Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 8/93 k. 5
  • IZaziso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IZaziso
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
km 8/93 k. 5

IZaziso

◼ Izincwadi ezizosetshenziswa phakathi no-August no-September: Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni ngomnikelo ka-R9,00. Izincwadi ezincane zingu-R4,50. Ngo-October: Isikhokhelo se-Phaphama! noma se-Nqabayokulinda ngomnikelo ka-R19,00 komagazini abaphuma kabili ngenyanga. Izikhokhelo zonyaka zomagazini abaphuma kanye ngenyanga kanye nezezinyanga eziyisithupha zomagazini abaphuma kabili ngenyanga zingu-R9,50. Ngo-November: IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu? ngomnikelo ka-R3,00.

◼ Ibandla ngalinye lizothola amafomu amathathu oKubalwa Kwezincwadi (S-AB-18). Unobhala webandla kufanele ahlangane nomphathi wezincwadi ekuqaleni kuka-August futhi bamise usuku lokubala isitokwe sebandla sezincwadi ekupheleni kwenyanga. Kumelwe kubalwe zonke izincwadi ezisesitokweni, futhi izingqikithi kumelwe zifakwe efomini loKubalwa Kwezincwadi. Inani eliyingqikithi lomagazini abakhona lingatholakala kumphathi kamagazini. Sicela nithumele ikhophi yokuqala eNhlanganweni kungakadluli u-September 6. Gcinani ikhophi yesibili emafayilini enu. Ikhophi yesithathu ingase isetshenziselwe ukubala. Ukubala kufanele kuqondiswe unobhala, futhi ifomu eligcwalisiwe kufanele lihlolwe futhi lisayinwe umbonisi owengamele.

◼ Abamemezeli abahlela ukuqala inkonzo yamaphayona avamile ngo-September 1, 1993, kufanele bafake izicelo ngokushesha. Izicelo kufanele zithunyelwe eNhlanganweni engakapheli u-August. Sicela nibukeze izigaba 21 kuya ku-26 zesenezelo se-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-August 1986.

◼ Unobhala webandla uzohlanganisa imibiko yenkonzo ukuze ifakwe efomini loMbiko Webandla Ohlaziyiwe (S-10). Futhi uzomnikeza iziyalezo ngokucophelela noma yimuphi umdala noma inceku ekhonzayo oyobe esiza ekuhlanganiseni umbiko. Lokhu kuyoqinisekisa ukunemba kokuhlelwa kokwaziswa okudingekayo okusemakhadini athi Irekhodi Lommemezeli Lebandla (S-21). Ifomu loMbiko Webandla Ohlaziyiwe (S-10) kufanele ligcwaliswe ngokunembile nangobunono futhi lihlolisiswe ikomiti yenkonzo.

◼ Amakhadi amabheji omhlangano wesigodi ka-1993 kufanele a-odwe futhi imali yawo iyofakwa kuyi-akhawunti yezincwadi yebandla ikhadi ngalinye lingamasenti ayisikhombisa. Amabandla angenayo i-akhawunti eNhlanganweni noma anesikweletu kuyi-akhawunti yawo kufanele athumele i-oda nemali. Sicela ni-ode ahamba ngama-20 eqoqweni ngalinye uma kungenzeka. Amakhadi amabheji atholakala ngesiBhunu, isiNgisi, isiPutukezi, isiSuthu, isiXhosa, nesiZulu. Sicela nithumele i-oda lenu ngefomu elivamile i-Literature Order (S-AB-14). Lama-oda kufanele afike eNhlanganweni ngaphambi kuka-November 1, 1993. Ngemva kwalokho ngeke sisathumela ama-oda amabheji.

◼ SIZANI NIPHAWULE: Izinsuku zomhlangano wesigodi waseMpangeni zishintshelwe ku-December 9-12, 1993.

◼ Sikhumbuza WONKE AMABANDLA ukuba asize a-ode amakhadi i-Advance Medical Directive/Release nama-Identity Card ngokushesha ngangokunokwenzeka ngefomu elivamile i-Literature Order (S-AB-14). Amabandla anesikweletu kuyi-akhawunti yawo yezincwadi kufanele athumele ama-oda awo nemali. Amakhadi e-medical directive ngokuvamile angamasenti ayishumi lilinye futhi ama-Identity Card angamasenti ayisikhombisa lilinye. Sicela ningaqale niwanikeze abamemezeli lamakhadi, kodwa wagcineni kuze kube yilapho nithola ezinye iziyalezo eNhlanganweni.

◼ Izincwadi Ezintsha Ezitholakalayo:

NgesiTsonga: Hubani Izindumiso zikaJehova (Elincane; ibandla neningi: R4,50; amaphayona: R3,00).

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela