isig. 3]
2. KuLuka 22:30, “izizwana eziyishumi nambili zakwa-Israyeli” zinencazelo efanayo nekaMathewu 19:28, lapho incazelo idlulela ngalé kwabapristi bakaJesu abangaphansi abagcotshwe ngomoya, ihlanganise naso sonke isintu. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w87-ZU 3/1 k. 27 isig. 10; k. 28 isig. 12.]
3. Okwenza abafundi bakaJesu bamangaliswa ukukhuluma kwakhe nowesifazane ongumSamariya ukuthi wayengaziphethe kahle. (Joh. 4:27) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w95-ZU 7/15 k. 15 izig. 1-2.]
4. Amazwi athi “kusukela ekuqaleni” akuJohane 6:64 abonisa ukuthi ngesikhathi uJuda ekhethelwa ukuba umphostoli, uJesu wayazi ukuthi uyena owayezomkhaphela. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-it-2 k. 129 izig. 4-6; rs-ZU k. 272 isig. 1, 2.]
5. Umthetho-sisekelo weNhlangano ka-1884 wabhekisela kuyo njengeyinhlangano enyathelisayo kuphela. [jv-ZU k. 576 isig. 1]
6. U-Eksodusi 21:22, 23 usisiza ukuba siqonde ukuthi uNkulunkulu ubheka ingane yomuntu engakazalwa njengokuphila okuyigugu. [kl-ZU k. 128 isig. 21]
7. ‘Umkhosi wamaJuda’ okukhulunywa ngawo kuJohane 5:1 ubhekisela ePhasikeni lango-31 C.E. [si-ZU k. 194 isig. 8]
8. Ukusakaza isigijimi soMbuso ngomsakazo nethelevishini kuphumelela njenganoma iziphi ezinye izindlela esingazisebenzisa. [jv-ZU k. 572 isig. 2]
9. Eyoku-1 Petru 3:3, 4 ayikwenqabeli ukusebenzisa ngesizotha nangokulinganisela amagugu okuhloba nezimonyo njengoba nje ingakwenqabeli nokugqoka izingubo zangaphandle. [rs-ZU k. 34 isig. 1]
10. Kungakhathaliseki ukuthi iziphathimandla zomphakathi zibhekwa njengezilungile noma cha, amaKristu eqiniso kufanele abhalise imishado yawo kuzo ngokomthetho. [kl-ZU k. 122 isig. 11]
Phendula lemibuzo elandelayo:
11. Ngokwesibonelo samaKristu ase-Efesu ekhulu lokuqala, yisiphi isinyathelo esidingekayo okumelwe sithathwe ukuze kulwiwe nemimoya emibi? (IzE. 19:19) [kl-ZU k. 114 isig. 14]
12. Zona kanjani izingelosi ezithile osukwini lukaNowa? [kl-ZU k. 109 isig. 4]
13. Kungani uJesu enqaba ukuhilelwa engxabanweni yokubanga ifa? (Luka 12:13, 14) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w97-ZU 4/1 k. 28.]
14. Yini abafundi ababengayiqapheli lapho bebuza uJesu ukuthi wayezowubuyisela yini uMbuso ku-Israyeli, njengoba kulotshwe kuzEnzo 1:6? [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w90-ZU 6/1 k. 11 isig. 4.]
15. Kungani u-Adolf Hitler engakwazanga ukufeza usongo lwakhe lokuqothula abantu bakaJehova? [jv-ZU k. 553 izig. 3-5]
16. Kungani owesifazane ongumKristu efaka isembozo sekhanda ngezinye izikhathi? [rs-ZU k. 32 isig. 3]
17. Kungani INguqulo Yezwe Elisha ithi “uLizwi wayewunkulunkulu” ingasho ukuthi “uLizwi wayenguNkulunkulu,” njengoba kusho ezinye izinguqulo kuJohane 1:1? [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-rs-ZU 251 isig. 6.]
18. Ngokwencwadi yesAmbulo, “labo abasebenzisa imimoya” bayogcinaphi uma bengaphenduki futhi bashintshe izindlela zabo? [kl-ZU k. 112 isig. 8]
19. Njengoba uJesu ayengumuntu ophelele futhi ayivuma indima yakhe njengoMfundisi, kungani enqaba ukubizwa ngokuthi “Mfundisi Omuhle”? (Luka 18:18, 19) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w95-ZU 3/1 k. 15 isig. 7.]
20. Yini eyayiyintsha emyalweni okuJohane 13:34? [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w90-ZU 2/1 k. 21 izig. 5-6.]
