IBhokisi Lemibuzo
◼ Yiziphi izincwadi okufanele zigcinwe emtatsheni weSikole Senkonzo Esingokwasezulwini?
Kuye kwalungiselelwa izincwadi eziningi ezingokomoya ukuze kuzuze abantu bakaNkulunkulu. Njengoba abamemezeli abaningi bengenazo ezabo siqu, umtapo weSikole Senkonzo Esingokwasezulwini oseHholo LoMbuso usenza sikwazi ukucwaninga ezincwadini ebesingeke sikwazi ukuzithola. Ngakho, kufanele ube nezinhlobonhlobo zezinguqulo zamaBhayibheli, izincwadi zamuva zeNhlangano, amakhophi e-Nkonzo Yethu YoMbuso, imiqulu ye-Watchtower neye-Awake!, nama-Watch Tower Publications Index. Ngaphezu kwalokho, kufanele kube khona isichazamazwi samuva esikahle. Kungaba yinzuzo ukuba khona kwama-encyclopaedia, amabalazwe, noma izincwadi zezikhombo eziphathelene nokusetshenziswa kolimi nomlando. Nokho, okumelwe sikukhathalele kakhulu kufanele kube izincwadi ezilungiselelwa ‘isigqila esikholekile nesiqondayo.’—Math. 24:45.
Kuye kwabikwa ukuthi kwezinye izindawo kubekwa izincwadi ezingabazekayo emtatsheni weSikole Senkonzo Esingokwasezulwini. Akunakufaneleka ukubeka izincwadi ezingamanoveli, izincwadi ezihlaziya iBhayibheli ziqokomise ukucusumbula, noma izincwadi zefilosofi noma zemimoya. Umtapo weSikole Senkonzo Esingokwasezulwini kufanele nje ube nezincwadi eziyokwenza labo abazisebenzisayo baqhubeke bethuthuka ngokomoya.—1 Thim. 4:15.
Umbonisi wesikole nguyena onomthwalo wemfanelo wokunakekela lomtapo, nakuba kungase kwabelwe nomunye umzalwane ukuba amsize ekuwunakekeleni. Kufanele aqikelele ukuthi umtapo unazo zonke izincwadi zamuva, izincwadi ezintsha zifakwe ngokushesha lapho sezitholakala. Incwadi ngayinye kufanele ibhalwe ngokucacile ngaphakathi kwesembozo igama lebandla. Njalo ngonyaka kufanele izincwadi zihlolwe ukuthi zikhona yini ezidinga ukulungiswa noma okudingeka kutholwe ezinye esikhundleni sazo.
Wonke umuntu angaba nesandla ekunakekeleni umtapo. Izincwadi kufanele ziphathwe ngokunakekela lapho zisetshenziswa. Akufanele kuvunyelwe izingane zidlale ngazo, noma kube khona ozibhalayo. Kungase kubhalwe uphawu olukahle njengesikhumbuzo sokuthi izincwadi akufanele zithathwe eHholo LoMbuso.
Njengoba njalo kwakheka amabandla amasha, cishe imitapo eminingi inezincwadi ezilinganiselwe. Abamemezeli abathile abanezincwadi zakudala bangase bacabangele ukunikela ngazo ebandleni. Abadala bangase ba-ode imiqulu ye-Watchtower enyatheliswe kabusha. Ngalezi zindlela, umtapo weSikole Senkonzo Esingokwasezulwini uyoba yinzuzo ekusisizeni sonke ukuba sithole ingcebo efihliweyo yeZwi likaNkulunkulu, enikeza ulwazi, ukuhlakanipha nokuqonda.—IzAga 2:4-6.