Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 6/96 k. 2
  • Imihlangano Yenkonzo Ka-June

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imihlangano Yenkonzo Ka-June
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1996
  • Izihlokwana
  • Isonto Eliqala Ngo-June 3
  • Isonto Eliqala Ngo-June 10
  • Isonto Eliqala Ngo-June 17
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1996
km 6/96 k. 2

Imihlangano Yenkonzo Ka-June

Isonto Eliqala Ngo-June 3

INgoma 181

10 imiz: Izaziso zebandla. IZaziso ezikhethiwe ezikuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ezisebenzayo ebandleni. Khulumela umbiko wenkonzo yasensimini wazinyanga zonke wezwe nowebandla lakini. Khumbuza abamemezeli ukuba bawubike ngokushesha umbiko wabo wenkonzo yasensimini ka-May. Unobhala nabaqhubi bezifundo zencwadi kufanele bahlole ukuthi ifakiwe yini yonke imibiko yenkonzo yasensimini yezinyanga ezedlule.

15 imiz: “Lingisani Ukholo Lwabo.” Imibuzo nezimpendulo. Bukeza izinto eziwubufakazi bokholo, ezahlanganiswa ebhokisini elisekhasini 13, le-Nqabayokulinda ka-September 15, 1991. Xoxa nommemezeli oyedwa noma ababili ukuze uthole ukuthi yini eyabasiza ukuba balondoloze inkuthalo efanayo emsebenzini woMbuso iminyaka eminingi.

20 imiz: “Ukusakaza Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade.” (Izigaba 1-3) Hlanganisa isigaba 1. (Nezela ukukhulumela okukuyi-Nqabayokulinda ka-January 15, 1996, amakhasi 12-13, izigaba 11-12.) Chaza ukuthi indlela entsha okuhlelwe ngayo ikhasi elingemuva le-Nkonzo Yethu YoMbuso iklanyelwe ukusisiza sikulungele kangcono ukulandelela abantu esasixoxe nabo ekuhambeleni kokuqala. EMhlanganweni Wenkonzo owodwa sizocabangela izintshumayelo ezisikiselwe zokusetshenziswa endlini ngendlu nasezimpindelweni njengoba kuwukuhlakanipha ukwenza impindelo ngemva kosuku olulodwa noma ezimbili, esikhundleni sokulinda isikhathi eside. Bukeza kafushane izigaba 2 no-3, ngemva kwalokho kube nomboniso wesigaba ngasinye. Ingxenye esele yezintshumayelo ezikulesi sihloko iyohlanganiswa eMihlanganweni Yenkonzo yamasonto amabili azayo.

INgoma 143 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-June 10

INgoma 63

7 imiz: Izaziso zebandla. Umbiko wezimali.

8 imiz: Ukuqeqesha Izingane Enkonzweni Yasensimini. Inkulumo enikezwa umdala. Kusukela zisencane, izingane zethu kufanele zisebenze nathi ngenkuthalo enkonzweni. Ukuqeqeshwa nokuhlangenwe nakho ezikuzuzayo kuyozinikeza isisekelo esiqinile sokholo lwazo nentshiseko eminyakeni yakamuva. Kubalulekile ukuba ziqaphele isidingo sokuthatha inkonzo ngokungathi sína futhi ziziphathe ngendlela efanele. Izingane kufanele zikugweme ukungalawuleki; inkonzo ayisona isikhathi sokudlala. Kungcono kakhulu ngazo ukuba zisebenze nabantu abadala. Kufanele zisizwe ukuba zihlanganyele ekunikezeni izintshumayelo kuye ngokwamakhono azo. (Bheka INqabayokulinda ka-August 1, 1988, ikhasi 15, isigaba 20.) Abazali banomthwalo wemfanelo wokuzigada izingane; akufanele baqhube izingane ziye emihlanganweni yenkonzo kungekho muntu omdala ozoziqondisa. Zituse izingane lapho zenza kahle.

10 imiz: “Ukusakaza Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade.” (Izigaba 4-5) Ngemva kwesethulo esifushane, makube nomboniso wezintshumayelo zokuhambela kokuqala nezimpindelo ezisezigabeni 4 no-5. Khuthaza abamemezeli ukuba babalandelele ngokushesha bonke abantu ababahambisele incwadi ethi Ulwazi.

20 imiz: “Indlela Yokwenza Abafundi Ngencwadi Ethi Ulwazi.” Yenza isethulo esifushane esisekelwe ezigabeni 1-2. Hlanganisa izigaba 3-11 ngemibuzo nezimpendulo. Chaza ukuthi ingxenye esele yesenezelo izocatshangelwa eMhlanganweni Wenkonzo wango-July nango-August. Bakhuthaze bonke ukuba basigcine kahle.

INgoma 92 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-June 17

INgoma 157

10 imiz: Izaziso zebandla. IBhokisi Lemibuzo.

15 imiz: “Izingxoxo Zobungane Zingafinyelela Inhliziyo.” Imibuzo nezimpendulo. Cela ummemezeli oyedwa noma ababili ukuba balandise okuhlangenwe nakho okukhuthazayo okubonisa indlela abathola ngayo ukusabela okuhle ngenxa yokubonisa ubungane.

20 imiz: “Ukusakaza Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade.” (Izigaba 6-7) Gcizelela ukuba nemigomo lapho senza izimpindelo: Ukuhlakulela isithakazelo, ukuqala isifundo, ukwenza amalungiselelo aqondile okubuya. Ngemva kokubukeza kafushane izintshumayelo ezisezigabeni 6 no-7, makube nomboniso wentshumayelo ngayinye, obonisa indlela yokuqala isifundo. Funda isigaba 17 esisekhasini 14 le-Nqabayokulinda ka-January 15, 1996.

INgoma 211 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-June 24

INgoma 6

12 imiz: Izaziso zebandla. Xoxani ngamaphuzu ayinhloko asencwadini yango-May 1, 1996, eyayiya kuwo wonke amabandla emayelana nomkhankaso wensimu engabelwe. Chaza amalungiselelo ebandla okusebenza insimu engabelwe. Bakhuthaze bonke ukuba bahlanganyele ngokugcwele kulonyaka. Chaza namalungiselelo ebandla enkonzo yasensimini angempelasonto ezayo, ukhuthaze bonke ukuba babe nengxenye egcwele enkonzweni futhi bayibike ngokushesha inkonzo yabo ekupheleni kwenyanga.

15 imiz: Izidingo zebandla. (Noma nikeza inkulumo ngesithi ‘Ukuphatha Izwi Leqiniso Ngokufanele,’ esisekelwe kuyi-Nqabayokulinda ka-January 1, 1996, amakhasi 29-31.)

18 imiz: “Basize Baphinde Bakhonze.” Inkulumo nengxoxo esingethwe umdala. Sikisela ukuba kusetshenziswe isihloko esithi “Buyelani Kimi, Ngiyakubuyela Kini” esikuyi-Nqabayokulinda ka-August 1, 1992, ukuze kukhuthazwe asebepholile. Phawula amaphuzu athile ayinhloko.

INgoma 71 nomthandazo wokuphetha.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela