Imihlangano Yenkonzo Ka-December
PHAWULA: INkonzo Yethu YoMbuso izoba nesimiso soMhlangano Wenkonzo wesonto ngalinye ngo-December. Amabandla angenza ushintsho oludingekile ukuze kube nesikhathi sokuya eMhlanganweni Wesigodi “Wabadumisi Abajabulayo” nokubukezwa kwamaphuzu avelele esimiso okuthatha imizuzu engu-30 okuyokwenziwa eMhlanganweni Wenkonzo ngesonto elilandelayo. Ukubukezwa kwesimiso somhlangano wesigodi sosuku ngalunye kufanele kwabelwe abazalwane abafanelekayo ababili noma abathathu kusengaphambili abayokwazi ukugxila emaphuzwini avelele. Lokhu kubukeza okulungiselelwe kahle kuyosiza ibandla ukuba likhumbule amaphuzu ayisihluthulelo angase asetshenziswe ngokomuntu siqu nasensimini. Ukukhulumela kwezilaleli nokuhlangenwe nakho kufanele kube kufushane futhi kushaye emhloleni.
Isonto Eliqala Ngo-December 4
INgoma 181
10 imiz: Izaziso zebandla. IZaziso ezikuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ezisebenzayo ebandleni. Bakhumbuze bonke ebandleni ngesidingo sokuhlanganyela enkonzweni ekuqaleni kuka-December nokuqikelela ukuthi bafaka imibiko yabo ngaphambi kokuba baye eholidini noma emhlanganweni wesigodi. Sizani niyifake imibiko kungakhathaliseki ukuthi singakanani isikhathi oye wasichitha enkonzweni. Abaqhubi bezifundo zencwadi kufanele babakhumbuze bonke abaseqenjini labo ngalokhu.
15 imiz: “Dumisa UJehova Nsuku Zonke.” Imibuzo nezimpendulo. Izigaba mazifundwe. Makube nommemezeli oyedwa noma ababili balandise okuhlangenwe nakho okukhuthazayo abakujabulela lapho befakaza ngokwethukela.
20 imiz: “Ukuhambisa Incwadi Ethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila.” Khuthaza ngentshiseko ukuba kuhanjiswe lencwadi ngo-December. Labo abaya eholidini noma abazothatha uhambo lokuya emihlanganweni bangase bathande ukuphatha lezi zincwadi ezengeziwe ukuze bazisebenzise lapho befakaza ngokwethukela. Bukeza izintshumayelo ezisikiselwe, bese kuba nomboniso owodwa noma emibili yalezi zintshumayelo.
INgoma 224 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-December 11
INgoma 201
13 imiz: Izaziso zebandla. Umbiko wezimali. Yisho kafushane izizathu zokuthi kungani kufanele sihlele ukuba nengxenye egcwele nezuzisayo enkonzweni yasensimini. Kunokuba sibeke isilinganiso sokusebenza ihora noma ngaphansi lapho siphuma, kungani singahleli ukuba sihlale amahora amabili noma ngaphezulu uma kungenzeka? Impumelelo ngokuvamile ixhomeke ekuhleleni izimpindelo kusengaphambili nasekuhleleni ukusebenza nabanye abahlele ukuphuma amahora amabili noma ngaphezulu.
15 imiz: Izidingo zebandla. Noma inkulumo esekelwe esihlokweni esithi “Imivuzo Yokuphikelela,” esithathwe kuyi-Nqabayokulinda ka-August 1, 1995, amakhasi 25-9.
17 imiz: “Yilungiselele Futhi Uyijabulele Imihlangano Yebandla.” Inkulumo nengxoxo. Mema ummemezeli oyedwa noma ababili ukuba balandise ngalokho abakwenzayo okubasiza ukuba bajabulele imihlangano futhi bazuze ngokugcwele kuyo.
INgoma 28 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-December 18
INgoma 139
10 imiz: Izaziso zebandla. Nikeza ukusikisela okuthile ngendlela yokusabela ngokuhlakanipha ekubingeleleni kwangezikhathi zamaholide. Yenza isaziso ngamalungiselelo akhethekile okufakaza ngo-December 25 alawo mabandla azobe engayile emhlanganweni.
15 imiz: “Yenza Intuthuko Yakho Ibonakale.” Imibuzo nezimpendulo.
20 imiz: “Buyela Kulabo Ababonisa Isithakazelo.” Bukeza izintshumayelo ezisikiselwe, bese kuba nemiboniso emibili emifushane. Khuthaza bonke ukuba benze izimpindelo ngomgomo wokuqala izifundo zeBhayibheli.
INgoma 44 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-December 25
INgoma 88
5 imiz: Izaziso zebandla. Uma izikhathi zemihlangano yenu zizoshintsha ngo-January 1, bakhuthaze bonke ukuba basekele ngokugcwele ngokwenza noma ikuphi ukulungisa okudingekile. (Bheka INkonzo Yethu YoMbuso ka-December 1994, ikhasi 2.) Yenza isaziso ngamalungiselelo akhethekile okufakaza ngo-January 1 alawo mabandla azobe engayile emhlanganweni.
15 imiz: IBhokisi Lemibuzo. Inkulumo. Yenza ukwaziswa kusebenze ebandleni.
25 imiz: “Ukwenza Ukukhanya Kwethu Kukhanye Ngokuqhubekayo.” Yiba nesingeniso esifushane esisekelwe ezigabeni 1-5. Izigaba 6-16 kufanele zihlanganiswe ngemibuzo nezimpendulo. Funda izigaba 6-9, 15, no-16. Izigaba 17-19 zisebenzisele ukuphetha. Uma kungenzeka kufanele isingathwe umbonisi wenkonzo.
INgoma 3 nomthandazo wokuphetha.