Sisebenzise Kahle Isikhathi Sakho
1 Isikhathi siyinto ebalulekile kuJehova. Ufuna nathi siyiqaphele indlela esisebenzisa ngayo isikhathi. Ngenhlangano yakhe uyasisiza ukuba siqaphele indlela esisebenzisa ngayo isikhathi. Sikhuthazwa ukuba njalo ‘sibe nokuningi kokukwenza emsebenzini weNkosi.’ (1 Kor. 15:58) Ngalendlela, singaphumelela ngokwengeziwe enkonzweni kaJehova.
2 Sonke sinesikhathi esilinganayo isonto ngalinye—amahora angu-168. Sisisebenzisa kahle kangakanani isikhathi sethu? Ingabe siyabonisa ukuthi siyazi ngempela ukuthi yisikhathi sini ngokombono kaJehova? Ingabe siphazanyiswa imisebenzi engabalulekile?
3 Kubalulekile ukuba sihleleke kahle. Abaningi bazama ukulandela uhlu lwezinto eziza kuqala. Into ngayinye ifakwa ohlwini ngokokubaluleka kwayo. Lokho kunganqunywa kanjani? IBhayibheli lithi umuntu kufanele ‘abone okuhle kuwo wonke umshikashika wakhe.’ (UmSh. 3:13) Eminye imisebenzi iveza imiphumela engcono kuneminye. Cabangela imiphumela umsebenzi ngamunye oyoyiletha. Ingabe ukuqeda lomsebenzi kuyoletha izinzuzo ezibalulekile? Ingabe ‘uyokubona okuhle’ ngomshikashika wakho? Uma kungenjalo, kungenzeka akuwona umsebenzi odinga ukwenziwa kuqala.
4 Enkonzweni Yethu: Siyakwazisa lapho abanye befika ngesikhathi emihlanganweni yenkonzo, bezilalelisisa iziqondiso, bese beya ngokushesha ensimini. Kungcono sibe matasa sishumayela kunokulinda. Ngokusobala uPawulu wayenomuzwa onamandla ngokuphathelene nesidingo sokuhleleka lapho ebhala: “Zonke izinto mazenzeke ngokufaneleyo nangohlelo.”—1 Kor. 14:40.
5 Lapho sisenkonzweni yasensimini, singalahlekelwa isikhathi esiningi ngokuthatha amakhefu okuphuza ikhofi. Nokho, uma isimo sezulu singesihle, ukuthatha ikhefu kungasiqabula futhi kusisize ukuba siqhubeke. Noma kunjalo, abaningi bakhetha ukuqhubeka bematasa ngokufakaza kubantu futhi badele ukuhlangana nabazalwane ukuze kuphuzwe ikhofi ngesikhathi esibekelwe inkonzo. Kudingeka ukulinganisela.
6 “Nonogolantethe . . . uyazazi izikhathi zakhe ezimisiweyo” zokuthutha aye kwelinye izwe, nentuthwane “ilungisa nokho ehlobo isinkwa sayo” ukuze ilungiselele ubusika, kusho iBhayibheli. (Jer. 8:7; IzAga 6:6-8) Lena imfihlo yokusisebenzisa kahle isikhathi. Nathi kufanele ‘sisazi isikhathi sethu esimisiweyo.’ Ngaphandle kokweqisa, kufanele siyiqaphele indlela esisebenzisa ngayo isikhathi. Kufanele singazi nje ukuthi yini okumelwe siyenze kodwa nokuthi kufanele yenziwe nini. Kufanele sizifundise umkhuba wokucabanga kusengaphambili, silungiselele nezinto okungenzeka ziphazamise. Kufanele futhi sizimisele ukuba eminye imisebenzi siyenze ngesikhathi esifushane ukuze senze isikhathi sokunye okubaluleke kakhulu, njengokulungiselela imihlangano, inkonzo yasensimini, neminye imisebenzi engokwasezulwini.
7 Sifuna ukufana noBaba wethu wasezulwini, uJehova uNkulunkulu, osifundisa ukuthi “konke kunesikhathi sakho.” (UmSh. 3:1) Ngokusisebenzisa kahle isikhathi sethu, ‘singayifeza ngokugcwele inkonzo yethu.’—2 Thim. 4:5.