IZaziso
◼ Isipho sencwadi sango-May: Umagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! ngomnikelo ka-R2,00 bobabili. Noma nini lapho ithuba livela, hambisa isikhokhelo se-Nqabayokulinda. (Ukuze uthole amanani bheka esithi IZaziso kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-March 1996.) Ngo-June: Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade ngomnikelo ka-R3,50. Ngo-July nango-August: Noma iyiphi yezincwajana ezingangomagazini ezinamakhasi angu-32 ngomnikelo ka-R1,00 iyinye: “Bheka, Ngenza Konke Kube-Kusha,” Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu?, Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?, Iyini Injongo Yokuphila—Ungayithola Kanjani?, Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade!, Lapho Ufelwa Othandekayo nethi UHulumeni Oyoletha IPharadesi. Lapho kufaneleka khona, kungase kuhanjiswe incwajana engangomagazini ethi Imimoya Yabafile—Ingabe Ingakusiza Noma Ingakulimaza? Ingabe Ikhona Ngempela?
◼ Sithanda ukunikhumbuza nonke ukuthi kunesidingo esiqhubekayo sokunikela ngezingubo. Sisathola imibiko ephuthumayo evela kubazalwane abaswele izingubo futhi siyozazisa noma iziphi ezingase zinikelwe.
◼ Sizani nicele isaphulelo samaphayona sencwadi ethi Ulwazi ngaphansi kwesithi “Izincwadi ezingena ephaketheni” efomini elithi Imali Ethunyelwayo Nesicelo Sesaphulelo (SAB-20).