Ukwanda Okuqhubekayo Kwandisa Isidingo SamaHholo OMbuso
1 Esikhathini eside esidlule umprofethi kaJehova wabikezela ukuthi kufanele “kufike okunxanelekayo kwabo bonke abezizwe.” (Hag. 2:7) Ngokuqinisekile siyabubona ubufakazi bendlela ukufundisa kwaphezulu okwenza ngayo ukuba izixuku zikwazi ukufunda iqiniso futhi zibe abakhulekeli bakaJehova. Yeka indlela okuvusa amadlingozi ngayo ukwazi ukuthi eNingizimu Afrika kuphela kwabhapathizwa abantu abangu-3 877 phakathi nonyaka wenkonzo ka-1993! Ukuze siqhubeke sisiza bonke labantu abasanda kuhlanganyela, sidinga ‘ukubeka izinhliziyo zethu ezindleleni zethu’ ukuze siqiniseke ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu siwusekela ngokugcwele ngangokunokwenzeka. (Qhathanisa noHagayi 1:5.) Yebo, ingxenye ebalulekile yokusekela kwethu umsebenzi kaNkulunkulu iyaqhubeka iwukusiza ekulungiseleleni izindlu ezifanelekayo zokukhulekela zoquqaba lwabadumisi abasha bakaJehova.
2 Phakathi no-1993, kwanikezelwa amaHholo OMbuso angu-36 futhi amaningi ngokwengeziwe ayaqhubeka akhiwa eNingizimu Afrika nasemazweni angomakhelwane. Umsebenzi kaJehova ngempela uyaphakanyiswa ngaphezu ‘kwamagquma.’ (Isaya 2:2) Sekuyiminyaka emithathu manje iSikhwama SeNhlangano SamaHholo OMbuso sikhona futhi siye senza kwaba nokwenzeka ngamabandla angu-20 ukuba athole izakhiwo ezintsha zamaHholo OMbuso. Okujabulisayo ngempela kuye kwaba ukusabela kwabazalwane ekusekeleni ngokwezimali lesikhwama esisiza wonke umuntu. Izimali ezibolekwe amabandla zibuyiselwa esikhwameni kanye nenzalo eqongelelwe ukuze zonke izimali ezinikelwe ziqhubeke zisetshenziselwa ukwakha amaHholo OMbuso amasha minyaka yonke. Khona-ke, amabandla aye asizwa ngemali ebolekisayo yamaHholo OMbuso abonisa ukwazisa kwawo ngokubuyisa lemali ngokwethembeka ngokushesha ekuqaleni kwenyanga ngayinye. Esinye isici esikhuthazayo kakhulu iqiniso lokuthi amaHholo OMbuso ayisishiyagalombili kulawo anikezelwa phakathi no-1993 azikhokhela ngokwawo zonke izindleko. Kuyaphawuleka ukuthi amanye alamabandla awachumile ngokwezinto ezibonakalayo, kodwa ayezimisele ukubona ukukhulekela kweqiniso kuphakanyiswa emphakathini wakubo.
3 Usizo LwamaKomiti Okwakha Esifunda: AmaKomiti Okwakha Esifunda angu-20 asengxenyeni yensimu yethu asiza abadala abahileleke emsebenzini wokwakha ophathelene namaHholo OMbuso amasha kanye nezakhiwo ezivuselelwayo. Ayasiza ekuboneni ukuthi sikhona yini isidingo seHholo LoMbuso elisha noma ukwakhiwa kabusha kwesakhiwo bese enikeza usizo oluvela ngaphandle lapho ludingeka kusukela ngaphambi kokuba kuthengwe isiza kuze kube yilapho iHholo LoMbuso seliphelile. Ibandla ngalinye labelwa kweyodwa yalamakomiti.
4 Izinkulungwane zezisebenzi zokuzithandela ziye zahlanganyela kulomkhakha wenkonzo engcwele. Lezizisebenzi zokuzithandela, kuhlanganise nochwepheshe nabanamakhono athile omsebenzi, banikela ngesihle ngesikhathi sabo nomzamo ezindabeni ezinjengokuthenga isiza, ukugcwalisa amaphepha angokomthetho, ukuklama isakhiwo, nokwenza uhlu lwezinto zokwakha okufanele zithengwe. Bayasiza nangokuthenga izinto ezisezingeni eliphezulu ngamanani akahle, ukuqeda umsebenzi wokuqala esizeni, nokwengamela umsebenzi wokwakha. Okunjalo ukuphana ngokungagodli ngempahla yabo abayinikelele izithakazelo zoMbuso kuyatuseka kakhulu futhi kuletha izibusiso ezicebile ezivela kuJehova.—IzAga 11:25.
