IZaziso
◼ Isipho sencwadi sango-October: Isikhokhelo sonyaka esifika ngeposi somagazini i-Phaphama! noma INqabayokulinda abaphuma kabili ngenyanga ngo-R38,00. Isikhokhelo sonyaka somagazini abaphuma kanye ngenyanga noma sezinyanga eziyisithupha somagazini abaphuma kabili ngenyanga singu-R19,00. Izikhokhelo ze-club system zingu-R24,00 no-R12,00 ngokulandelana kwazo. Yenza umzamo okhethekile wokuhambisa omagazini uma senqatshwa isikhokhelo. Ngo-November: Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade ngomnikelo ka-R3,50. Kuyokwenziwa umzamo okhethekile wokulandelela bonke esibahambisele lencwadi, sinomgomo wokuqala izifundo zeBhayibheli zasekhaya. Ngo-December: INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki nencwadi ethi IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu? ngomnikelo ka-R9,10. Ngo-January: Ukuthula Kweqiniso Nokulondeka—Ungakuthola Kanjani? ngomnikelo ka-R3,50.
◼ ‘ISimiso Sesikole Senkonzo Esingokwasezulwini Sango-1997’ siyisenezelo sale-Nkonzo Yethu YoMbuso futhi kufanele sigcinwe ukuze sisetshenziswe kuwo wonke u-1997.
◼ Amabandla manje asenga-oda itekisi lonyaka ka-1997, elitholakala ngo-R13,00 lilinye, ngesiBhunu, isiNgisi, isiSuthu, isiXhosa nesiZulu. Imali yalo izofakwa ku-akhawunti yezincwadi. Amabandla anesikweleti ku-akhawunti yawo yezincwadi kufanele athumele ama-oda awo nokheshe. Kusikiselwa ukuba wonke amabandla afake itekisi lonyaka elisha ngo-January 1, 1997.
◼ Amabandla kufanele aqale uku-oda ethi Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke—1997 e-odeni lawo lezincwadi elivamile kusukela ngo-October 1. Lezi zincwajana zizotholakala ngesiBhunu, isiChewa, isiFulentshi, isiGreki, isiJalimane, isiKwanyama, isiNgisi, isiNtaliyane, isiPutukezi, iSipedi, isiSuthu, isiTsonga, isiTswana, isiVenda, isiXhosa nesiZulu. Kuze kube yilapho lezi zincwajana sezitholakala futhi sezithunyelwe, kuyobhalwa ukuthi “Back Ordered” kuma-invoice ebandla. Izincwajana ezithi Ukuhlola ImiBhalo ziyizinto ezi-odwa ngokulinganisela futhi ziyofakwa ku-akhawunti yezincwadi ngo-R1,80 iyinye, okuyinani lommemezeli nephayona. Amaphayona avamile nakhethekile abesohlwini ngaphambi kuka-July 1, 1996, angathola eyodwa ngesihle. Amabandla angenayo i-akhawunti eNhlanganweni noma anesikweleti ku-akhawunti yawo yezincwadi kufanele athumele ama-oda awo nemali. Izincwadi ezinikezwe amaphayona mahhala kufanele ziboniswe ngokuhlukile efomini leMali Ethunyelwayo Nesicelo Sesaphulelo (S-AB-20). Kufanele zi-odwe ngebandla. SIKHUTHAZA WONKE AMALUNGU OMKHAYA, KUHLANGANISE NEZINGANE EZIKWAZIYO UKUFUNDA, UKUBA ABE NEZINCWAJANA ZAWO SIQU.
◼ Mbonisi owengamele: Siza uqikelele ukuthi umbiko weSabelo Sensimu Engabelwe uyagcwaliswa futhi uthunyelwe eNhlanganweni engakadluli u-November 15, 1996. Qikelela nokuthi kusetshenziswe isitembu esifanele. Uma kunanoma ikuphi okuhlangenwe nakho okuvelele komkhankaso wensimu engabelwe, siyokwazisa ukukuthola kanye nombiko.
◼ Amanani ezincwadi azokhuphuka kusukela ngo-November 1, 1996. Ukuze nithole imininingwane eyengeziwe sicela nibheke Uhlu Lwamanani esilithumele kuwo wonke amabandla.
◼ Amakhasethi Amasha E-video Atholakalayo:
The New World Society in Action (Ukubukezwa kwefilimu yomlando yango-1954 enesihloko esifanayo; ibandla neningi: R52,00; amaphayona: R45,00)—ngesiNgisi