Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 9/97 k. 2
  • IMihlangano Yenkonzo Ka-September

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IMihlangano Yenkonzo Ka-September
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1997
  • Izihlokwana
  • Isonto Eliqala Ngo-September 1
  • Isonto Eliqala Ngo-September 8
  • Isonto Eliqala Ngo-September 15
  • Isonto Eliqala Ngo-September 22
  • Isonto Eliqala Ngo-September 29
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1997
km 9/97 k. 2

IMihlangano Yenkonzo Ka-September

Isonto Eliqala Ngo-September 1

INgoma 26

10 imiz:Izaziso zebandla. IZaziso ezikuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ezisebenzayo ebandleni. Khumbuza abamemezeli ukuba babike inkonzo yabo yasensimini ka-August ngokushesha. Njengoba u-August ebeyinyanga yokugcina yonyaka wenkonzo, unobhala nabaqhubi bezifundo zencwadi kufanele baqikelele ukuthi iyalethwa yonke imibiko yenkonzo yasensimini yezinyanga ezedlule ebingakalethwa. Sifuna ukuthi ngo-August sifinyelele inani elisha eliphakeme labamemezeli.

15 imiz:“Yenza Izinto Ezibalulekile Zize Kuqala.” Imibuzo nezimpendulo. Uma isikhathi sivuma, khulumela esithi “Ukubeka Izinto Eziza Kuqala Eziqondile,” esikuyi-Phaphama! ka-March 8, 1987, amakhasi 20-1 [g87 2/22 kk. 8-9].

20 imiz:“Ukuhlanganyela Nabanye Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya.” Inkulumo ehlanganisa izigaba 1 no-6-8. Makube nemiboniso yezigaba 2-5. Gcizelela ukuthi kufanele sihlale sicabanga ngokwenza abafundi nokufinyelela umgomo wokuqala izifundo.

INgoma 107 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-September 8

INgoma 27

10 imiz:Izaziso zebandla. Umbiko wezimali.

10 imiz:Izidingo zebandla.

10 imiz:“Izifundo ZeBhayibheli Ezikhiqiza Abafundi.” Inkulumo.

15 imiz:Umdala uxoxa nabamemezeli abanokuhlangenwe nakho abaqhuba izifundo, ngesithi “Khuthaza Abafundi Ukuba Bazinikezele Futhi Babhapathizwe” (isenezelo se-km-ZU 6/96, izig. 20-2).

INgoma 109 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-September 15

INgoma 30

10 imiz:Izaziso zebandla. Bukeza iBhokisi Lemibuzo.

15 imiz:Wasebenzise Ngokunenzuzo Ama-video. Bukeza ukusikisela okunikeziwe ngokuphathelene nokusetshenziswa kwama-video eNhlangano bese ulandisa okuhlangenwe nakho kwasendaweni okubonisa indlela yokuwasebenzisa kakhudlwana ama-video, kokubili emikhayeni yethu nasenkonzweni yethu.

20 imiz:Ingabe Uyayisebenzisa Incwajana Ethi Isikole NoFakazi BakaJehova? Umdala uxoxa nabazali abathile kanye nezingane nge-Nqabayokulinda ka-October 1, 1985, amakhasi 30-1. Balandisa okuye kwenzeka lapho besebenzisa incwajana ethi Isikole.

INgoma 112 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-September 22

INgoma 32

8 imiz:Izaziso zebandla.

17 imiz:Indlela Yokuqala Ingxoxo. Impumelelo yethu enkulu enkonzweni ixhomeke ekukwazini kwethu ukuhilela abanye abantu ezingxoxweni ezizuzisayo. Uma sikwazi ukusho okuthile okwenza abanye balalele, sisuke sesinqobe esinye sezithiyo ezinkulu esibhekana nazo ekufakazeni. Xoxa nezilaleli ngokusikisela okuyisihluthulelo okutholakala kwethi Incwadi Yokuchasisa Isikole, isifundo 16, izigaba 11-14. Makube nabamemezeli abanekhono nabaphumelelayo ekuqaleni izingxoxo balandise ngamazwi esingeniso abawasebenzisayo lapho bekhuluma nabantu abanjengalaba: (1) umuntu ohamba emgwaqweni, (2) umuntu enigibele naye ibhasi, (3) umabhalane osendaweni asebenzela kuyo, (4) umuntu osendaweni yokupaka izimoto, obezothenga, (5) umuntu ohleli ebhentshini epaki (6) nomuntu okuxoxwa naye ngokufakaza ngocingo.

20 imiz:Bukeza Umbiko Webandla Wonyaka Wenkonzo Ka-1997. Umbonisi wenkonzo utusa ibandla ngomzamo omuhle eliwenzile, ikakhulukazi ngo-March, April nango-May. Unikeza ukusikisela okuvela endikimbeni yabadala nasembikweni wokuhambela kombonisi wesifunda okwedlule kokwandisa inkonzo yasensimini nomsebenzi wezifundo zeBhayibheli. Yisho imigomo ethile ewusizo engase ibekelwe unyaka wenkonzo omusha, kuhlanganisa ukuqala nokuqhuba izifundo zeBhayibheli nokuba iphayona elisizayo phakathi nezinyanga ezinezimpelasonto ezinhlanu—November, May, August.

INgoma 113 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-September 29

INgoma 37

15 imiz:Izaziso zebandla. Bakhumbuze bonke ukuba bafake imibiko yenkonzo yasensimini. Yisho ukuthi sizoqala ukufunda incwadi ethi Injabulo Yomkhaya ngesonto elizayo esifundweni sencwadi. Ngenjongo yokulungiselela umsebenzi kamagazini ngo-October, xoxani ngesidingo ‘sokuHlaziya Insimu Yenu,’ ‘Sokuzijwayelanisa Nomagazini,’ ‘Sokulungiselela Isingeniso Sakho,’ ‘Sokuzivumelanisa Nezimo Zomninikhaya,’ kanye ‘Nesokusizana,’ esikuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-October 1996, ikhasi 12.

15 imiz:Nikeza inkulumo ekhuthazayo ngesihloko esithi “Phonsa Umthwalo Wakho KuJehova Ngaso Sonke Isikhathi” esisekelwe kuyi-Nqabayokulinda ka-April 1, 1996, amakhasi 27-9.

15 imiz:Khazimulisa Inkonzo Yakho. Ingxoxo nezilaleli ngencwadi ethi Ukuhlelelwa, amakhasi 81-3. Buza lemibuzo ukuze uqokomise amaphuzu ayinhloko: (1) Sizuza kanjani ngokulandela isibonelo sikaJesu? (2) Ubaluleke kangakanani umthwalo wethu wemfanelo wokushumayela? (3) Yiziphi izisusa ezasishukumisela ukuba sinikezele ukuphila kwethu kuJehova? (4) Hlobo luni lokuziphatha oludingekayo ukuze umuntu akhonze uNkulunkulu? (5) Yini esingayifunda endleleni uJesu ashumayela ngayo?

INgoma 121 nomthandazo wokuphetha.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela