Imihlangano Yenkonzo Ngo-February
Isonto Eliqala Ngo-February 6
INgoma 73
10 imiz: Izaziso zebandla. IZaziso eziku-Nkonzo Yethu YoMbuso ezisebenza ebandleni. Makube nomboniso oveza indlela izihloko ezikomagazini bamuva ezingaqokonyiswa ngayo emsebenzini wendlu ngendlu.
17 imiz: “Ukushumayela—Ilungelo Eliphakeme.” Imibuzo nezimpendulo. Nikeza ukukhulumela okwengeziwe okusekelwe ku-Nqabayokulinda ka-July 15, 1990, ikhasi 19, izigaba 13-16.
18 imiz: “Ukuyethula Ngokuphumelelayo Incwadi Ethi Ungaphila Phakade.” Bukeza amaphuzu ayinhloko nezilaleli, kuhlanganise nokukhulumela okukwethi Incwadi Yokuchasisa Isikole, ikhasi 46, izigaba 9-12. Chaza ukuthi uhlobo olunjani lwezingeniso olungase luphumelele ensimini yenu. Yiba nomboniso owodwa noma emibili yokuhambisa lencwadi.
INgoma 82 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-February 13
INgoma 103
5 imiz: Izaziso zebandla. Umbiko wezimali. Yisho ukubonga kweNhlangano iminikelo okungenzeka yayemukela.
10 imiz: Izidingo zebandla. Noma inkulumo ethi “Kungani Kufanele Ngikhulume NgoNkulunkulu?” eku-Phaphama!, ka-September 22, 1994, amakhasi 13-15.
15 imiz: “Izwi LoMbuso—Ukuthola Umqondo Walo.” Imibuzo nezimpendulo. Yiba nabantu ababili noma abathathu balandise indlela abahlela ngayo ukuba nesifundo somuntu siqu noma ukubukeza itekisi losuku nokuthi bakwenza nini.
15 imiz: “Bonisa Ukubacabangela Abanye—Ingxenye 2.” Inkulumo nengxoxo okufanele isingathwe umdala. Phawula noma yiziphi izinkinga eziye zaqapheleka ebandleni, bese unikeza isikhuthazo esifanele.
INgoma 109 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-February 20
INgoma 134
12 imiz: Izaziso zebandla. Yisho izihloko ezikomagazini bamuva ezifanela insimu yebandla. Makwenziwe imiboniso yokuhanjiswa kwabo.
15 imiz: “Umuphi Wazo ‘Zonke Izipho Ezinhle.’” Inkulumo enikezwa umdala, esekelwe ku-Nqabayokulinda ka-December 1, 1993, amakhasi 28-31.
18 imiz: “Landelela Isithakazelo Owasithola.” Xoxa nezilaleli. Landisa ukukhulumela okubonisa ukwazisa ngokuthola incwadi ethi Ungaphila Phakade. (Bheka INqabayokulinda ka-May 15, 1986, ikhasi 32, neka-March 1, 1987, ikhasi 32.) Yiba nomboniso owodwa noma emibili ebonisa indlela izintshumayelo ezisikiselwe ezingasetshenziswa ngayo. Khuthaza bonke ukuba bazame ukuqala izifundo nabantu abathakazelayo.
INgoma 147 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-February 27
INgoma 184
10 imiz: Izaziso zebandla. IZindaba Ezingokwasezulwini. Khumbuza abamemezeli ukuba bayibike ngokushesha inkonzo yabo yasensimini yango-February. Abaqhubi bezifundo zencwadi kufanele bathintane nabo bonke abamemezeli amagama abo asohlwini abaluthole kunobhala, babakhuthaze ukuba balethe noma imiphi imibiko eshiywe isikhathi.
20 imiz: “Ukuvakashela Isiguli—Indlela Yokusiza.” Inkulumo esekelwe ekwazisweni okuku-Phaphama! ka-March 8, 1991. Yisho amalungiselelo ebandla okusiza abagugile, ababuthakathaka, noma abagulela emakhaya. Gcizelela iphuzu elisekhasini 11, isigaba 4, eliphathelene nenzuzo yokugqoka ngokufanelekile.
15 imiz: Ukuhambisa incwadi ethi Umvuthwandaba WesAmbulo ngo-March. Khuthaza wonke umuntu ukuba abonise intshiseko ekuyihambiseni. Bukeza izizathu zokunyatheliswa kwayo, njengoba zichazwe kulencwadi ekhasini 8. Landisa ukukhulumela okubonisa ukuthi lencwadi iyaziswa. (Bheka INqabayokulinda, ka-March 15, 1989, ikhasi 32, neka-April 15, 1989, ikhasi 32.) Bukeza bese kafushane kuba nomboniso oveza indlela yokuyihambisa. (Bheka INkonzo Yethu YoMbuso ka-March 1992, ikhasi 4.) Khumbuza izilaleli ukuba zithole izincwadi ezizosetshenziswa kulelisonto endaweni yezincwadi.
INgoma 207 nomthandazo wokuphetha.