Nikeza igama noma amagama noma umusho odingekayo ukuze uqedele ngayinye yalezi zinkulumo ezilandelayo:
21. Umuntu owathatha indawo kaJuda Iskariyothe wakhethwa uJehova ngemva kokuba abafundi bakaJesu bethandazile futhi benzela ․․․․․․․․ inkatho. (IzE 1:24-26) [bheka i-w90-ZU 6/1 k. 11 isig. 6.]
22. “Omina abayishumi” bamelela ․․․․․․․․ abafundi abagcotshwe ngomoya abangawasebenzisa ekuvezeni ․․․․․․․․ ezengeziwe zoMbuso wasezulwini. (Luka 19:13) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w89-ZU 10/1 k. 8.]
23. Amacala amathathu angamanga amaJuda awabeka uJesu kuPilatu, umbusi waseJudiya ongumRoma, ayehlanganisa ukudukisa ․․․․․․․․, ukwenqabela ukukhokha ․․․․․․․․, nokuthi Yena ngokwaKhe ․․․․․․․․. (Luka 23:2) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w90-ZU 12/1 k. 9 isig. 1.]
24. AmaKristu eqiniso awawugubhi uKhisimusi nanoma iliphi elinye iholide elisekelwe ezinkolelweni ezingokwenkolo ezingamanga ngoba anikeza uJehova ․․․․․․․․; awawagubhi namaholide ․․․․․․․․ abantu abanesono noma izizwe. [kl-ZU k. 126 isig. 16]
25. Incwadi yezEnzo yabhalwa uLuka ngesikhathi ese-․․․․․․․․. [si-ZU k. 199 isig. 3]
Khetha impendulo eqondile ezinkulumweni ezilandelayo:
26. Ngo-1992, abafundi abangaphezu kuka-(2 500; 4 500; 6 500) abavela emazweni angu-(40; 80; 110) base beqeqeshiwe eGileyadi futhi ngemva kwalokho base bekhonza emazweni angaphezu kuka-(100; 150; 200) naseziqhingini ezingamaqoqo. [jv-ZU k. 524 isig. 2]
27. Ngo-(1877; 1879; 1881) uCharles T. Russell wanyathelisa incwajana ethi The Object and Manner of Our Lord’s Return, kwathi ngo-(1877; 1879; 1881), waqala ukunyathelisa i-Zion’s Watch Tower and Herald of Christ’s Presence. [jv-ZU k. 557 isig. 1]
28. Ukuphila ngendlela ebonisa ukuhlonipha uNkulunkulu kusiqinisekisa ukuthi (abanye bayosiphatha kahle njalo; siyojabulela inqwaba yezinto ezibonakalayo manje; uNkulunkulu uyosamukela ngenxa yokuthi senza okulungile). [kl-ZU k. 118 isig. 2]
29. Lapho uJesu ebuza umphostoli uPetru ethi, “Uyangithanda yini ngaphezu kwalezi?,” wayebuza uPetru ukuthi umthanda ngaphezu kokuba (ethanda abanye abafundi; abanye abafundi bethanda uJesu; ethanda lezi zinto, njengezinhlanzi). (Joh. 21:15) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w88-ZU 11/1 k. 31 isig. 9.]
30. Ngokwengxenye enkulu, labo abaye bahola ekusakazeni izindaba ezinhle bekungabantu (abacebile; izwe elibahloniphayo; abavamile). [jv-ZU k. 548 isig. 3]
Qondanisa imibhalo elandelayo nezinkulumo ezihlelwe ngezansi: Math. 5:14-16; IzAga 3:9, 10; Luka 9:60, 62; 13:4, 5; Joweli 2:28, 29
31. UJesu wawuphikisa umqondo wokudalelwa, ebhekisela enhlekeleleni izilaleli zakhe ezaziyazi kahle futhi ngokusobala ayethi yabangelwa isikhathi nezenzakalo ezingalindelekile. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w96-ZU 9/1 k. 5 isig. 5.]
32. Abesifazane bangase babe abashumayeli, abamemezeli, izikhonzi zezindaba ezinhle uma bengekho emihlanganweni yebandla. [rs-ZU k. 32 isig. 2]
33. Ukuzinikela komphefumulo wonke kudingekile ukuze umuntu angene eMbusweni. [si-ZU k. 192 isig. 32]
34. UJehova uyosibusisa lapho sisebenzisa isikhathi sethu, amandla nenye impahla, kuhlanganise nezimali zethu, ukuze siqhube ukukhulekela kweqiniso. [kl-ZU k. 120 isig. 8]
35. Labo abangamaKristu kumelwe babe ofakazi abakhuthele emhlabeni ngokuqondene negama likaNkulunkulu nezinjongo zakhe. [rs-ZU k. 205 isig. 4]