Izimpindelo Eziphumelelayo Zidinga Ukufundisa Okunekhono
1 Izimpindelo ziyingxenye ebalulekile nejabulisayo yenkonzo yethu yasensimini. Kungani kufanele sikukhuthalele ukuphindela kubantu abanesithakazelo? Igama likaJehova lenziwa laziwe futhi liyadunyiswa ngalomsebenzi wokwenza abafundi, abantu abesaba uNkulunkulu basizwa ukuba bathole indlela eya ekuphileni. (2 Kor. 2:17–3:3) Ukuqaphela ukuthi ukungcweliswa kwegama likaJehova nokuphila kwabanye abantu kuhilelekile kufanele kusishukumisele ukuba silungiselele kahle ngaphambi kokuba sibuyele.
2 Umfundisi omuhle uyosiza umfundi ukuba akhele phezu kwesisekelo esihle esesibekiwe kakade. Njengoba nje nothisha wesikole akhela phezu kolwazi abafundi abaluzuza nsuku zonke, kufanele ngokuvamile silandelele ukuhambela kwethu kokuqala ngokukhulumela okwengeziwe okumayelana nendaba efanayo. Lokhu kwenza ukuba umqondo uqhutshekiselwe phambili nokucabanga kuthuthukiswe.
3 Lapho uphindela ngemva kokuhambisa incwajana engangomagazini ethi “Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?” ungakuthola kuphumelela lokhu:
◼ “Ekuhambeleni kwami okudlule, sasixoxa ‘ngezinsuku zokugcina’ okukhulunywa ngazo eBhayibhelini nanokuthi lokhu kusho ukuthini kithi. Ungazibuza ukuthi sazi kanjani ukuthi siphila ezinsukwini zokugcina. (2 Thim. 3:1) Abafundi bakaJesu babekhathazekile befuna ukuthola impendulo yalowo mbuzo. [Funda uMathewu 24:3.] Empendulweni yakhe, uJesu wachaza izimo esizibona yonke indawo namuhla. Zihlanganisa ukucindezeleka nobudlova okungakaze kubonwe ngaphambili.” Mbonise isici sesibonakaliso esiphawulwe ezigabeni 3 no-4 ekhasini 20. Uma esabela kahle, veza ezinye izici zesibonakaliso ezigabeni 5 kuya ku-8 ekhasini 20. Sikisela ukubuya futhi uphendule imibuzo ephakanyiswe ekhasini elingaphandle lalencwajana.
4 Uma ulandelela isithakazelo esaboniswa encwajaneni ethi “Iyini Injongo Yokuphila—Ungayithola Kanjani?” ungase uthi:
◼ “Bengilokhu ngilangazelela ukuqhubeka nengxoxo yethu ephathelene nenjongo yethu yokuphila. Ngicabanga ukuthi siyavumelana ukuthi uNkulunkulu wayehlose ukuba siphile kulomhlaba ezimweni ezijabulisayo nezinokuthula kunasesiphithiphithini esisibonayo namuhla. Ucabanga ukuthi uyosigcwalisa isithembiso sakhe?” Lindela impendulo. Funda u-Isaya 55:11, bese nixoxa ngamaphuzu asezigabeni 25 kuya ku-27 ekhasini 30. Tusa isifundo seBhayibheli somuntu siqu njengesiyindlela engcono kakhulu yokuthola injongo yokuphila ezuzisayo.
5 Ukuze ulandelele isithakazelo esaboniswa encwajaneni ethi “Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade!” ungaphinda uyiveze bese uthi:
◼ “Sakhuluma ngomhlaba omuhle oboniswe lapha esembozweni salencwajana. Ngithanda ukukutshela ukuthi kungani ukuba nokholo kuJesu Kristu kubaluleke kangaka kubantu abafuna ukuphila lapho.” Vula emfanekisweni 41, bese ufunda u-Isaya 9:6. Bhekisela emfanekisweni 62, bese ufunda uJohane 3:16, ugcizelele isidingo sokulalela. Chaza ukuthi oFakazi BakaJehova basiza abantu ukuba bafunde indlela yokubonisa ukholo ngokutadisha iBhayibheli nangokuzama ukuphila ngeseluleko salo.
6 Ngemva kwempindelo ngayinye, yihlaziye ngombono wokuthuthukisa ukuphumelela kwakho. Zibuze: Ingabe benginakho okuthile ngokuqondile kokukusho? Ingabe ukunaka ngikugcine kugxile eBhayibhelini? Ingabe ngakhele phezu kwesisekelo esabekwa ekuhambeleni kokuqala? Ingabe intshumayelo yami ibiklanyelwe ukuholela esifundweni seBhayibheli? Izimpendulo ezivumayo zinikeza isiqiniseko sokuthi uzabalazela ukuba umfundisi omuhle weZwi likaNkulunkulu.