‘Yenzani Konke Okusemandleni Enu”
1 Lapho sizinikezela kuJehova, sathembisa ukumnikeza okungcono kakhulu. Ngokufanelekile, umphostoli uPetru wakhuthaza amaKristu ekhulu lokuqala ukuba enze konke okusemandleni awo ukuze aqiniseke ngokuma kwawo phambi kukaJehova. (2 Pet. 1:10) Ngokuqinisekile sifuna ukwenza konke okusemandleni ethu ukuze sijabulise uJehova ekumkhonzeni kwethu namuhla. Lokhu kuhilelani? Njengoba ubuhlobo bethu noJehova bujula futhi sizindla ngakho konke asenzele khona, izinhliziyo zethu zisishukumisela ukuba njalo senze konke okusemandleni ethu enkonzweni esimenzela yona. Sifuna ukuthuthukisa izinga, futhi uma kunokwenzeka, sandise nenkonzo yethu.—IHu. 34:8; 2 Thim. 2:15.
2 Umzalwane osemusha owayefuna ukwenza okwengeziwe enkonzweni wathola ukuthi ukufunda njalo iZwi likaNkulunkulu kwakujulisa ukwazisa kwakhe ngoJehova futhi kumenze abe nentshiseko enkudlwana. Lokhu kwamshukumisela ukuba afake isicelo senkonzo yamaphayona. Udade owayekuthola kunzima ukuxoxa nabantu angabazi waprakthiza ezinye zezintshumayelo ezisencwadini ethi Ukubonisana futhi ngokushesha waqala ukubona impumelelo enkonzweni yakhe. Wakwazi ukuqhubela umbhangqwana othile isifundo seBhayibheli futhi walamukela iqiniso.
3 Jabula Ngalokho Okwazi Ukukwenza: Abanye bethu babhekana nezimo ezinzima ezinjengempilo ebuthaka, ukuphikisa komkhaya, ubumpofu noma ukungasabeli kwabantu ensimini. Ezinye izinkinga eziningi ezivamile kulezi zinsuku zokugcina zingaba isiphazamiso enkonzweni yethu. (Luka 21:34, umbhalo waphansi we-NW; 2 Thim. 3:1) Ingabe lokhu kusho ukuthi siye sahluleka ekuzinikezeleni kwethu kuJehova? Akunjalo uma simkhonza ngokwamandla ethu.
4 Akuhlakaniphile ukuzahlulela ngokwalokho abanye abakwazi ukukufeza. Kunalokho, imiBhalo isikhuthaza ukuba ‘lowo nalowo ahlole umsebenzi wakhe siqu.’ Ukuzinikela ngokugcwele ngokwezinga thina esikwazi ngalo kuyamjabulisa uJehova futhi kusinikeza ‘isizathu sokwethaba.’—Gal. 6:4; Kol. 3:23, 24.
5 Kwangathi singalalela amazwi kaPetru okuba ‘senze konke okusemandleni ethu ukuba ekugcineni asithole singenabala, singenasici futhi sisekuthuleni.’ (2 Pet. 3:14) Lowo moya uyosenza sizizwe silondekile futhi uyosilethela ukuthula kwengqondo esingakunikezwa uJehova kuphela.—IHu. 4:8.