Izaziso
◼ Isipho sezincwadi ngo-April nango-May: Umagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! ngomnikelo ka-R2,00 bobabili. Noma nini lapho ithuba liziveza, hambisa isikhokhelo se-Nqabayokulinda. (Ukuze ubone amanani, bheka esithi IZaziso kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-March 1996.) Ngo-June: Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade ngomnikelo ka-R3,50. Ngo-July nango-August: Noma iyiphi yezincwajana ezilandelayo ezingangomagazini ezinamakhasi angu-32 ngomnikelo ka-R1,00 iyinye: “Bheka, Ngenza Konke Kube-Kusha,” Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu?, Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?, Iyini Injongo Yokuphila—Ungayithola Kanjani?, Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade!, Lapho Ufelwa Othandekayo, nethi Uhulumeni Oyoletha IPharadesi. Lapho kufaneleka khona, kungase kuhanjiswe incwajana engangomagazini ethi Imimoya Yabafile—Ingabe Ingakusiza Noma Ingakulimaza? Ingabe Ikhona Ngempela?
◼ Kwenziwe ushintsho endleleni okutholakala ngayo amakhadi amasha eSibonakaliso Senkonzo Yamaphayona. Kusukela manje kuqhubeke, amakhadi amasha amaphayona athuthayo, ashintsha isibongo sawo, alahlekelwe ikhadi lawo, noma acela ushintsho lwesabelo azotholakala eNhlanganweni. Noma imaphi amakhadi angasetshenzisiwe unobhala asenawo efayelini kufanele awalahle. Ukushintsha kwesibongo noshintsho lwezabelo kuzosingathwa ngendlela evamile, unobhala anikeze ukwaziswa okufanelekile ngemva kwekhadi loMbiko Webandla (S-1) wenyanga. Khona-ke, iNhlangano iyobe isithumela ebandleni amakhadi amasha amaphayona. Lokhu ngokuvamile kuyofika nesitatimende sazinyanga zonke. Noma iluphi ushintsho kufanele luthunyelwe ngokushesha eNhlanganweni ukuze amafayela ethu ahlale eqondile futhi enokwaziswa kwamuva. Nalapho iphayona liyiyeka inkonzo noma lesulwa, kufanele kugcwaliswe ifomu i-S-206 bese lithunyelwa eNhlanganweni ngokushesha.
◼ Yonke imibuzo ephathelene nezinsuku kanye nezindawo zemihlangano yesigodi ekwezinye izindawo kufanele iqondiswe emahhovisi amagatsha akulezo zindawo. Amakheli amahhovisi amagatsha asemhlabeni wonke atholakala ekhasini lokugcina le-Ncwadi Yonyaka.
◼ Amabandla kufanele aqale uku-oda imiqulu ka-1995 i-Watchtower ne-Awake! Imiqulu izotholakala ngesiJalimane, isiNgisi, nesiPutukezi. Uma ibandla lenu line-akhawunti eNhlanganweni akufanele ama-oda athunyelwe nemali. Iyofakwa kuyi-akhawunti yezincwadi yebandla. Kuze kube yilapho imiqulu isitholakala futhi isithunyelwe, iyovela kuma-invoice ebandla ngokuthi “Back Ordered.” Amabandla anezikweleti kuma-akhawunti awo ezincwadi kufanele athumele ama-oda awo nemali. Imiqulu iyisitokwe esi-odwa ngokulinganisela futhi iyobiza u-R22,00 ibandla ngalinye, umphakathi, namaphayona.
◼ Amakhasethi E-video Amasha Atholakalayo:
“Bheka, Ngenza Konke Kube-Kusha” (ibandla neningi: R52,00; amaphayona: R45,00) —ngesiNgisi sezithulu
Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade (Umqulu 1, izahluko 1-3; ibandla neningi: R52,00; amaphayona: R45,00) —ngesiNgisi sezithulu
Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni (Umqulu 2; ibandla neningi: R52,00; amaphayona: R45,00) —ngesiNgisi sezithulu