Sizani Abafuni Beqiniso Bafune UNkulunkulu
1 UJesu wathi, “Izindaba ezinhle kumelwe zishunyayelwe ezizweni zonke kuqala.” (Marku 13:10) Lokhu kwasho ukuthi abafundi bakhe babeyohlangana nabantu bezilimi eziningi ezihlukahlukene, amasiko, nezizinda ezingokwenkolo. Futhi kusho ukuthi abafundi bakhe banamuhla, oFakazi BakaJehova, banesabelo sokufundisa zonke izinhlobo zabantu. Izigidigidi zabantu emhlabeni, abavela kuzo zonke izizinda ezingokwenkolo, badinga ulwazi okuwuNkulunkulu kuphela ongalunikeza—ulwazi ngaye nangeNdodana yakhe, uJesu Kristu.—IzAga 2:1-6; Joh. 17:3.
2 Njengoba kuyintando kaJehova uNkulunkulu ukuba zonke izinhlobo zabantu zisindiswe futhi zifinyelele olwazini olunembile lweqiniso, kuyilungelo ngathi ukusiza abaningi ngokwengeziwe ukuba babe abadumisi bakhe. (1 Thim. 2:3, 4) Ngo-November, ngosizo lwencwadi ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu ne-Nguqulo Yezwe Elisha, sizokwazi ukusiza abaningi abakweLobukholwa kanye nalabo abangewona amaKristu nabanesizinda sokungakholelwa kuNkulunkulu ukuba baqale ukukhulekela uJehova “ngomoya nangeqiniso.”—Joh. 4:23.
3 Ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu iye yasisiza saziqonda ngokucacile ezinye izinkolo kanye nezizinda zazo ezingokomlando. Iwusizo ekushumayeleni ngokuphumelelayo kubo bonke esihlangana nabo. Iphendula amakhulu emibuzo ephathelene nezinkolelo eziyisisekelo zezinkolo ezinkulu zezwe. Yiziphi izihloko ezikulencwadi eyigugu esingaziqokomisa ukuze sikhuthaze abaqotho bafunde okwengeziwe ngoNkulunkulu?
4 Umbuzo oyisisekelo ophendulwa kuyo yonke incwadi yilona: Ingabe umuntu unomphefumulo ongafi osindayo lapho efa futhi uqhubekele ekuphileni kwangemva kokufa? Ngandlela-thile, cishe zonke izinkolo zifundisa lowo mqondo. Eminye imibuzo ephendulwa kulencwadi yilena: Ingabe ikhona indawo okuthiwa isihogo lapho kuhlushwa khona imiphefumulo? Liyini ithemba langempela ngabafileyo? Ingabe kunoNkulunkulu oyedwa, noma kunonkulunkulu abaningi? Ukunaka kungadonselwa emibuzweni esemakhasini 17 no-18 alencwadi. Ngisho nalapho ukhuluma nomuntu ongakholelwa ukuthi uNkulunkulu ukhona noma othi uNkulunkulu akaziwa, ukwaziswa okusekhasini 7, isigaba 9, kungadonsa ukunaka kwakhe futhi mhlawumbe kuphumele engxoxweni ezuzisayo.
5 Yiqiniso, kufanele njalo sibonise amasu okungacunuli. Asifuni ukuvusa impikiswano kodwa kunalokho sifuna ukubonisana nabantu. Sinazo zonke izizathu zokukushisekela ukuhambisa lencwadi. Uma sikwazi kahle ekuqukethe, siyowathola amathuba okuvusa isithakazelo sabantu abaqotho bezizinda eziningi ezingokwenkolo. Kwangathi singabonisa ukuyishisekela lenkonzo. Sonke isintu kufanele manje sifune uNkulunkulu nomusa wakhe. Izenzakalo zezwe zibonisa ukuthi i-Armagedoni isondela ngokushesha. Lesi isikhathi sokushiseka.
6 Kwangathi singaphikelela ekufuneni abafuni beqiniso futhi siqinise ubuhlobo babo noNkulunkulu weqiniso. Angatholwa!