IZindaba Ezingokwasezulwini
ECambodia: Ngo-February 8, 1993, kwamukelwa incwadi engokomthetho enikeza imvume yokwakha ihhovisi lomsebenzi wethu futhi evula indlela yokuba izithunywa zevangeli zingene kulelizwe. Siyajabula ngokuthi ngemva kweminyaka engaphezu kwengu-25, izindaba ezinhle ziyaphinda zishunyayelwa ngenkululeko eCambodia.
EJapane: Inani labo elisha eliphakeme labamemezeli ngo-March lalingu-177 591.
ELiberia: Phakathi no-March abazalwane bakwazi ukuba nowabo uMhlangano Wesigodi “Wabaphathi Bokukhanya” endaweni yeNhlangano eseduze nehhovisi legatsha. Inani eliphakeme lababekhona lalingu-2711, futhi kwabhapathizwa abangu-78.
EPhilippines: Ngo-March kwafinyelelwa inani elisha eliphakeme labamemezeli abangu-115 044.