Yibani Abafundisi BeZwi LikaNkulunkulu—Nisebenzisa Izincwajana Ezingangomagazini
1 Zonke izinceku zikaJehova ezizinikezele zinomthwalo wemfanelo wokuhlanganyela emsebenzini wokufundisa abanye iZwi likaNkulunkulu. Ukungathi sína kwalomthwalo wemfanelo kuba sobala lapho siqaphela ukuthi lowo osithume ukuba ‘senze abantu bazo zonke izizwe babe abafundi, sibafundise’ unalo lonke igunya ezulwini nasemhlabeni. (Math. 28:18-20) Ngakho, ukuhlanganyela ekushumayeleni izindaba ezinhle kudinga ukuba sibe abafundisi!—2 Thim. 2:2.
2 Ngo-August singasebenzisa amakhono ethu okufundisa lapho sihambisa izincwajana. Singakhetha kuzo amaphuzu athile angokomBhalo athakazelisayo bese silungiselela ukukhulumela okufushane okuzosisiza ukuba siqale ingxoxo.
3 Lapho uhambisa incwajana ethi “Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?” ungase uthi:
◼ “Siye sahambela omakhelwane bakho abaningi futhi sathola ukuthi bakhathazekile ngokwanda okukhulu kobugebengu, ubuphekula, nobudlova. Ngokombono wakho, kungani lokhu kuye kwaba inkinga engaka? [Lindela impendulo.] Kusithakazelisa ngokukhethekile ukuthi iBhayibheli labikezela ukuthi lokhu kuzokwenzeka. [Funda eyesi-2 Thimothewu 3:1-3.] Phawula ukuthi lokhu kufanele kwenzeke ‘ezinsukwini zokugcina.’ Lokhu kusho ukuthi kukhona osekuzofika esiphelweni sakho. Ucabanga ukuthi yini leyo?” Lindela impendulo. Vula ikhasi 22, umbonise umfanekiso, bese nixoxa ngombhalo owodwa noma emibili ecashunwe kulelo khasi. Hambisa incwajana ngo-R1,00 bese wenza amalungiselelo okubuya kamuva uzochaza ukuthi kungani sikholelwa ukuthi lezi zibusiso ziseduze.
4 Ungase uthande ukusebenzisa lendlela lapho uhambisa incwajana ethi “Iyini Injongo Yokuphila—Ungayithola Kanjani?”:
◼ “Abantu abaningi babhekana nobunzima lapho bezama ukuthola injongo yangempela ekuphileni. Nakuba abambalwa bejabulela isilinganiso esithile senjabulo, abaningi baphila ukuphila okugcwele ukudumazeka nokuhlupheka. Ucabanga ukuthi yilendlela uNkulunkulu ayehlose ukuba siphile ngayo? [Lindela impendulo.] IBhayibheli libonisa ukuthi uNkulunkulu ufuna siphile ezweni elinjengaleli.” Vula umfanekiso osekhasini 21, bese uphenya ikhasi 25 no-26, izigaba 4-6, uchaze lokho akuthembisile. Phakamisa lombuzo enizoxoxa ngawo lapho ubuya: “Singaqiniseka kanjani ukuthi uNkulunkulu uyozigcwalisa izithembiso zakhe?”
5 Ungase uhambise incwajana ethi “Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade!” ngokuvula wonke umfanekiso ongaphambili nangemuva esembozweni bese ubuza:
◼ “Ungathanda ukuphila emhlabeni ogcwele abantu abajabulayo njengalona? [Lindela impendulo.] IBhayibheli lisitshela ukuthi uNkulunkulu uyabathanda abantu futhi ufuna baphile phakade ngenjabulo kulomhlaba.” Vula umfanekiso 49, bese ufunda omunye wemiBhalo ekhonjiwe. Khona-ke, vula umfanekiso 50, bese uchaza lokho okufanele sikwenze uma sifuna ukuphila kuleli Pharadesi. Sikisela ukubuya nizoxoxa ngokuthi kungani ukuba nokholo kuJesu Kristu kubaluleke kangaka.
6 UJehova uyajabula lapho senza ukuba ‘intuthuko yethu ibonakale ngokunaka njalo ukufundisa kwethu.’ (1 Thim. 4:15, 16) Izincwajana zethu ezingangomagazini zingaba usizo lwangempela kithi emizamweni yethu yokusiza labo abalangazelela ukuzwa “izindaba ezinhle.”—Isaya 52:7.