Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 6/95 k. 1
  • UJehova Unikeza Amandla

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UJehova Unikeza Amandla
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1995
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukushumayela Izindaba Ezinhle—Ngesimo Sokuthandaza
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1990
  • Kungani Kufanele Sithandaze Singaphezi?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • UJehova Unika Amandla
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2001
  • Hlala Useduze Nenhlangano KaJehova
    Ukuhlelelwa Ukwenza Intando KaJehova
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1995
km 6/95 k. 1

UJehova Unikeza Amandla

1 Njengabantu bakaJehova, siye sanikezwa isabelo sokushumayela izindaba ezinhle kuyilapho silondoloza ukuziphatha kwethu “kukuhle phakathi kwezizwe.” (1 Pet. 2:12; Math. 24:14) Ngenxa yezikhathi ezibucayi kanye nobuthakathaka bethu nokushiyeka, besingenakuwufeza lomsebenzi ngamandla ethu. (2 Thim. 3:1-5) Yeka indlela esijabula ngayo ngokuthi singabheka kuJehova ukuba asisize!

2 Umphostoli uPawulu wakhuthazelela izilingo eziningi. (2 Kor. 11:23-27) Wakwazi kanjani ukubhekana nazo futhi afeze umsebenzi wakhe awabelwe? UJehova wamnika “amandla angaphezu kwavamile.” (2 Kor. 4:7) UPawulu waluqaphela lolo sizo lwaphezulu lapho ebhala: “Nginamandla azo zonke izinto ngenxa yalowo odlulisela amandla kimi.” (Fil. 4:13) UJehova uyosisiza ngendlela efanayo. Singaluthola kanjani lolu sizo?

3 Ngokuthandaza Ngokungaphezi: UJesu wasikhuthaza ukuba ‘siqhubeke sicela, sifuna, singqongqoza,’ singayeki. (Luka 11:5-10) Ukuphikelela kwethu emthandazweni kubonisa uJehova ukujula kokukhathazeka kwethu, ukuthi isifiso sethu sinamandla kangakanani, nobuqotho besisusa sethu. (IHu. 55:17; 88:1, 13; Roma 1:9-11) UPawulu wakuqaphela ukubaluleka kokuphikelela emthandazweni lapho esiyala ukuba ‘sithandaze singaphezi.’ (1 Thes. 5:17) Umthandazo ungenye yezindlela eziyinhloko esithola ngazo usizo lukaJehova.

4 Ngokulandela Isiqondiso Esingokwasezulwini: “UMbuso Ongokwasezulwini” usho “ukubusa kukaNkulunkulu,” oluthando. Siyazuza ekubuseni kwakhe ngokwamukela igunya lakhe lothando nokulandela iziyalezo zakhe ezinqumweni ezinkulu nezincane. “Isigqila esikholekile nesiqondayo” simelela ukubusa okungokwasezulwini kulomhlaba. (Math. 24:45-47) Ukubambisana nenhlangano esetshenziswa “isigqila” kubalulekile ukuze sithole isibusiso sikaJehova. (Qhathanisa namaHeberu 13:17.) Ukuthembeka kwethu kuJehova nokuzimisela kwethu ukulalela imithetho yakhe uyokuvuza ngokusinikeza amandla esiwadingayo ngesikhathi esifanele.—Heb. 4:16.

5 Ngokuhlala Siseduze Nabafowethu: Uthando luwuphawu oluhlukanisayo lwabafundi bakaJesu. (Joh. 13:34, 35) Njengoba kunobuntu obuhlukahlukene, izingxabano zingaba khona phakathi kwethu ngenxa yobuntu obungefani. Kudingeka sibe nobubele besisa, sithethelelane ngokukhululekile. (Efe. 4:32) Lokhu kwenza sikwazi ukuhlala sisondelene nabafowethu okholweni futhi sikhuthazwe ukukhuthazela kwabo okuqinile ngaphansi kwezilingo. Njengoba ‘sazi ukuthi izinto ezifanayo eziyizinhlupheko ziyafezwa kuyo yonke inhlangano yabafowethu ezweni,’ sinamandla esiwanikezwe uNkulunkulu okubhekana nokucindezeleka okufanayo.—1 Pet. 5:9.

6 Ngokulondoloza Isimiso Esihle Sesifundo Somuntu Siqu: Ukuqinisa izingqondo zethu nezinhliziyo ngokomoya kusenza sikwazi ukunqoba ukuhlasela kukaSathane. (1 Pet. 5:8) Isimiso esihle sesifundo somuntu siqu siyokwandisa inqolobane yethu yolwazi lokuhlonipha uNkulunkulu. Singazuza kulo lapho sibhekene nezinselele zansuku zonke. UPawulu wagcizelela ukuthi “ulwazi olunembile” lufeza indima ebalulekile ekuzuzeni insindiso. (1 Thim. 2:3, 4) Kubalulekile ukuzondla njalo ngokudla okungokomoya.

7 Wonke amalungiselelo adingekayo okusisiza ukuba sihlale siqinile atholakala kalula ngebandla lobuKristu. Ukusekela yonke imisebenzi yalo ngomphefumulo wonke kuyoqinisekisa ukuthi ‘siyohamba singapheli amandla.’—Isaya 40:29-31.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela