IBhokisi Lemibuzo
◼ Umuntu kufanele aqhutshelwe isikhathi esingakanani isifundo seBhayibheli esihlelekile ngencwadi ethi Ulwazi?
UJehova ubusisa inhlangano yakhe namuhla. Sibona ubufakazi balokhu unyaka ngamunye njengoba izinkulungwane zabasanda kuhlanganyela zithatha ukuma kwazo kokumela iqiniso. Incwadi ethi Ulwazi ibonakala iyithuluzi eliphumelelayo ekufezeni lokhu. INqabayokulinda ka-January 15, 1996 yabonisa ukuthi lencwadi iklanyelwe ukusiza umfundi weBhayibheli ukuba athuthuke ngokushesha ngokomoya, mhlawumbe aze abhapathizwe ngezinyanga nje ezimbalwa.
Ngenxa yalokhu, INqabayokulinda efanayo, ekhasini 17, yeluleka: “Ngemva kokuba umuntu eqede isifundo sakhe seBhayibheli encwadini Ulwazi futhi esebhapathiziwe, kungase kungadingeki ukumqhubela isifundo esihlelekile ngencwadi yesibili.”
Kuthiwani ngomuntu ongabhapathizwa ngemva kokuqeda incwadi ethi Ulwazi? INkonzo Yethu YoMbuso ka-June 1996, ikhasi 6, isigaba 23, yasikhumbuza ngephuzu elashiwo kuyi-Nqabayokulinda lokungafundi ezinye izincwadi nomfundi ofanayo ngemva kokuba eseqede incwadi ethi Ulwazi. Ingabe lokhu kusho ukuthi asinaso isithakazelo sokusiza umfundi weBhayibheli ngaphezu kwalokhu? Cha. Sifuna abantu bathole ulwazi oluyisisekelo lweqiniso. Nokho, kulindeleke ukuba phakathi nesikhathi esifushane, umfundisi onekhono akwazi ukusiza umfundi ovamile oqotho ukuba azuze ulwazi olwanele lokwenza isinqumo esihlakaniphile sokukhonza uJehova. Kungenzeka ukuthi ngenxa yezimo zabo siqu, abanye abafundi beBhayibheli bafise ngisho nokufunda isikhathi esingaphezu kwesisodwa ngesonto.
Kuyavunywa ukuthi abanye abantu esifunda nabo ngeke bathuthuke ngokushesha njengabanye. Kodwa uma ngemva kokufunda incwadi ethi Ulwazi, okungenzeka kuthathe isikhathi eside kunesivamile, umuntu angasenzi isinqumo sokuthi uyafuna yini ukuhlanganyela nebandla, ummemezeli uyokwenza kahle ukuxoxa ngalesi simo nomunye wabadala oseKomitini Yenkonzo Yebandla. Uma kunezimo ezingenza abonelelwe noma ezingavamile, angase alufanelekele usizo oluqhubekayo. Lokhu kuvumelana nesimiso salokho okushiwo kuyi-Nqabayokulinda ka-January 15, 1996, izigaba 11 no-12 ekhasini 17.
Ukwazisa ngokuzuza ulwazi lweqiniso ngisho noluyisisekelo kufanele kushukumise umfundi aye emihlanganweni yobuKristu. Lokhu kungaholela ekubeni umfundi anikeze ubufakazi obusobala besifiso sakhe sokukhonza uJehova. Uma ukwazisa okunjalo izinto ezingokomoya kungekho ngemva kokuba incwadi ethi Ulwazi isifundwe isikhathi esinwetshiwe, kungase kube ukuhlakanipha ukusinqamula isifundo.