IZindaba Ezingokwasezulwini
EJapane: U-February wayeyinyanga eshubisa umnkantsha likhithika. Nokho, kwafinyelelwa inani elisha eliphakeme labamemezeli abangu-188 844. Kwaba khona nenani elisha eliphakeme lezimpindelo, izifundo zeBhayibheli, namaphayona avamile.
ENingizimu Afrika: Kwanikezelwa iHholo LoMbuso leBandla laseZoar, eduze naseLadismith eSifundeni saseKapa, ngo-April 17, 1994. Ngo-May 7 iBandla laseLyttelton, ePitoli, nalo lajabula lapho iHholo LoMbuso lalo elisha linikezelwa.