Intsha Idinga Isibonelo Esihle
1 Siyajabula ngokuba nenani elandayo lentsha ‘edumisa igama likaJehova’ phakathi kwethu. (IHu. 148:12, 13) Iningi layo liselincane kakhulu ngeminyaka. Intuthuko yayo ixhomeke kakhulu ekuqeqeshweni nasesibonelweni esinikezwa abazali nabanye abantu abadala ebandleni. Nokho, akufanele linganakwa ithonya enye intsha enalo, ikakhulukazi abeve eshumini nambili asebebadadlana kanye nabantu abadala abasebasha. Uma ukuleliqembu lobudala, lokukhulumela kungakusiza.
2 Intsha engakevi eshumini nambili ithanda ukulingisa abeve eshumini nambili asebebadadlana. Inesifiso esingokwemvelo sokufana nabangane abaseduze ebathandayo. Ithambekele ekuthandeni enye intsha endadlana futhi ebonakala inolwazi futhi ithuthukile kunayo. Ngenxa yalokho, ingase ilingise indlela okhuluma ngayo kanye nokuziphatha nokwazisa kwakho izindinganiso ezingokomoya kanye nokuhlanganyela kwakho emisebenzini engokomoya.
3 Njengomusha omdadlana, unelungelo kanye nomthwalo wemfanelo osindayo. Kwamanje, isibonelo sakho kungenzeka sinethonya kubangane bakho abasebancane. Zibuze, ‘Yiliphi ithonya enginalo kwabasebancane? Ingabe angigcwele yini ukudlala, ngiyazigwema “izinkanuko zobusha” eziwubuwula nezingafanele? Ingabe ngiyabalalela futhi ngibahloniphe abazali bami, abadala, kanye nabanye abantu abadala?’ (2 Thim. 2:22; Kol. 3:20) Lokho okushoyo nokwenzayo kungase kube isici esiyinhloko entuthukweni engokomoya yabanye abasebancane ababuka izenzo zakho.
4 Ukushumayela isigijimi soMbuso kuwumsebenzi oyinhloko webandla. Ukuhlanganyela kwakho ngokuzithandela nangezikhathi zonke kungakhuthaza abangane bakho ukuba bakhuthale ngokwengeziwe. Uma ukwazi ukungenela inkonzo yamaphayona, abangane bakho bayoshukumiseleka ukuba benze okufanayo. Ukuphendula ezifundweni nasekusizeni ngokuzithandela ekwenzeni imisebenzi edingekile eHholo LoMbuso nakho kungabeka isibonelo esihle.
5 Nakuba uThimothewu ayesevile eminyakeni eyishumi nambili lapho uPawulu emnikeza iseluleko esilandelayo, nina basha ningasisebenzisa: “Yiba-yisibonelo kwabakholwayo ngezwi, nangenkambo, nangothando, nangokukholwa, nangokuhlanzeka.” (1 Thim. 4:12) Ukuhlanganyela kwakho enkonzweni kaJehova ngentshiseko nangomphefumulo wonke kungenza abangane bakho nabasebancane abakubukayo bashukumiseleke ngendlela eyakhayo, kubasize bathuthukele ekubeni amadoda akhule ngokuphelele ngokomoya. (Efe. 4:13) Intsha eyingxenye yemikhaya esanda kuqala ukufunda ingase idonseleke eqinisweni ngenxa yalokho ekubonayo kuwe.
6 Okubaluleke ngisho nangaphezulu, inkuthalo yakho ekuboniseni izimfanelo zokwesaba uNkulunkulu iletha udumo kuJehova nasenhlanganweni yakhe. (IzAga 27:11) Abantu abaqotho abaqaphelayo bayomangala lapho bebona umehluko ophawulekayo phakathi kwakho nentsha yezwe. Ngakho ninethuba elimangalisayo lokusiza abasebancane kuyilapho nifeza ingxenye ebalulekile ekudunyisweni kukaJehova.—IHu. 71:17.