5 Abadala kufanele baxhumane neKomiti Yokwakha Yesifunda yendawo yakubo lapho ibandla lakubo liqala ukucabangela ukuvuselela iHholo LoMbuso elikhona noma ukwakha elisha. Kungani? Amakomiti esifunda aneziqondiso ezingasiza amabandla ekukucabangeleni kwawo kokuqala lokho. Ukukhetha isiza kuhilela izici eziningi ngaphezu kwemali yokuthenga isiza. Ezinye izinto zingenza inani lokuthenga isiza limbe eqolo, njengomsebenzi omkhulu wokulungisa isiza, ukususa izinto eziwushevu, noma imidanti engokomthetho. Uma ibandla lidinga usizo olungokwezimali eNhlanganweni, umbonisi wesifunda noma ikomiti yesifunda inamakhophi efomu le-Kingdom Hall Loan Survey futhi bangabasiza abadala bebandla ukuba bayigcwalise. Okunye, ababonisi besifunda bangabonisa ikhono lokubona izinto kusengaphambili ngokuqaphelisa abadala abasezindaweni ezingamadolobha ezithuthukayo lapho kuphakama isidingo sokuthola isiza seHholo LoMbuso elisha.
6 INhlangano iye yanikeza amaKomiti Okwakha Esifunda amapulani asikiselwe amaHholo OMbuso. Ngaphambi kokuba bakhethe ipulani ethile, abadala bebandla kufanele bathintane nekomiti yesifunda bese bexoxa ngayo yonke ipulani yesakhiwo, besebenzisa amapulani eNhlangano njengesiqondiso. Lokhu ngeke nje kuphela kunciphise izindleko zokuthuthukisa indawo kodwa kuyosiza nebandla ukuba likhethe isakhiwo esizothile kodwa esisebenzisekayo futhi esiyovumelana nendlela yokwakha ngokushesha, lapho isisetshenziswa khona.
7 Kufanele kugcinwe amarekhodi ezimali aqondile nanemininingwane. Abazalwane abanolwazi baye bazinikela ngokuzithandela ukuba basebenze namakomiti esifunda ukuze basize amabandla ekusunguleni isimiso sokugcinwa kwamabhuku ezimali nokusilondoloza size siphele isakhiwo. Abanye abafowethu abasebenza namaKomiti Okwakha Esifunda basiza amabandla ukuba agcwalise amafomu okucela imali ebolekisayo nawokufaka izicelo. Lokhu kuyasiza kakhulu ngoba ngokuvamile abadala bendawo abasebenzi ngokuqhubekayo ngamarekhodi anjalo ezimali amaHholo OMbuso njengoba kunjalo ngabazalwane abanokuhlangenwe nakho nabaqeqeshwe kahle. Ekupheleni kwesakhiwo ngasinye, ikomiti yesifunda kufanele inikezwe ikhophi yamarekhodi aphelele ezimali aso sonke isakhiwo. IKomiti Yokwakha Yesifunda nayo kufanele iqikelele ukuthi iNhlangano ithola ikhophi ebonisa ukuthi imali yesakhiwo ngasinye isetshenziswe kanjani. Kodwa uma kuziwa ekulinakekeleni okuvamile, ukulungisa okuthile, kanye nezindleko ezihlobene nalokho zeHholo LoMbuso eselikhona, ibandla ngalinye liyozisingathela ngokwalo lokhu. Uma linakekelwa zinyanga zonke, kwenza singabibikho isidingo sokuba ngemva kweminyaka embalwa kwenziwe ukuvuselela okukhulu okubizayo. Indikimba yabadala kufanele iqhubeke ibekela eceleni izimali zalomsebenzi. Ukuba nombono wokucabangela izinto kusengaphambili kwenza umthwalo weKomiti Yokwakha Yesifunda ube lula, uyenze ikwazi ukunakekela umsebenzi obalulekile wezakhiwo ezivuselelwayo nezintsha.
