Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 6/94 k. 3
  • IZaziso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IZaziso
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1994
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1994
km 6/94 k. 3

IZaziso

◼ Isipho sencwadi sango-June: IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu? ngomnikelo ka-R3,00. Ngo-July: Noma yiziphi izincwajana ezintathu ezinamakhasi angu-32 ibandla elinazo esitokweni ngomnikelo wamasenti angu-90. Uma ibandla lingenazo izincwajana, kungasetshenziswa incwajana engangomagazini efanelekayo esikhundleni sazo. Izincwajana ezinamakhasi angu-32 akufanele zicelwe eNhlanganweni ngoba azikho, kodwa amabandla kufanele asebenzise izincwajana anazo njengamanje. Ngo-August: Kungase kusetshenziswe noma iyiphi kulezincwajana ezingangomagazini ezinamakhasi angu-32 ngomnikelo wamasenti angu-90 iyinye: “Bheka, Ngenza Konke Kube-Kusha,” IGama LaPhezulu Eliyohlala Phakade, Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu?, Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?, Iyini Injongo Yokuphila?—Ungayithola Kanjani? Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade!, nethi UHulumeni Oyoletha IPharadesi, Ngo-September: Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni ngomnikelo ka-R9,00. Izincwadi ezincane ngo-R4,50.

◼Kusukela ngo-October 3, 1994, incwadi ethi IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze! izofundwa eSifundweni Sencwadi Sebandla.

◼ Umbonisi owengamele noma othile owabelwe nguye kufanele abale izimali zebandla ngo-June 1 noma ngokushesha ngangokunokwenzeka ngemva kwalokho. Lapho lokhu sekwenziwe nazise ibandla.

◼Kubabonisi abengamele: Sinimema ukuba nithumele eNhlanganweni noma yikuphi okuhlangenwe nakho okuvelele ibandla lenu eliye laba nakho phakathi nonyaka, kuhlanganise nokuhlangenwe nakho okuphathelene nenkonzo yamaphayona asizayo kanye noSuku Lukamagazini olukhethekile, ngo-April 9, 1994. Sifuna ukukhetha okungcono kakhulu okuzofakwa embikweni wonyaka. Sizani nikuthumele engakadluli u-July 1, 1994.

◼Sisenezincwajana ezithi Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke—1994 ezitholakala ngalezilimi ezilandelayo: isiNgisi, isiSuthu, isiXhosa, nesiZulu.

◼Kusukela ngo-June 1, amanani esikhokhelo se-Nqabayokulinda ne-Phaphama! azoba u-R30,00 ngomagazini abaphuma kabili ngenyanga. Isikhokhelo sonyaka somagazini abaphuma kanye ngenyanga noma isikhokhelo sezinyanga eziyisithupha somagazini abaphuma kabili ngenyanga sizoba u-R15,00. Izikhokhelo ezithunyelwa nge-club system ngeke zibize kakhulu. Siza ubheke incwadi ka-March 21, 1994 ukuze uthole imininingwane eyengeziwe.

◼Izincwadi Ezintsha Ezitholakalayo:

NgesiNgisi: Why Should We Worship God in Love and Truth? (incwajana engangomagazini enamakhasi angu-32 yamaHindu; ibandla neningi: amasenti angu-90; amaphayona: amasenti angu-60).

◼Amakhasethi E-video Amasha Atholakalayo:

NgesiNgisi: The Bible—Mankind’s Oldest Modern Book (ibandla neningi: R45,00; amaphayona: R40,00).

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela