Babonise Ukukhathalela Okuqotho Bonke Obatholayo Abanesithakazelo
1 Ukumemezela uMbuso emhlabeni wonke kuzophela kungekudala, ngemva kwalokho bonke labo “abangamazi uNkulunkulu” bayobhujiswa. (2 Thes. 1:7-9) Ngaleyo ndlela, ukukhathalela ukuphila kwabanye ngobuqotho kushukumisela abantu bakaJehova ukuba bafinyelele abaningi ngangokunokwenzeka ngesigijimi soMbuso.—Zef. 2:3.
2 Nyanga zonke, izigidi zamahora zisetshenziselwa ekufuneni labo abafuna ukuzwa “izindaba ezinhle zokuthile okungcono.” (Isaya 52:7) Lapho benikezwa isipho sencwadi salenyanga, abaningi baye bazamukela izikhokhelo ze-Nqabayokulinda ne-Phaphama! amakhophi kamagazini noma incwajana engangomagazini ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? Ukubakhathalela ngobuqotho laba bantu kufanele kusishukumisele ukuba silandelele bonke abantu abathakazelayo esibatholayo.—IzAga 3:27.
3 Bhala Imininingwane Eqondile: Kuningi oyokufeza uma ubhala phansi imininingwane ephelele neqondile yabantu abathakazelayo kanye nokuhanjisiwe. Ukwaziswa okunjengegama lomninikhaya nekheli, usuku nesikhathi owawumhambele ngaso, incwadi oyihambisile, nendaba enaxoxa ngayo kuyokusiza ukuba uphumelele ngokwengeziwe lapho uphindela. Futhi, uma ubhala phansi okuthile okwashiwo umninikhaya engxoxweni yenu yokuqala, ungase ukwazi ukubhekisela kukho ngokuphumelelayo lapho uqhubekisela phambili ingxoxo lapho usuphindela.
4 Phindela Ngokushesha: Bangaki kulabo abamukela izincwadi kuwe ngenyanga edlule oke wazama ukuphinde ubahambele? Ingabe sekudlule amasonto ungakabathinti? Ukuyikhathalela ngobuqotho inhlalakahle yabo yaphakade kufanele kukushukumisele ukuba uphindele ngokushesha ngangokunokwenzeka, kutuswa ukuba ukwenze ngemva kwezinsuku ezimbalwa, ngoba ingxoxo iyobe isakhumbuleka. Ngokuphindela ngokushesha ukuze ukhulise isithakazelo sabo, ungase ukwazi ukubhuntshisa amasu kaSathane ngaphambi kokuba “afike alithathe izwi elalihlwanyelwe kubo.”—Marku 4:15.
5 Ukulungiselela Kubalulekile: Ukuphumelela kwakho ekwenzeni izimpindelo kuhlobene ngokuqondile nokuthi ulungiselela kahle kangakanani. Hlela indlela ozokhuluma ngayo ngaphambi kokuba uhambe. Ikhasi elingemuva le-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-April 1997 linezintshumayelo eziningana ezingase zisetshenziswe kube nempumelelo enhle lapho uhambisa izikhokhelo, omagazini noma incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? Okunye okudingekayo ukuba namaphuzu athile engqondweni ozoxoxa naye ngawo lapho uphindela. Yini ongase uyisho lapho ulandelela isithakazelo? Isifundo seBhayibheli singaqalwa kanjani?
6 Lapho uqhubekisela phambili ingxoxo eyayikhuluma ngalokho okudingekayo ukuze kuhlanzwe umhlaba futhi wenziwe ube indawo engcono okungase kuhlalwe kuyo, ungase uthi:
“Ekuhambeleni kwami kwangaphambili, savumelana ngokuthi kudingeka kuthathwe izinyathelo ezinqala ngaphambi kokuba umhlaba wenziwe ipharadesi elinokuthula. Ucabanga ukuthi isintu sinakho lokho okudingekayo ukuze kufezwe lomsebenzi? [Lindela impendulo.] Ngicela uphawule ukuthi kungani kudingeka ukuba uNkulunkulu angenele ezindabeni zesintu.” Funda iHubo 37:38. Yibe usuvula isifundo 5 encwajaneni ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo?, bese usebenzisa izingxenye ezikhethiwe ezisezigabeni 4-5 ukuze ubonise indlela uNkulunkulu ayosigcwalisa ngayo lesi siprofetho. Phetha ngokusikisela isifundo seBhayibheli usebenzisa incwajana.
7 Uma ekuhambeleni kokuqala nanixoxe ngoMbuso kaNkulunkulu futhi wahambisa incwajana ethi “Yini UNkulunkulu Ayifunayo?,” lapho uphindela ungase usho okuthile okufana nalokhu:
◼ “Lapho sixoxa esikhathini esidlule, sathi uMbuso kaNkulunkulu yiwona hulumeni ongokoqobo ozobusa wonke umhlaba. IBhayibheli libonisa ukuthi uKristu Jesu uyoba umbusi wawo. Zikhona yini izinzuzo ozibonayo ekubeni nalolu hlobo lukahulumeni nomholi?” Lindela impendulo. Vula incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? esifundweni 6. Usebenzisa amaphuzu owakhethe ezigabeni 6-7 nomfanekiso osekhasini 13, bonisa ukuthi yini uMbuso kaNkulunkulu oyoyenzela isintu esikhathini esizayo. Funda uDaniyeli 2:44, futhi uma kufaneleka, yethula incwadi Ulwazi bese usikisela isifundo seBhayibheli.
8 Uma wawuthole umuntu ovumayo ukuthi izinkolo zezwe ziye zadalela isintu izinkinga, lapho uphindela ungase ubuze lokhu:
◼ “Wake wazibuza ukuthi singazi kanjani ukuthi iyiphi inkolo evunyelwa uNkulunkulu? [Lindela impendulo.] Lencwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? inikeza izimpawu zokubona inkolo yeqiniso.” Vula isifundo 13, bese uqokomisa amaphuzu amahlanu abhalwe ngomalukeke asezigabeni 3-7. Ungase uqhubeke ngokuba uthi: “Ngaphezu kokuthola inkolo yeqiniso, kufanele sithole ukuthi yini uNkulunkulu ayifunayo kithi ngabanye.” Funda uJohane 4:23, 24. Sikisela ukuba nixoxe ngalokhu ngokuqhubekayo. Vula isifundo 1 encwajaneni, bese umbonisa ukuthi sifunda kanjani.
9 Lapho uphindela ukuze niyoqhubeka nengxoxo ephathelene nenjabulo yomkhaya, ungase usho okuthile okufana nalokhu okulandelayo:
◼ “Lapho sihlangana okokuqala, saxoxa ngemfihlo yokuba nomkhaya ojabulayo, ewukusebenzisa iseluleko esitholakala eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli. Endabeni yokwanelisa izidingo zomkhaya wesimanje, ingabe ukholelwa ukuthi iBhayibheli liphelelwe isikhathi yini noma lihambisana naso?” Lindela impendulo. Hambisa incwadi Ulwazi. Vula isahluko 2, bese ufunda ingcaphuno esesigabeni 13. Usebenzisa amaphuzu asesigabeni 3, sikisela isifundo seBhayibheli somkhaya.
10 Ngokubhala phansi imininingwane eqondile, senze ukulungiselela okudingekile, bese sisheshe siphindela ukuze siqhubekisele phambili isithakazelo sabo, singabonisa uthando lukamakhelwane oluyobakhangela endleleni yensindiso.—Math. 22:39; Gal. 6:10.