8 Ababukele Bahlabeka Umxhwele: Ukusebenza okusobala komoya ongcwele kaJehova kubazalwane abasebenza ezakhiweni zamaHholo OMbuso kuye kwaba ubufakazi kwabanye. Umuntu wezwe washukunyiswa imiphumela yeHholo LoMbuso elakhiwa ngokushesha eVosloorus, kangangokuba washayela abomsakazo ucingo ukuze azwakalise injabulo yakhe ngalokho okwakufezwa oFakazi BakaJehova naphezu kwenxushunxushu ekulelizwe. Kwesinye isenzakalo, indikimba yabadala yasenyakatho Ntilasifali yabhala: “Ukwakhiwa kwalelihholo kube nethonya ezibukelini. Amabhasi, amatekisi, nezimoto kwakuma ukuze abagibeli baqiniseke ukuthi lokho ababekubona kwenzeka kwakuyiqiniso yini. Omunye usomabhizinisi waphawula: ‘Zinsizwa, manje nibonisa uthando nobunye engiye ngafunda ngakho eBhayibhelini. Ngempela niwukuphela kweqembu elibonakalisa ubuKristu beqiniso.’ . . . Inkosi yesigodi esithile yathi: ‘Ngiyawazisa umoya lomsebenzi ofezwe ngawo. . . . Ngempela, ukube abezombangazwe bebesebenza njengani, ukubulala esikubona namuhla bekungeke kube khona. Ngakho, ngithanda ukuqinisekisa ukuthi inkolo yenu ivumelekile ukusebenza nokuqhuba imihlangano nganoma isiphi isikhathi esivumelana nani. Ayikho nhlobo imithetho enivimbelayo.’”
9 “‘Akukholeki!’ waphawula kanjalo othile owayebuka njengoba izisebenzi zokuzithandela ezingaphezu kuka-300 ezivela ezinhlangeni ezihlukahlukene zihlanganyela emsebenzini wokwakha omangalisayo eMhluzi,” kubika iphephandaba lendawo. IKomiti Yenkonzo Yebandla eyayivela kwesinye isifunda yabhala okulandelayo: “Abantu bendawo babamba ongezansi lapho bebona iHholo LoMbuso lakhiwa ngezinsuku ezimbili kangangokuba beza ukuze balithinte bezwe ukuthi yizitini zangempela yini esasizisebenzisa. . . . Abanye abantu beza bazocela isifundo seBhayibheli ngenxa yalokho ababekubona.”
10 Lapho amakhulu ezisebenzi zokuzithandela efika esizeni esisenyakatho nePitoli ezosiza ngomsebenzi wakwakha iHholo LoMbuso, ibandla labansundu lasendaweni lawavulela amakhaya abo. Yeka indlela omakhelwane abamangala ngayo lapho bebona amatende egxunyekwa ngemuva kwezindlu, nomahambanendlwana bepaka ezindledlaneni ezingena emakhaya. Bamangala ngisho nakakhulu lapho bebona ukuthi eziningi zezivakashi zabo zazingabamhlophe!
11 Kudingeka Izisebenzi Zokuzithandela Ezengeziwe: Amakomiti esifunda afuna ukusebenzisa amakhono akubazalwane abasemabandleni azohlanganyela emaHholo OMbuso amasha noma avuselelwayo. Asebenza futhi nabanye abazalwane bendawo, ikakhulukazi abadala nezinceku ezikhonzayo, ukuze abaqeqeshele ukwenza imisebenzi esuke ikhona. Lapho sebeye bathuthukisa amakhono adingekayo azoba yinzuzo ekwakheni iHholo LoMbuso, labazalwane abavuthiwe ngokomoya kamuva bangasiza kwezinye izakhiwo zamaHholo OMbuso ezihlelwayo esifundeni abakuso. Ngakho, labo abahlanganyela namabandla ahileleke emsebenzini wokwakha iHholo LoMbuso kudingeka babonise umoya ovumayo nowokubambisana, bangalindeli ukuthi ikomiti yesifunda nalabo abasebenza nayo bayonakekela wonke umsebenzi weHholo labo LoMbuso. (Neh. 4:6b) Ngemva kokuthola ukuqeqeshwa, abazalwane kufanele bashukunyiswe uthando ukuba basize ekwakheleni amanye amabandla amaHholo OMbuso nawo anesidingo esiphuthumayo sezakhiwo ezintsha noma ezithuthukisiwe.—Neh. 5:19; Fil. 2:3, 4.
12 Abamemezeli ababhapathiziwe abanamakhono amahle futhi abanokuma okuhle ebandleni bakhuthazwa ukuba basize ngokuzithandela kulesisabelo esikhulu somsebenzi. Kudingeka kokubili amakhono okwakha nokungewona awokwakha. Izisebenzi zokuzithandela zingathola amafomu adingekayo kumbonisi owengamele noma unobhala ebandleni lazo futhi zibonise umsebenzi ezichwepheshile kuwo noma umkhakha othile, onjengenkonzo yezokudla, ukulondeka, ukunakekela izinto zomsebenzi, ukugcinwa kwamabhuku ezimali, kanye nokugcwaliswa kwamaphepha angokomthetho. (Lapho ibandla lidinga amafomu engeziwe ezisebenzi zokuzithandela, lingawacela ngama-oda ezincwadi athunyelwa eNhlanganweni.) Ukusabela ngalendlela kuwubufakazi bothando lwethu ngomakhelwane bethu abaseduze kakhulu—abazalwane bethu abangamaKristu.—Math. 7:12; 22:39; Joh. 13:35.
