Imihlangano Yenkonzo Ka-January
Isonto Eliqala Ngo-January 1
INgoma 133
10 imiz: Izaziso zebandla. IZaziso ezikuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ezisebenzayo ebandleni. Unobhala nabaqhubi bezifundo zencwadi kufanele baqikelele ukuthi ifakiwe yonke imibiko yenkonzo yasensimini yezinyanga ezidlule ebingakafakwa. Khumbuza abamemezeli ukuba babike ngokushesha inkonzo yabo yasensimini ka-December.
15 imiz: “Shumayela Ngokuqonda.” Xoxani ngamaphuzu ayinhloko, bese kuba nomboniso owodwa noma emibili wezintshumayelo.
20 imiz: “Yibani Abenzi—Ningabi Abezwayo Kuphela.” Imibuzo nezimpendulo. Uma isikhathi sivuma, xoxani ngokubaluleka kokulalela, okusekelwe encwadini ethi Insight, Umqulu 2, ikhasi 521, isigaba 1 no-2.
INgoma 28 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-January 8
INgoma 138
10 imiz: Izaziso zebandla. Umbiko wezimali. Tusa ngokufanelekile ngokusekela ngokwezimali ibandla kanye nomsebenzi womhlaba wonke wokushumayela izindaba ezinhle.
15 imiz: Inzuzo Eyisivikelo Ye-Advance Medical Directive/Release Card. Umdala uxoxa nebandla ngokubaluleka kokuba ngamunye agcwalise kahle ikhadi le-Advance Medical Directive/Release nokuliphatha njalo kanye nesidingo sokuba izingane ziyiphathe njalo i-Identity Card. Njengoba isihloko sekhadi sibonisa, linikeza isaziso kusengaphambili (advance) salokho okufunekayo (noma okungafuneki) ngokuphathelene nokwelashwa. Kungani lokhu kwenziwa minyaka yonke? Ikhadi lamuva linamandla ngaphezu kwalelo elingase licatshangelwe njengeliphelelwe isikhathi noma elingasabonisi izinkolelo zalowo muntu. Leli khadi liyakukhulumela lapho ungakwazi ukuzikhulumela ngokwakho. Amakhadi azokhishwa namuhla kusihlwa. Kufanele agcwaliswe ngokucophelela ekhaya, kodwa akufanele asayinwe. Njengoba kuye kwenziwa eminyakeni emibili edlule, ukusayina kwakho nokofakazi kuzokwenziwa ezindaweni zeSifundo Sencwadi Sebandla, ngaphansi kokuqondisa kwabaqhubi besifundo sencwadi. Labo abasayina njengofakazi kufanele bambone ngokoqobo umnikazi wekhadi esayina ikhadi. Lokhu kuyokwenziwa ngemva kwesifundo sencwadi phakathi nesonto lika-January 15. (Bheka INkonzo Yethu YoMbuso ka-January 1994 ikhasi 2 ukuze uthole imininingwane ngokuphathelene nalenqubo. Bheka nencwadi ka-October 15, 1992.) Bonke abamemezeli ababhapathiziwe bangaligcwalisa ikhadi le-Advance Medical Directive/Release. Abamemezeli abangabhapathiziwe, ngokusebenzisa inkulumo esetshenziswe kuleli khadi bangazibhalela elabo ikhadi le-directive elivumelana nezimo kanye nezinkolelo zabo. Abazali bangasiza izingane zabo ezingabhapathiziwe ukuba zigcwalise i-Identity Card. Yazisa ibandla ukuthi izenezelo ezimbili ezibukeziwe sika-June 1992 nesika-March 1993 kuzoxoxwa ngazo eMihlanganweni Yenkonzo yamasonto ka-January 22 no-29. Sonke kufanele siphathe ezethu ngoba kuzoxoxwa ngazo.
20 imiz: “Zuza ESikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini Sika-1996—Ingxenye 1.” Inkulumo enikezwa umbonisi wesikole. Bukeza iziqondiso ezilungiselelwe izabelo zabafundi eziyalezweni zeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini, esikuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-October 1995.
INgoma 70 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-January 15
INgoma 77
12 imiz: Izaziso zebandla. Xoxa kafushane ngenkinga ekhulayo yabangekho emakhaya. Khuthaza abamemezeli ukuba bathengisise isikhathi ngokuthatha isinyathelo kuqala sokuxoxa nabantu abadlula ngendlela, abame eceleni komgwaqo, noma abahleli ezimotweni.
