Indlela Yokuthola Ihholo LoMbuso
Landelani isinyathelo ngasinye salezinqubo zokuqala:
Hlanganani Nombonisi Wenu Wesifunda
Xoxani ngezingxenye ezifanelekile ezikuyi-Kingdom Hall Memorandum yeNhlangano.
Vulani i-akhawunti yokugcina imali yesikhwama sokwakha ibe segameni lebandla.
Misani IKomiti Yokwakha
IKomiti Yokwakha yakhiwa abadala abathathu noma ngaphezulu kutuswa ukuba kube abanokuhlangenwe nakho kwezebhizinisi noma ukwakha.
Bhekani Isiza (Iziza) Okungenzeka Nisithole, Esiphakathi Nendawo Kubamemezeli Abaningi
Izimfuneko Zesiza:
Sibe ngamamitha-sikwele angu-(±1,500); kutuswa ukuba kube indawo eqondile; indawo ebekelwe izakhiwo zenkolo; nigweme indawo ewubumba, enamadwala, nenomsindo omkhulu.
Hlanganani NeKomiti Yokwakha Yesifunda Yakini Bese Nikhetha Isiza
Umbonisi wenu wesifunda uyazi ukuthi ningathintana kanjani nayo.
Tholani Isiza Bese Nisibhalisa Ngegama Lebandla Lenu
Isibonelo: Ibandla LoFakazi BakaJehova LaseKyalami Central. Ningasibhalisi ngegama leNhlangano noma lomuntu othile.
Ngezwi lesinqumo, khethani indikimba yabantu abangaphathiswa sona. Celani amafomu eNhlanganweni.
Bhalelani iNhlangano nicele isampula lemithetho nezimiso.
Thumelani eNhlanganweni ikhophi yencwadi yesiza (noma itayitela).
Tholani Ukuthi Ninamalini
Bhekiselani ephuzwini 15 kuyi-Kingdom Hall Memorandum.—Luka 14:28.
Hlanganani NeKomiti Yokwakha Yesifunda Bese Nikhetha Ipulani YeHholo
Yibani nakho konke ukwaziswa okudingwa yiKomiti Yokwakha Yesifunda.
Uma nidinga usizo olungokwezimali, celani ifomu ye-Kingdom Hall Loan Survey kumbonisi wenu wesifunda noma eKomitini Yokwakha Yesifunda.
Thumelani ENhlanganweni Ikhophi Yepulani YeHholo Lenu
Uma iNhlangano isiwagunyazile, dluliselani amapulani esakhiwo senu kuziphathimandla ukuze nithole imvume.
Tholani Umshuwalense Ngaphambi Kokuba Niqale Ukusebenza Esizeni
Bhalelani iNhlangano ngokuphathelene nomshuwalense.
IKomiti Yokwakha Yesifunda Iyoniqondisa Nize Niqede . . .
Abadala kufanele bahlale bekhuthele.
Bambisanani ngokugcwele neKomiti Yokwakha Yesifunda phakathi nawo wonke umsebenzi wokwakha.
Yazisani iNhlangano ngokwenzekayo njengoba isakhiwo senu siqhubeka.