13 Usizo Lwezisebenzi Zokuzithandela Luyaziswa: Abambalwa abaqapheli ukuthi kuwumsebenzi omkhulu kangakanani ukuqeda isakhiwo esinjengalesi kuze kube yilapho behileleka ngokoqobo emsebenzini wokwakha iHholo LoMbuso. Ngemva kokuba kuqedwe esinye isakhiwo seHholo LoMbuso, abadala babhala: “Isiqondiso sesineke esasithola kubazalwane beKomiti Yokwakha Yesifunda saba yisibusiso esikhulu kithi. . . . Phakathi naso sonke isikhathi sokwakha, kwakunezikhathi eziningi kakhulu lapho abazalwane babesuka ezindaweni ezikude, bachithe amahora amaningi, banikele ngemishini kanye namathuluzi abo, baze ngisho banikele nangempahla yokwakha, konke bekwenzela ukusisiza ekwakheni iHholo lethu LoMbuso elisha. Umoya wokupha walabazalwane uwukubonakaliswa okukhulu kokuthi ‘bathanda abazalwane,’ futhi yeka ukuthi lokho kuye kwaba isikhuthazo kanjani kithi!—1 Pet. 2:17.”
14 Umoya ovumayo kanye nentshiseko yabazalwane kusobala, njengoba elinye ibandla labhala: “Siyanibonga ngabazalwane nodade abanomoya ovumayo abasebenza kanzima kangangokuba kwamangala bonke abantu ababebukele.” Ayiqiniso ngempela amazwi eHubo 133:1, 3: “Bheka, kuhle, kumnandi kangaka ukuba abazalwane bahlalisane ndawonye bemunye.” Ezinye izisebenzi zokwakha amaHholo OMbuso zathatha amaholide emsebenzini ukuze zisize ibandla elingumakhelwane esakhiweni salo seHholo LoMbuso. Ngenxa yalokho, amalungu ebandla elisizwayo abonisa ukwazisa okuqotho ngokuthi awusekele ngokugcwele umsebenzi. Umdala osebenza nekomiti yesifunda ethile wabhala ezwakalisa indlela okwakuyilungelo ngayo ukukhonza abazalwane bakhe. Waphawula ukuthi “amabandla ayakhuthazwa kakhulu abazalwane abahamba amabanga amade bezowasiza ukuba afeze ukuzinikezela kwawo kuJehova. . . . Ngempela, siwubuzalwane obunothando!” Omunye udade wayichaza ngalendlela imizwa yakhe: “Angikwazi ukuzibamba ngingazwakalisi ukubonga kwami ngenjabulo engaba nayo esakhiweni seHholo LoMbuso laseSpruitview. Leli sekuyihholo lesithathu engihlanganyela ekulakheni.”
15 Encwadini eyayilibhalele iKomiti yalo Yokwakha Yesifunda ibandla elithile lasho lokhu: “Lencwadi siyibhalela ukunibonga kakhulu! Naphuthelwa imihlangano yenu yebandla, ukulala, injabulo yokuba nemikhaya yenu, isikhathi senu sokuzilibazisa, inkonzo yenu yasensimini, kanye nokunye okuningi, ukuze nje nizosakhela ihholo. Asikufanelekeli ngempela lokho enisenzele khona. Sizizwa sineqholo ngempela futhi kuwudumo ukuhlanganyela namadoda afanelekayo nazinikele njengani bafowethu. Sithanda nokubonga imikhaya yenu eyasebenza nani ngokungazigodli njalo ilokhu inobuso obumamathekayo, ibekezelela umoya, ukushisa nokubanda. Siyaphinda, sibonga siyanconcoza. ‘UJehova anikhumbule kube-kuhle kini.’—Nehemiya 13:31.”
16 Ukulondeka KweHholo LoMbuso: Ukugqekezwa kwamaHholo OMbuso kuye kwanda ngokuqhubekayo. Ezimweni eziningi kuye kwebiwa imishini yezikhulisa-mazwi. Ukusikisela okulandelayo kufanele kusize ngokwezinga elithile, ekunciphiseni lenkinga: (1) Fakani yonke imishini yezikhulisa-mazwi ebizayo ebhokisini eliyinsimbi eliqinile (liyatholakala ezitolo) bese niqikelela ukuthi nisebenzisa isihluthulelo esiqinile ukuze kulondeke enikufake ngaphakathi; (2) lelibhokisi kutuswa ukuba ningalibeki endaweni esobala, bese nilishayelela phansi noma odongeni ngamabholidi; (3) bhalani ngokungacimeki igama lebandla kuzo zonke izinto zenu enizisebenzisayo, ngaleyondlela niyokwenza amaphoyisa akwazi ukuzithola bese ezibuyisa izinto ezintshontshiwe.
