Ukwenza Izimpindelo Sinenjongo
1 Lapho wenza impindelo, kufanele uzame ukusebenzisa umbhalo ozonezela olwazini lwalowo muntu lwesihloko seBhayibheli enanixoxe ngaso ngaphambili.
2 Omunye wemigomo yokwenza izimpindelo lapho esahambisa khona omagazini uwukuqala umzila kamagazini. Intshumayelo elula njengalena ingase iphumelele:
◼ “Ngiyethemba ukuthi usijabulele isihloko se-Nqabayokulinda engakushiyela yona esasichaza ukuthi kungani kufanele sesabe uNkulunkulu. Namuhla ngikulethele isihloko esikumagazini i-Phaphama! esinombuzo othi, ‘Kungani Ukuphila Kukufushane Kangaka?’ Umbuzo omuhle lona, akunjalo?” Ungaqhubeka uthi: “Amazwi kaJesu aziwa kakhulu akuJohane 3:16 anikeza isithembiso sokuphila okuphakade. Ngicela wamukele lomagazini futhi uthole isikhuthazo sethemba eliqinile elinikezwa eZwini likaNkulunkulu.” Yibe usuchaza ukuthi uzobuya umlethele abanye omagazini futhi mhlawumbe nixoxe ngokuqhubekayo ngalokho uNkulunkulu akuthembise isintu esilalelayo. Khumbula ukuthi isikhathi ngasinye oyisa ngaso omagazini, ungabika impindelo.
3 Uma wahambisa onesihloko esithi “Izwe Elingenayo Impi—Nini?” ungase uthi:
◼ “Ukuphila bekuzoba njani kulomhlaba ukuba bezingasekho izimpi? [Lindela impendulo.] Ake ngikubonise lokho uNkulunkulu athembise ukukwenza.” Funda iHubo 37:10, 11, bese uchaza ukuthi izinto ziyoba njani lapho intando kaNkulunkulu seyenziwa lapha emhlabeni. Khumbuza lowo muntu ngalokho uJesu afundisa abafundi bakhe ukuba bakuthandazele njengoba kubhalwe kuMathewu 6:9, 10. Msize ukuba acabange ngalokho okushiwo amazwi kaJesu. Hambisa isikhokhelo se-Nqabayokulinda noma i-Phaphama! bese wenza amalungiselelo okubuya nizoqhubeka nengxoxo.
4 Uma ubuyela ukuze nizoqhubeka nengxoxo ephathelene nochungechunge lwesihloko sesembozo esithi “Kungani Ukuphila Kukufushane Kangaka?” ungase uqale ngalendlela:
◼ “Esikhathini esidlule lapho ngikuhambele, sakhuluma ngobude besikhathi sokuphila komuntu. Njengoba ngokuqinisekile waphawula ezihlokweni ze-Phaphama!, ososayensi banikeza ithemba elincane lokusisiza ukuba siphile ngaphezu kweminyaka engu-70 noma engu-80. Kodwa ucabangani ngalokho iBhayibheli elikuthembisayo? [Lindela impendulo.] IBhayibheli libonisa ukuthi uNkulunkulu unokuthile okungcono kakhulu azokwenzela isintu.” Yibe usufunda uJohane 17:3, bese uchaza indlela ukungenisa ulwazi okungaholela ngayo ekuphileni okuphakade. Kuleli qophelo ungase ukwazi ukusikisela isifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala noma uhlele ukuba kube nenye ingxoxo yeBhayibheli.
5 Ukuqala isifundo seBhayibheli kuwumgomo obalulekile enkonzweni yethu. Mhlawumbe usumhambele kaningana umuntu owathatha omagazini. Kungani ungazami lendlela esikhathini esizayo lapho umhambela?:
◼ “Abantu banemiqondo eminingi kakhulu ngenkolo nokuba yinzuzo kwayo ekuphileni kwanamuhla. Kunezinkolelo ezingqubuzanayo ngokuthi kungani uNkulunkulu evumele ububi noma ukuthi kungani siguga futhi sife. Abanye abantu bangathanda ukwazi indlela okufanele sithandaze ngayo futhi sizwiwe uNkulunkulu.” Vula enye yezincwadi zethu zokutadisha iBhayibheli esihlokweni onomuzwa wokuthi sizomthakazelisa umninikhaya, bese umbonisa kafushane indlela isifundo esiqhutshwa ngayo.
6 UJehova unguNkulunkulu wenjongo. Masimlingise ngo-October ngokwenza izimpindelo sinenjongo ethile.