IMihlangano Yenkonzo Yango-September
Isonto Eliqala Ngo-September 5
INgoma 5
10 imiz: Izaziso zebandla neZaziso eziku-Nkonzo Yethu YoMbuso ezisebenza ebandleni.
20 imiz: “Yandisa Ingcebo Yakho Yenkonzo YoMbuso.” Umbonisi wenkonzo nomunye umdala baxoxa ngamaphuzu ayinhloko akulesisihloko. Bukezani umsebenzi webandla wangonyaka odlule, nituse futhi ninikeze nokusikisela kokuthuthukisa. Gcizelelani umgomo wokwandisa ingxenye yethu siqu enkonzweni.
15 imiz: “Hlakulela Isithakazelo Encwadini Ethi Ungaphila Phakade.” Abamemezeli abathathu noma abane, kuhlanganise nosemusha baxoxa ngalesisihloko bese beprakthiza. Benza umboniso wezintshumayelo ezimbili noma ezintathu bese bezihlaziya, banikezane ukusikisela okuwusizo futhi batusane.
INgoma 32 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-September 12
INgoma 54
7 imiz: Izaziso zebandla. IZindaba EzingokwaseZulwini.
20 imiz: Ukuziphatha KobuKristu Esikoleni. Umdala uxoxa nabeve eshumini nambili abathathu noma abane. Esikoleni, intsha yethu ibhekana nokucindezeleka okunhlobonhlobo kokudela inhlonipho enayo ngezimiso zeBhayibheli. Okuningi kwakho kuvela emisebenzini engaphathelene nokufunda kwasekilasini. Imidlalo, ukuphola, kanye nemibuthano yokuzilibazisa kuphakamisa izimo eziyingozi. Umdala uxoxa nentsha ngesihloko esithi “Imisebenzi Eseceleni,” esebenzisa incwajana engangomagazini ethi Isikole, amakhasi 22-5. Intsha inikeza ukukhulumela okubonisa ukuthi ibhekana nokucindezelwa kokuba ihlanganyele kulezizinto ngakho iyasazisa iseluleko esinikezwayo.
18 imiz: “Abakugwemanga Ukufakaza.” Imibuzo nezimpendulo. Qokomisa ukuthi nakuba singenakukwazi ukuchitha isikhathi esilinganayo sonke enkonzweni, kufanele sithole injabulo futhi silwele ukuyenza ngomphefumulo wonke.
INgoma 60 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-September 19
INgoma 36
10 imiz: Izaziso zebandla. Funda umbiko wezimali nanoma ikuphi ukubongwa kweminikelo.
10 imiz: IBhokisi Lemibuzo. Ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
10 imiz: “I-video Ethi The Bible—Mankind’s Oldest Modern Book.” Ukuhlanganiswa kwesihloko ngemibuzo nezimpendulo.
15 imiz: “Ukuqala Izifundo ZeBhayibheli Ngencwadi Ethi Ungaphila Phakade.” Xoxa nezilaleli. Hlela ukuba kube nemiboniso emibili kusetshenziswa izintshumayelo ezisikiselwe.
INgoma 67 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-September 26
INgoma 44
10 imiz: Izaziso zebandla. Chaza amalungiselelo omkhankaso wensimu engabelwe bese ukhuthaza bonke ukuba bayisekele ngokugcwele inyanga yokugcina. Mema izilaleli ukuba zilandise okuhlangenwe nakho okufushane ezakujabulela ensimini engabelwe, ekuhambiseni incwadi ethi Ungaphila Phakade noma ekuqaleni izifundo ngayo.
20 imiz: “Ukwandisa Izakhiwo EBethel Kuyaqhubeka.” Ingxoxo esingathwa umdala onokuhlangenwe nakho yemibuzo nezimpendulo esekelwe esenezelweni. Phawula izici ezithakazelisayo zemifanekiso esemakhasini aphakathi nendawo. Yazisa izilaleli ukuthi yini eyenziwa yibandla ekusekeleni isimiso sokwandisa izakhiwo eBethel.
15 imiz: Ukuhambisa INqabayokulinda Ne-Phaphama! Ngo-October. Omagazini bethu bafeza indima enkulu emsebenzini wokushumayela emhlabeni wonke; izigidi zabantu zaqala ukulizwa ngalendlela iqiniso. Gcizelela ukubaluleka kokubasebenzisa njalo nokubahambisa emsebenzini wendlu ngendlu ngisho nalapho kuhanjiswa ezinye izincwadi. Yisho izinzuzo zokuba noSuku Lukamagazini masonto onke. Yisho indlela umsebenzi wasemgwaqweni nowokufakaza ezitolo ovula ngayo amathuba amaningi okubahambisa. Khumbuza abazalwane ukuba bagcine umbhalo walokho abakuhambisile, ngomgomo wokuqala umzila kamagazini. Hambisa izikhokhelo ngaso sonke isikhathi. Khumbuza abazalwane ngamanani amabili, elinye elezikhokhelo ezifika ngeposi elinye elezifika nge-Club system. Gcizelela ukubaluleka kokulungiselela kahle ngaphambi kokuba siphume. Yiba nabamemezeli abathathu, oyedwa wabo kube umuntu osemusha, benze umboniso wokuhanjiswa komagazini okufushane.
INgoma 76 nomthandazo wokuphetha.