Ukubukezwa KweSikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini
Ukubukeza izincwadi zivaliwe ukwaziswa okwahlanganiswa ezabelweni zeSikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini zamasonto ka-January 1 kuya ku-April 22, 1996. Sebenzisa iphepha elihlukile ukuba ubhale kulo izimpendulo zemibuzo ongase ukwazi ukuyiphendula ngesikhathi esinikeziwe.
[Phawula: Phakathi nokubukeza okulotshwayo, iBhayibheli kuphela elingase lisetshenziswe ekuphenduleni noma yimuphi umbuzo. Izikhombo ezilandela imibuzo ezokuba uzicwaningele wena siqu. Izinombolo zamakhasi nezigaba zingase zingaveli kuzo zonke izikhombo ze-Nqabayokulinda.]
Phendula ngayinye yezinkulumo ezilandelayo ngokuthi iQiniso noma Amanga:
1. Injongo yeSikole Senkonzo SoMbuso iwukuqeqesha amadoda ukuze agcotshwe. [jv-ZU k. 231 isig. 3]
2. EmiBhalweni imibhangqwana yelulekwa ukuba yehlukane ngaphansi kwezimo ezithile. [td-ZU 41A]
3. Nakuba uMthetho kaMose waphela, iBhayibheli alibonisi ukuthi iMiyalo Eyishumi yayihlanganisiwe kulokho okwapheliswa. [rs-ZU k. 122 isig. 3]
4. Ukuma esikuthathayo mayelana nokumpontshelwa igazi kusekelwe olwazini lwethu oluphakeme lwezokwelapha. [jv-ZU k. 186 isig. 2]
5. Isivumelwano okukhulunywa ngaso kuJeremiya 31:31, 33 sibhekisele esivumelwaneni soMbuso uJesu asenza nabalandeli bakhe abagcotshiwe. [si-ZU k. 129 isig. 38]
6. Incwadi yesiLilo yakhiwa izinkondlo ezinhlanu ezinesigqi, ezine zazo eziqala ngezinhlamvu zokuzikhumbuza. [si-ZU k. 131 isig. 6]
7. Ngemva kokuvuka kwakhe uJesu wavela ngezimo ezihlukahlukene—kodwa enabafundi bakhe kuphela. [rs-ZU k. 409 isig. 3]
8. AmaKristu eqiniso angena ekuphumuleni kukaNkulunkulu ngokuba nokholo emhlatshelweni kaKristu nangokulahla imisebenzi azama ngayo ukuzibonakalisa engalungileyo. (Heb. 4:10) [rs-ZU k. 124 isig. 2]
9. Amazwi akubakaki kusAmbulo 20:5, akhuluma ‘ngabo bonke abanye abafileyo’ ababuyela ekuphileni, abhekisela ovukweni lwasemhlabeni lwezinye izimvu. [rs-ZU k. 413 isig. 3–k. 414 isig. 2]
10. OFakazi BakaJehova babona ubufakazi obucacile bokuthi inhlangano abakuyo ayiyona eyomuntu kodwa ekaNkulunkulu nokuthi iNdodana kaNkulunkulu uqobo, uJesu Kristu eyiqondisayo. [jv-ZU k. 235 isig. 5]
Phendula lemibuzo elandelayo:
11. Yini eyayishiwo ngesikhathi INqabayokulinda (yesiNgisi) ka-June 1, 1938, ikhuluma ‘ngeNhlangano’? [jv-ZU k. 219 isig. 2]
12. Kungani oFakazi BakaJehova eJalimane benqaba ukuthi: “Heil Hitler”? [jv-ZU k. 196 isig. 1]
13. Yini esiyifundayo ngezimfanelo zikaJehova ngokufunda incwadi yesiLilo? (IsiL. 3:22, 23, 32) [si-ZU k. 132 izig. 13, 15]
14. Yiliphi igama elisetshenziswa ngokuphindaphindiwe ngokubhekiselwe kuHezekeli noJesu Kristu? [si-ZU k. 133 isig. 2]
15. Kungani kunengqondo ukukholelwa ukuthi labo abavuselwa ekuphileni emhlabeni bayokwahlulelwa ngesisekelo sezenzo zabo zesikhathi esizayo? (Roma 6:7) [rs-ZU k. 413 isig. 2]
16. UPawulu, uThimothewu, noThithu bawaqinisa kanjani amabandla ababewakhonza, ngaleyo ndlela bebekela ababonisi abajikelezayo namuhla isibonelo? [jv-ZU k. 222 isig. 1]
17. Kungani singasho ngokufanelekile ukuthi izenzakalo ezihambisana nokuba khona kukaKristu zenzeka phakathi nenkathi yeminyaka eminingi? (Math. 24:37-39) [rs-ZU k. 263 isig. 2]
18. Iyiphi inkolelo eyadalwa indlela okuhunyushwe ngayo eyamaRoma 13:1 kuyi-King James Version eyaholela abaFundi BeBhayibheli ukuba bangakulondolozi njalo ukuma okuqinile kokungathathi-hlangothi emuva ngo-1918? [jv-ZU k. 191 izig. 2, 3]
19. Ngaphambi kokuba kusayinwe iSivumelwano SaseVersailles ngo-June 1919, i-Federal Council of the Churches of Christ yaseMelika yamemezelani? [jv-ZU k. 192 isig. 3]
20. Kungani amaKristu engekho ngaphansi kwesibopho sokugcina usuku lweSabatha lwamasonto onke? (Roma 10:4) [rs-ZU k. 120 izig. 1, 2]
Nikeza igama noma amagama noma umusho odingekayo ukuze uqedele ngayinye yalezi zinkulumo ezilandelayo:
21. U-Ebedi-Meleki wafanekisela ․․․․․․․․, esiyosindiswa ․․․․․․․․, ngenxa yokuthi sibe abangane ․․․․․․․․, yabafowabo bakaKristu futhi sayisiza. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w83-ZU 4/1 k. 27 isig. 11.]
