Ibhokisi Lemibuzo
◼ Njengoba sesinalencwadi ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade, kufanele isifundo seBhayibheli sasekhaya siqhutshwe isikhathi esingakanani?
INkonzo Yethu YoMbuso ka-September 1993 yatusa ukuba isifundo seBhayibheli sasekhaya siqhutshwe nabantu abasanda kuthakazela kuze kube yilapho sekufundwe izincwadi ezimbili. Manje njengoba sesinencwadi ethi Ulwazi, kubonakala kuwukuhlakanipha ukuyishintsha lenqubo, njengoba kuhlelwe emakhasini 13 no-14 e-Nqabayokulinda ka-January 15, 1996.
Incwadi ethi Ulwazi iklanyelwe ukusiza labo ‘abathambekele ngokufanele ekuphileni okumi phakade’ ukuze bafunde okudingeka bakwazi ukuze bazinikezele kuJehova futhi babhapathizwe. (IzE. 13:48) Khona-ke, ngemva kokuqeda lencwadi entsha, ngeke kudingeke ukutadisha incwadi yesibili nomfundi ofanayo. Njengoba abantu ofunda nabo iBhayibheli beqala ukulamukela iqiniso, ungabakhuthaza ngokuqhubekayo ukuba banezele ulwazi lwabo ngokuba khona emihlanganweni yoFakazi BakaJehova nangokufunda iBhayibheli nezincwadi ezihlukahlukene zobuKristu.
Kungaba usizo ukujwayelana kahle nemibuzo esemakhasini 175 kuya ku-218 encwadi ethi Ukuhlelelwa Ukufeza Inkonzo Yethu. Nakuba kungafanele ubhekisele kulemibuzo noma uyibukeze nomuntu ofunda naye iBhayibheli, kungaba kuhle ukugcizelela amaphuzu asencwadini ethi Ulwazi ayokwenza umfundi akwazi ukubonisa ukuwaqonda kahle amaqiniso eBhayibheli ayisisekelo lapho abadala bebukeza imibuzo nabafuna ukubhapathizwa.
Asikho isidingo sokunezela ukwaziswa okusencwadini ethi Ulwazi, unezela ngokwaziswa okuvela kwezinye izincwadi noma amaphuzu okusekela izimfundiso zeBhayibheli noma okuchitha izimfundiso zamanga. Lokhu kuyomane kusinwebe isifundo sithathe isikhathi eside. Kunalokho, kwethenjwa ukuthi lencwadi ingahlanganiswa ngokushesha, mhlawumbe ngezinyanga eziyisithupha. Lokhu kugcizelela isidingo sokuba siyilungiselele kahle indaba kusengaphambili ukuze siyicacise kahle futhi singathemelezi. Umfundi kufanele naye akhuthazwe ukuba alungiselele kusengaphambili, abheke imibhalo ekhonjiwe, futhi azame ukubona ngokucacile lokho lencwadi ekufundisayo esahlukweni ngasinye.
INqabayokulinda iye yagcizelela isidingo sokuba oFakazi BakaJehova baqhube izifundo zeBhayibheli eziningi ezithuthukayo ngesikhathi esifushane. (Bheka u-Isaya 60:22.) Ukuyisebenzisa ngokuphumelelayo incwadi ethi Ulwazi kungasiza abasanda kuhlanganyela ukuba bazuze ulwazi oluholela ekuphileni okumi phakade futhi benze ngokuvumelana nalo.—Joh. 17:3.