Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 7/94 k. 2
  • IBhokisi Lemibuzo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IBhokisi Lemibuzo
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1994
  • Indaba Ethi Ayifane
  • IBhokisi Lemibuzo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1991
  • Ababonisi Bayahola—Unobhala
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
  • Ingabe Ungenza Okwengeziwe Ukuze Udumise UJehova?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
  • Izibusiso Zenkonzo Yobuphayona
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1994
km 7/94 k. 2

IBhokisi Lemibuzo

◼Yini okufanele unobhala ayenze lapho iphayona elivamile lithuthela ebandleni?

Unobhala kufanele azise iNhlangano, esebenzisa isikhala esingemuva kwefomu loMbiko Webandla (S-1). Kufanele futhi athintane ngokushesha nonobhala webandla iphayona ebelikulo ngaphambili bese ecela wonke amakhadi eRekhodi Lommemezeli Lebandla (S-⁠21) asefayelini kanye nencwadi yokulethula evela eKomitini Yenkonzo Yebandla.

Lapho ukuthutha kwephayona kuhilela ushintsho olukhulu, ngokuvamile liba nezinkinga ekuzinzeni nasekumiseni isimiso esiphumelelayo senkonzo. Iphayona liyakwazisa kakhulu lapho abadala belinikeza usizo lothando ukuze ukushintshela kwalo ebandleni elisha kube okungenazihibe ngangokunokwenzeka.

Isikhumbuzo: Amakhadi amasha eSibonakaliso Senkonzo Yobuphayona (S-202) unobhala uwanika kuphela amaphayona athuthela ebandleni akulo avela ensimini engaphansi kwegatsha laseNingizimu Afrika. Amaphayona alahlekelwa amakhadi awo, ashintsha isibongo ngenxa yomshado noma isehlukaniso, noma avela ezindaweni ezikhonzwa elinye igatsha kufanele awathole eNhlanganweni amakhadi awo amasha, hhayi kunobhala. Unobhala noma iphayona kufanele babhalele iNhlangano, bachaze isimo, bese becela ikhadi elisha.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela