Yenza Inkonzo Yakho Ngomphefumulo Wonke
1 Njengabafundi bakaJesu, siye sabelwa ukushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu nokwenza abafundi bakaJesu Kristu. (Math. 24:14; 28:19, 20) Awukho omunye umsebenzi kulomhlaba ophuthuma njengalona nobaluleke njengawo. Ukuphila kwezigidi zabantu kuhilelekile. Uyakufanelekela ukuba senze konke okusemandleni ethu. Isiyalo sikaPawulu sisebenza kahle: “Konke enikwenzavo kwenzeni [ngomphefumulo wonke]‚ kungathi kwenzelwa iNkosi.” (Kol. 3:23) “Ukwenza ngomphefumulo wonke” kuchazwa njengokuba “nentshiseko ejulile noma ukuzinikela okugxile entweni eyodwa.” Ingabe inkonzo yakho uyenza ngomphefumulo wonke?
2 Yini edingekayo ukuze senze ngomphefumulo wonke? UJehova wabiza inkonzo eyamukelekayo ngokuthi okweshumi, noma ingxenye yeshumi. (Mal. 3:10) Kunokunquma isikhathi esithile, ingxenye yeshumi imelela isikhathi nomzamo esikunikela enkonzweni kaJehova njengesibonakaliso sothando lwethu ngaye nokuqaphela ukuzinikezela kwethu kuye. (wZU92 12/1 k. 15) Umsebenzi wethu kufanele ubonise ukujula kokuzinikela kwethu kuJehova nothando ngaye. Umuntu owenza ngomphefumulo wonke uzizwa ebophekile ukukhonza uJehova ngokugcwele ngangokunokwenzeka kuye ngezinga impilo yakhe nezimo okumvumela ngalo.
3 UPawulu watusa amaKristu ‘azikhandlayo nashikashikekayo’ ngenxa yethemba. (1 Thim. 4:10) Avuzwa ngesibusiso sikaJehova, ‘esiwacebisayo.’ (IzAga 10:22) Ngokuphambene, labo abapha kancane noma ngokuzigodla abayitholi injabulo eza ngokupha. (IzE. 20:35) Ukudebeselela ukunikela ngokungcono kakhulu esinakho empeleni kuwukuphanga uJehova ‘okweshumi’ okumfanele.—Mal. 3:8.
4 Ukunikela Ngokungcono Kakhulu Esinakho: Lapho sihlanganyela enkonzweni yasensimini futhi silethe umbiko wethu, ingabe umbiko usuke uqondile? Incwadi ethi Ukufeza Inkonzo Yethu, ikhasi 104, ithi: “Isikhathi sakho senkonzo yasensimini kumelwe siqale lapho uqala umsebenzi wokufakaza futhi siphele uma uqeda kumuntu wokugcina ofakaza kuye. Isikhathi esisetshenziselwa iziphuzo noma ukudla phakathi nesikhathi senkonzo yasensimini akumelwe sibalwe.” Kudingeka ukuhlela okuhle nomzamo ukuze kufezwe okuningi phakathi nesikhathi senkonzo yasensimini.
5 Ukunikela ngokungcono kakhulu esinakho kusho ukuthi senze konke esingakwenza lapho sihlanganyela enkonzweni. Umuntu owenza ngomphefumulo wonke ngeke ngenhloso alinganisele ukushumayela kwakhe emizamweni ayenza ngezikhathi ezithile yokufakaza ngokwethukela kunokuhlanganyela emsebenzini wendlu ngendlu. Ummemezeli osemusha, ongakabhapathizwa owenza ngomphefumulo wonke, ubengenakuhamba ayoshumayela lapho kuphela ephoqelelwa abazali bakhe, engabonisi sithakazelo ekuyeni endlini ngendlu noma ekuhlanganyeleni ekunikezeni intshumayelo.
6 UPawulu usikhuthaza ukuba silondoloze inkuthalo yethu ukuze singabi buthuntu. (Heb. 6:11, 12) Yeka ukuthi kujabulisa kanjani ukukwazi ukubukeza inkonzo yethu siqu futhi singabi nasizathu sokuba namahloni—ngenxa yokuthi besenza ngomphefumulo wonke! (2 Thim. 2:15) Siyoba nenjabulo enkulu lapho sibona phakathi kwabasinde osizini olukhulu labobantu abaye basizwa yithina uqobo. Ngokuqinisekile, uJehova ubavuza ngokucebile labo abamkhonza ngomphefumulo wonke.