17 Imigoqo yensimbi eqinile kanye namasango kuba yisithiyo ezigebengwini. Kwezinye izimo, isakhiwo naso kudingeka sibiyelwe. Izindonga zokubiyela isakhiwo azituswa ngoba zifihla isigebengu emehlweni omakhelwane. Uma izinkinga ziqhubeka, nakanjani kungase kudingeke nifake izibani ezizikhanyelayo, kanye ne-alamu kuso sonke isakhiwo. Abadala bakhuthazwa ukuba bathathe izinyathelo ezifanele ngokuphathelene nalokhu njengoba kuhileleke izimali ezinikelwe.
18 Ezingxenyeni eziningi zezwe amabandla aye anezela indlu yokuhlala eHholo LoMbuso ngenjongo yokulondeka, uma kunjalo situsa ukuba ibandla lifake ucingo futhi lubhaliswe egameni lalo. Ngaleyondlela umuntu ogada isakhiwo uyokwazi ukucela usizo lapho kunesimo esiphuthumayo. Kuwumthwalo wemfanelo womuntu ogadayo ukuba azikhokhele izingcingo zakhe siqu. Ngaphezu kwalokho, indikimba yabadala kufanele ibhale phansi isivumelwano esingenamicikilisho esenze nomuntu ogadayo esiphathelene nentela, imingcele angasebenza agcine kuyo, imithwalo yemfanelo, kanye nesaziso esidingekayo sokuthi useyayeka ukuhlala ehholo.
19 Iminikelo Yezimali Iyaqhubeka Isiza: Iminikelo yokupha eya eSikhwameni SeNhlangano SamaHholo OMbuso iye yawasiza amabandla esikhathini esidlule futhi ngokuqinisekile iyoqhubeka yenza kanjalo esikhathini esizayo. Ingabe uJehova uNkulunkulu ngokwakhe akaholi yini ekupheni ngokungenabugovu? (Jak. 1:17) Nakuba kuyiqiniso ukuthi amandla ethu namathuba okupha akufani, singase sithole ukuthi ngokushintsha indlela esisebenzisa ngayo lokho esinakho, singahlanganyela ngokugcwele ekusekeleni umsebenzi wokwakha. Ukupha okunjalo ngokuqinisekile kuletha injabulo enhliziyweni kaJehova, kanye nesikhuthazo esikhulu kubafowethu.
20 Kunesidingo esikhethekile samaHholo OMbuso emadolobheni amancane nasezindaweni zasemaphandleni ensimini yethu. Sithanda ukuwakhuthaza lamabandla ukuba phakathi no-1994 asebenze kanzima ukuze afinyelele lomgomo. Ngenxa yokuphuthuma kwezikhathi zethu, ningakuhlehlisi ukuthola indawo efanelekile yokuhlangana. Abadala bakhuthazwa ukuba bangabe besapholisa maseko, bavule i-akhawunti yokugcina imali yeSikhwama SeHholo LoMbuso. Lapho ibandla lingenakukwazi ukukhokha imali ebolekiswa yiNhlangano, kusafanele lenze umzamo wokwakha ngemali yalo.
21 “Isixuku esikhulu” sisabela ngokuqhubekayo esigijimini soMbuso namuhla. “Okunxanelekayo” kugelezela ethempelini likaJehova elingokomoya, futhi ‘ugcwalisa indlu yakhe ngenkazimulo.’ (IsAm. 7:9; Hag. 2:7) NjengamaJuda athembekile osuku lukaHagayi, kwangathi singagxilisa izinhliziyo zethu emsebenzini kaNkulunkulu, sisisekele ngokugcwele isidingo esiphuthumayo samaHholo OMbuso engeziwe. Ngisho nakuba eminyakeni yamuva kuye kwakhiwa amaHholo OMbuso amaningi, ukwanda kuqhubeka ngesivinini esikhulu futhi nangaphandle kwalokho kusenamabandla amaningi asahlanganyela ezindaweni ezingezinhle. Ukuqhubeka kwethu sisekela iSikhwama SeNhlangano SamaHholo OMbuso kuyindlela enhle kakhulu yokuhlanganyela emsebenzini kaNkulunkulu.