Ukwakha Ukholo KuMdali Wesintu
1 Abantu abaningi ensimini yethu bathi banalo ukholo kuMdali naseZwini lakhe, iBhayibheli. Ngokudabukisayo, abaningi baneliswa ukuba nje nolwazi olukha phezulu lweBhayibheli bese bengakucabangeli ukwakha ubuhlobo bomuntu siqu noNkulunkulu. Incwadi ethi Izwi LikaNkulunkulu ihlolisisa iBhayibheli ngokujulile bese inikeza ubufakazi obuqand’ ikhanda bokuthi ngempela liyiZwi likaNkulunkulu. Singabasiza kanjani abantu abaqotho abaye babonisa ukuzimisela ukulalela? Ngokwenza izimpindelo. Lapho sibuyela, kungcono sihlale sinento ethile engqondweni yokuyisho eyokwakha ukholo kuJehova njengoMdali wethu naseZwini lakhe, iBhayibheli.
2 Uma umuntu abonisa ukukholelwa eBhayibhelini, lendlela ingaphumelela ekuqaleni ingxoxo yakho:
◼ “Incwadi yesiBili kaThimothewu 3:16, 17 isho amazwi anamandla ngesiqalo seBhayibheli; ngingathanda ukwazi ukuthi wena ucabangani ngawo. [Funda bese ulindela impendulo.] Awuvumi yini ukuthi ukube abantu abaningi bebenalombono weBhayibheli, besiyoba nezinkinga ezingathi sína ezimbalwa obekuyodingeka sibhekane nazo endaweni esihlala kuyo?” Lindela impendulo. Funda isigaba 4 ekhasini 176 encwadini ethi Izwi LikaNkulunkulu. Buza umninikhaya ukuthi ungabuya yini ngesikhathi esimvumelayo ukuze nizoqhuba ingxoxo.
3 Ungaqala ingxoxo yakho ngokuthile okufana nalokhu:
◼ “Ekuhambeleni kwami okudlule, ngaphakamisa umbuzo othi, Liyini ikusasa lomuntu nomhlaba? Phawula ukuthi incwadi engakushiyela yona iwuphendula kanjani lombuzo.” Vula ikhasi 161 lencwadi ethi Izwi LikaNkulunkulu bese umkhuthaza ukuba afunde izigaba 29 no-30. Uma isithakazelo sisekhona, ungase ubuze: “Uma lokhu kuyilokho okuqukethwe isikhathi esizayo, pho-ke kungani umhlaba ugcwele ubudlova nezinye izenzo zonya?” Uma kufaneleka, leliphuzu kungaxoxwa ngalo ngalesosikhathi noma ekuhambeleni kwakho okulandelayo ngokuxoxa ngesahluko 10 sencwadi ethi Izwi LikaNkulunkulu.
4 Uma umninikhaya ayamukela incwadi ethi “Izwi LikaNkulunkulu” ekuhambeleni kokuqala, ungase uthi:
◼ “Ekuhambeleni kwethu okudlule sakhuluma ngesidingo sesiqondiso esihlakaniphile phakathi nalezikhathi ezinzima. Encwadini engakushiyela yona, kunesahluko sonke esikhuluma ngaleliphuzu. Ungathanda yini ukuza neyakho incwadi? Phawula isahluko 12 ekhasini 162, esinesihloko esithi ‘Umthombo Wokuhlakanipha Ophakeme.’ Ake sithi ukuxoxa ndawonye ngezigaba ezimbalwa zokuqala ezikulesahluko.” Funda bese uxoxa ngezigaba 1 no-2. Yenza amalungiselelo okubuyela bese niqhubeka nengxoxo.
5 Enye indlela ongaqala ngayo impindelo ingokusho lokhu:
◼ “Isintu siye sahlushwa ubuhlungu obukhulu nosizi ngenxa yobubi nokonakala. IBhayibheli, eliyiZwi likaNkulunkulu, liyachaza ukuthi kungani sibhekene nalezinkinga. [Vula ikhasi 134, bese ufunda isigaba 1 sesahluko 10.] Labo ababa nesikhathi sokuhlolisisa iBhayibheli bayokwazi ukuqonda lesisiprofetho esiphawulekayo seBhayibheli futhi bayoba nethemba lokubona lomhlaba uguquliwe waba ipharadesi elihle.” Chazela umninikhaya ngelungiselelo lethu lesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala, usikisele ukubuya ngesikhathi esizovumelana naye.
6 Abamemezeli abanokuhlangenwe nakho bayazi ukuthi kungcono kakhulu ukuhlela ukuba nezikhathi ezimisiwe zokwenza izimpindelo. Ukuba namalungiselelo aqondile okwenza lomsebenzi kuyosisiza ukuba silandelele isithakazelo ngokushesha. Thola isikhathi esingcono kakhulu kuwe nakubantu abasensimini yenu. Ngokuhlanganyela kwakho njalo kulomsebenzi, uyothola injabulo ekufezeni ukuthunywa ‘kokwenza abafundi.’—Math. 28:19, 20.