22. Ukufa kukaJesu Kristu kukhunjulwa minyaka yonke ngo-․․․․․․․․, kodwa kwaze kwaba ngonyaka ka-․․․․․․․․, lapho amalungu esixuku esikhulu amenywa khona ngokuqondile ukuba abe khona eSikhumbuzweni. [jv-ZU k. 242 isig. 2, k. 243 isig. 2]
23. Izenzakalo ezilandiswa kuJeremiya 52:5-11 zenzeka ngo-․․․․․․․․, B.C.E. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w88-ZU 4/1 k. 14 isig. 18.]
24. Lapho isAmbulo 1:7 sithi ngemva kokubuya kukaKristu “amehlo onke ayombona,” akubhekiselwe ekuboneni ․․․․․․․․, kodwa ․․․․․․․․ ngengqondo. [rs-ZU k. 265 isig. 2]
25. Ngemva kokuvuswa kwakhe uJesu akazange abonakale ngaso sonke isikhathi ․․․․․․․․ ofanayo, mhlawumbe ukuze agcizelele ezingqondweni zabafundi ukuthi ․․․․․․․․, ngakho abantu asondelene nabo abazange basheshe ․․․․․․․․ . [rs-ZU k. 410 isig. 2]
Khetha impendulo eqondile ezinkulumweni ezilandelayo:
26. Ukuphila kwasezulwini kungokwalabo abakha umzimba kaKristu kuphela okungamhlanganisi (u-Andreya; uJohane uMbhapathizi; uJakobe). [td-ZU 34B]
27. Isinyathelo esibalulekile ekwakheni isimo sebandla esifana nesasikhona ezinsukwini zabaphostoli sathathwa (ngo-1879; ngo-1886; ngo-1895) lapho uMfoweth’ uRussell ebhala ngesidingo sokumiswa (kwama-colporteur; abadala; abazalwane abayizinceku) kuwo wonke amabandla ukuze bengamele umhlambi. [jv-ZU k. 206 isig. 2]
28. Ukuzibamba kokuziphatha akuzange kuphele nokuqedwa koMthetho kaMose, owawuhlanganisa neMiyalo Eyishumi, ngoba ngaphansi kwelungiselelo lobuKristu, (umphakathi ngamunye wawuyomisa izindinganiso zawo siqu zokuziphatha; abantu kufanele baqondiswe unembeza wabo kuphela; izindinganiso eziningi zokuziphatha zeMiyalo Eyishumi zaphinde zashiwo emiBhalweni YamaKristu YesiGreki). [rs-ZU k. 123 isig. 2]
29. UJehova ‘wakhohlisa’ uJeremiya ngokuthi (wamyengela ekushumayeleni isigijimi sokulahlwa; wamsebenzisela ukufeza lokho ayengenakukwenza ngamandla akhe; akazange ayilethe imbubhiso uJeremiya ayeprofethe ngayo. (Jer. 20:7) [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w89-ZU 5/1 k. 31.]
30. Ngo-April 23, 1900, ihhovisi lokuqala legatsha le-Watch Tower Society lamiswa (e-Australia; eNgilandi; eJalimane). [jv-ZU k. 210 isig. 2]
Qondanisa imibhalo elandelayo nezinkulumo ezihlelwe ngezansi: Thithu 2:4; Jer. 23:33; 32:9, 10; 1 Thim. 3:2, 3, 8; Heb. 10:23-25
31. Ngisho nalapho izimo zikwenza kube nzima, oFakazi BakaJehova bazama ukuba babe khona njalo emihlanganweni yabo. [jv-ZU k. 236 isig. 1]
32. Kuwumthwalo wemfanelo wabazali abangamaKristu ukubonisa uthando ezinganeni zabo, bazinikeze isikhathi nokunaka. [td-ZU 41C]
33. Ukusebenzisa uphuzo oludakayo ngokungalinganiseli kungenza ukuba umzalwane angakufanelekeli ukujabulela amalungelo ebandleni. [jv-ZU k. 182 isig. 4]
34. Isigijimi esingokwesiprofetho esinamandla esivela eZwini likaNkulunkulu sigcwele isahlulelo, simemezela ukubhujiswa okuseduze kweLobukholwa. [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w94-ZU 3/1 k. 12 izig. 18, 20.]
35. Lapho ungenela izindaba zebhizinisi nabakhulekeli bakaJehova okanye nabo, isivumelwano esibhaliwe singavimbela izingxabano ezingase zivele kamuva. [Jer. 32:9, 10] [Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka i-w95-ZU 5/1 k. 30.]