Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 5/97 k. 3
  • IBhokisi Lemibuzo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IBhokisi Lemibuzo
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1997
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kungani Kunzima Kangaka Ukuba Ngingacabangi Ngabobulili Obuhlukile?
    I-Phaphama!—1994
  • Khuluma Nezingane Zakho Ngezocansi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Ingabe Ukuphululana Izitho Zangasese Ngomlomo Kuwucansi Ngempela?
    Intsha Iyabuza
  • Ngingazichaza Kanjani Izinkolelo Zami Mayelana Nocansi?
    Intsha Iyabuza
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1997
km 5/97 k. 3

IBhokisi Lemibuzo

◼ Yikuphi ukuqapha okudingekayo lapho sihamba nothile wobulili obuhlukile enkonzweni?

Sinesizathu sokulindela ukuba abafowethu nodadewethu bafune ukunamathela endinganisweni ephakeme yokuziphatha ekuziphatheni kwabo. Nakuba kunjalo, siphila ezweni elingahlanzekile neliyekelelayo elinemingcele embalwa engokokuziphatha. Nakuba singase sibe nezinhloso ezinhle kakhulu, kufanele siqaphele njalo ukuba sigweme ukuletha isihlamba noma ukuhileleka kokuthile okungalungile. Lokhu kuhlanganisa nokuba abaqaphelisisayo lapho sisenkonzweni.

Ngokuvamile enkonzweni yasensimini sihlangana nabantu bobulili obuhlukile ababonisa lokho okubonakala kuyisithakazelo esiqotho eqinisweni. Uma siya kubo sisodwa futhi kungekho omunye umuntu endlini, ngokuvamile kuyoba ngcono ukunikeza ubufakazi emnyango kunokungena endlini. Uma enesithakazelo, kungase kwenziwe amalungiselelo okuba sibuye lapho sesihamba nomunye ummemezeli noma lapho sekukhona abanye ekhaya. Uma lokhu kungenakwenzeka, kungaba ukuhlakanipha ukudlulisela lomuntu komunye ummemezeli wobulili obufana nobomninikhaya. Lokhu kuyasebenza nasekuqhubeleni umuntu wobulili obuhlukile isifundo seBhayibheli.—Math. 10:16.

Kufanele siqaphele lapho sikhetha umuntu esizosebenza naye enkonzweni. Nakuba abamemezeli bobulili obuhlukile bengasebenza ndawonye ngezinye izikhathi, lokhu kungcono uma kwenziwe njengeqembu. Ngokuvamile, ngisho nalapho sisenkonzweni, akuhlakaniphile ukuchitha isikhathi eside sisodwa nomuntu wobulili obuhlukile ongeyena umngane wethu womshado. Ngakho, umzalwane ohola iqembu eliya enkonzweni kufanele asebenzise ukwahlulela okuhle lapho aba abamemezeli ukuba basebenze ndawonye, kuhlanganise nentsha.

Ngokusebenzisa njalo ukwahlulela okuhle, siyokugwema ‘ukunikeza isizathu sokukhubeka’ kwethu noma kwabanye.—2 Kor. 6:3.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela