UKristu Njengesibonelo Sentsha
1 Ngemva kwengxoxo ende yeBhayibheli, omunye omusha wathi: “Ngakhangwa ubuntu bukaJesu Kristu obubonisa intshiseko. Lona umholi engangingakholelwa kuye.” Lamazwi awanakushiwo nganoma isiphi isilomo sezombangazwe noma sezemidlalo namaqhawe ezokuzijabulisa. AmaKristu eqiniso awababheki njengezibonelo labo abazamukela obala izindinganiso zezwe nezindlela zokuphila ezingezona ezobukristu.—IHu. 146:3, 4.
2 Abantu abasha bangaqiniseka ngokuthi lapho bebonisa ukholo kuJesu Kristu, bazibonakalisa beyizimvu zikaNkulunkulu futhi uJesu uyabazi. UMalusi Omuhle uyabanakekela. (Joh. 10:14, 15, 27) Intsha elandela uKristu njengeSibonelo sayo iyabusiswa.
3 Omunye umzalwane okhonza eBethel yaseBrooklyn wayenomgomo walelilungelo lenkonzo kusukela eneminyaka engu-8. Wakhuthazwa ukuba abheke inkonzo yaseBethel njengendlela eyinzuzo yokulandela isibonelo sikaKristu lapho ekhula. Abazali bakhe, kanye nababonisi abajikelezayo, babelokhu bekhuluma ngalomgomo. Ukuze bamsize akulungele, bamkhuthaza ukuba azikhandle njengelungu lomkhaya waseBethel, enze imisebenzi yasekhaya, asize ekulungiseni iHholo LoMbuso, athuthukise amakhono enkonzweni. Ngemva kokujabulela inkonzo yaseBethel iminyaka eminingi manje, uyabonga ngokuthi njengoba ayekhula wenza umzamo wokulingisa isibonelo sikaKristu.
4 UJesu akazange aphishekele umsebenzi wezwe; wakhetha inkonzo. Udade osemusha wayefuna ukuphayona lapho ephothula esikoleni kodwa wayenqikaza ngenxa yokungalitholi itoho elifanelekayo. Wayelokhu ecabanga: ‘Ngizoqale ngithole umsebenzi, bese ngifaka isicelo sokuba iphayona.’ Umdala wambonisa ukuthi uma elinda isikhathi eside, uyoze akubone kungcono ukuthola umsebenzi wokuziphilisa wesikhathi esigcwele, ngoba kuyobe kungekho lutho olumvimbela ukuba akwenze. Uyalandisa: “Ngathandaza kuJehova ukuba umoya wakhe ungiqondise.” Ngokushesha wabhalisa njengephayona elisizayo kamuva waba iphayona elivamile. Ngokushesha ngemva kwalokho, wathola umsebenzi okahle owawuvumelana nesimiso sakhe sokuphayona.
5 UJesu wayememezela isigijimi soMbuso ngesibindi kuwo wonke umuntu. (Math. 4:23) AmaKristu asemasha nawo angafunda ukuba nesibindi ekushumayeleni, angesatshiswa abanye. Omunye uFakazi oneminyaka engu-14 wabika: “Wonk’ umuntu esikoleni uyasazi isimo sami njengomKristu. . . . Basazi kahle kakhulu kangangokuba angizizwa nginamahloni uma ngihlangana nengane engifunda nayo ngisenkonzweni. Izingane engifunda nazo ngokuvamile ziyalalela, futhi ngokuvamile ziyazamukela izincwadi.”
6 Ukucabanga ngesibonelo sikaKristu kungabasiza abantu abasha benze izinqumo ezihlakaniphile ngokuphathelene nekusasa labo. Esikhundleni sokuba matasa ngeminako yezwe, ‘bakhumbula uMdali wabo’ ngokubonisa intshiseko enkonzweni kaJehova. (UmSh. 12:1) NjengoKristu Jesu, bahlakulela “uthando lukaBaba,” oluletha izibusiso ezifiseleka kakhulu kunanoma yini enganikezwa yizwe. Esikhundleni ‘sokudlula’ nezwe elidala, bangabheka phambili ‘ekuhlaleni kuze kube phakade.’—1 Joh. 2:15-17.