15 imiz:Izidingo zebandla. (Noma esithi “Londoloza Umuzwa Wakho Wokuphuthuma,” inkulumo esekelwe kuyi-Nqabayokulinda ka-October 1, 1995, amakhasi 25-8.)
18 imiz: “Phindela Ukuze Usindise Abathile.” Bukeza izintshumayelo ezisikiselwe. Bakhuthaze ukuba babe nomgomo wokuqala izifundo ngencwadi entsha ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade.
INgoma 156 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-January 22
INgoma 200
5 imiz:Izaziso zebandla.
25 imiz: “Ingabe Ukulungele Ukubhekana Nesimo Sezokwelapha Esibekela Ukholo Inselele?” Umdala onekhono uxoxa nezilaleli ngesenezelo sika-June 1992 esasiku-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-November 1994. Hlanganisa namaphuzu afanelekayo encwadi eyayithunyelwe kuwo wonke amabandla, yango-January 1, 1996. Hilela izilaleli kakhulu ngangokunokwenzeka. Gcizelela inzuzo yokusebenza nabadala bamaKomiti Okubonisana Nezibhedlela lapho sibhekene nesimo esiphuthumayo sezokwelapha. Gcizelela ukubaluleka kokungalindi kuze kuphakame isimo esiphuthumayo ngaphambi kokuba ucabangele ukuthi uyokwenzani. Hlelani manje kusengaphambili njengomkhaya—hlalani nikulungele! Khumbuza izilaleli ukuba eMhlanganweni Wenkonzo wesonto elizayo ziphathe isenezelo sika-March 1993 esithi, “Ukuvikela Izingane Zakho Ekusetshenzisweni Kabi Kwegazi.”
15 imiz: “Khuluma Ngesibindi.” Inkulumo nengxoxo kufanele isingathwe umdala. Bukeza amalungiselelo enkonzo ebandla angeSonto. Batuse ngokusekela okuhle, bese unikeza ukusikisela lapho kudingeka kuthuthukiswe khona.
INgoma 92 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-January 29
INgoma 31
10 imiz: Izaziso zebandla. Khumbuza abamemezeli ukuba bayibike ngokushesha inkonzo yabo yasensimini yango-January.
20 imiz: “Ukuvikela Izingane Zakho Ekusetshenzisweni Kabi Kwegazi.” Umdala unikeza inkulumo ngesenezelo esibukeziwe sango-March 1993. Chaza isizathu sokuthi kungani isinqumo sabazali sokuvuma ukuba udokotela elaphe ingane yabo ngaphansi kwezimo ezichazwe ezigabeni 5-7 kungadingeki sibhekwe njengokuhlehla okholweni. Gcizelela ukuthi ukulungiselela kwabazali kusengaphambili ukutholela ingane yabo ukunakekela kwezokwelapha ngokuvamile kuyisihluthulelo sokukugwema ngokuphumelelayo ukumpontshelwa igazi. Siza izilaleli ukuba zibone isidingo sokuba zigcine lezi zenezelo zombili ziseduze (6/92; 3/93), nokuzibukeza njalo ngezikhathi ezithile.
15 imiz: Ngo-February Hambisa Incwadi Ethi Umvuthwandaba WesAmbulo. Chaza ukuthi kungani incwadi yesAmbulo iye yabhekwa isikhathi eside njengeyimfihlakalo esingenakuyiqonda. Bukeza izigaba 6 kuya ku-9 ekhasini 8, ubonise ukuthi kungani lencwadi idingeka. Khuthaza abamemezeli ukuba bagcine lamaphuzu engqondweni ukuze babe namaphuzu abangawakhulumela ezindlini. Bhekisela kwesithi “Isimo Sencwadi YesAmbulo” esisemakhasini 98-9, bese ubonisa indlela esingasetshenziswa ngayo ukunikeza umbono ogcwele wencwadi yesAmbulo. Donsela ukunakekela emifanekisweni ekhangayo engaphakathi kwesembozo esingaphambili nesingemuva nanendlela engase isetshenziswe ngayo ekuqaleni ingxoxo. Bakhumbuze bonke ukuba bazitholele ezabo abazozisebenzisa enkonzweni kulempelasonto.
INgoma 143 nomthandazo wokuphetha.